Kungani Beyishiya Inkolo?
PHAKATHI nekhulu le-19 leminyaka, kwakungekho sakhamuzi ePrussia (manje okuyinyakatho yeJalimane) esasingathi asilona ilungu lesonto elithile. Eqinisweni, ukuba umuntu amane ashiye inkolo evamile aguqukele enkolweni engagcini inkambiso evamile kwakungamenza aqashwe ngeso elibukhali amaphoyisa. Yeka ukuthi izimo ziye zashintsha kanjani!
Namuhla, inani elikhulu labantu baseJalimane liyasula emasontweni. Kubikwa ukuthi oyedwa kwabane uthi akalona ilungu lenkolo. Kubonakala isimo esifanayo e-Austria naseSwitzerland. Uma inkolo iphila ngamalungu, khona-ke, ngokwendlela umlobi ongumJalimane uReimer Gronemeyer akubeka ngayo, “amasonto aseYurophu ophela ukufa.”
Okwenza Bayiyeke Inkolo
Kungani abaningi beyiyeka inkolo ehleliwe? Ngokuvamile, kungenxa yezizathu zemali, ikakhulukazi emazweni lapho amalungu kudingeka akhokhe intela yesonto. Abaningi bayabuza, ‘Kungani kufanele imali yami engiyisebenzele kanzima iye esontweni?’ Abanye bacasulwa ingcebo namandla amakhulu ngokumangalisayo esonto. Cishe bavumelana noKhadinali uJoachim Meisner waseCologne, eJalimane, owathi ingcebo yesonto kungenzeka ukuthi iye yaholela ekubeni isonto linake kakhulu izinto ezibonakalayo “lingakunaki kangako ukuba nokholo kuKristu.”
Abanye baphuma emasontweni abo ngenxa yokuthi bathola ukuthi ababangela isithukuthezi, awathakazelisi, awakwazi ukwanelisa isidingo sabo esingokomoya. Babulawa indlala eyabikezelwa umprofethi u-Amose, ‘okungeyona indlala yesinkwa, kungekhona ukomela amanzi, kepha eyokuzwa amazwi kaJehova.’ (Amose 8:11) Ngenxa yokuthi abakutholi ukondliwa enkolweni yabo, bayayiyeka.
Nakuba izinkinga okubhekenwe nazo kuyizinkinga zangempela, ingabe kuyafaneleka ukuyeka konke okuphathelene nenkolo? Cabanga ngendoda elambile ebona okuthile okubonakala kufana nesinkwa. Nokho, lapho izama ukusidla, ithola ukuthi senziwe ngezimvuthu zokhuni. Ingabe izowuyeka umqondo wokudla nowokwanelisa iphango layo? Cha, izofuna ukudla kwangempela. Ngokufanayo, uma inkolo ingasanelisi isidingo esingokomoya samalungu ayo, ingabe kufanele ayeke inkolo? Noma ingabe ayohlakanipha ngokwengeziwe afune indlela yokwanelisa iphango lawo elingokomoya? Yilokho abaningi abaye bakwenza, njengoba isihloko esilandelayo sibonisa.