Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 7/1 k. 7
  • Ukufunda Emaphutheni Angesikhathi Esidlule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufunda Emaphutheni Angesikhathi Esidlule
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukuvunywa Kwezono Okuholela Ekululameni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Isihe SikaJehova Sisivikela Ekuphelelweni Yithemba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 7/1 k. 7

Ukufunda Emaphutheni Angesikhathi Esidlule

IMITHETHO yokuziphatha yoMdali wethu ingeyaphakade futhi ayishintshi. Ngenxa yalesi sizathu isimiso esikweyabaseGalathiya 6:7 siyasebenza namuhla: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” Yiqiniso, umuntu angase aphike ukuthi uyolandisa kuNkulunkulu, kodwa lo mthetho waphezulu uhlala unjalo. Ekugcineni, akukho muntu ongabhekani nemiphumela yezenzo zakhe.

Kuthiwani ngomuntu ophila ukuphila okuphambene nokulunga abese eshintsha, abe inceku kaNkulunkulu? Kungase kudingeke aphile nemiphumela yokuphila kwakhe kwangaphambili. Nokho, lokho akusho ukuthi uNkulunkulu akamthethelelanga. Ukuphinga kweNkosi uDavide noBati-Sheba kwayilethela usizi olukhulu ekuphileni. Yayingenakukubalekela lokhu. Kodwa yayiphendukile, futhi uNkulunkulu wayeyithethelele.—2 Samuweli 12:13-19; 13:1-31.

Ingabe wake wazizwa udangele lapho ubhekana nemiphumela yamaphutha owenzile? Uma kubhekwa ngendlela efanele, ukuba nomuzwa wokuzisola kungaba isikhumbuzo kithi sokuba ‘sixwaye ukuba singabhekisi ubuso bethu ebubini.’ (Jobe 36:21) Yebo, ukuba nomuzwa wokuzisola kungasisiza ukuba sigweme ukuphinda ububi. Okuzuzisa nakakhulu, uDavide wasebenzisa ulwazi aluthola esonweni asenza ukuze angazuzisi yena kuphela kodwa nabanye. Wathi: “Ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.”—IHubo 51:13.

[Izithombe ekhasini 7]

UDavide wafunda esonweni asenza noBati-Sheba

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela