Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 8/15 kk. 25-26
  • Indlela Yokuphayona—Okuhlangenwe Nakho Okuwusizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuphayona—Okuhlangenwe Nakho Okuwusizo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Ukuhlela—Isikhathi Nemali
  • Ukubambisana Komkhaya
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • UJehova Uyayisekela Impi Yakhe Yezikhonzi Zesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 8/15 kk. 25-26

Indlela Yokuphayona—Okuhlangenwe Nakho Okuwusizo

“YINI engivimbelayo . . .” kwakuyingxenye yombuzo ngobhapathizo owabuzwa ngumEtiyopiya kuFiliphu umvangeli.—IzEnzo 8:36, NW.

Kodwa singabuza umbuzo ofanayo othinta amaKristu amaningi namuhla. Kungenzeka ukuthi usuye wawucabangela kakade umbuzo wena ngokwakho. Nanku: ‘Yini engivimbela’ ukuba ngiphayone?

Esimweni sakho umbuzo ungase ube ukuthi: ‘Yini engivimbela ukuba ngingenele inkonzo yobuphayona?’ Mhlawumbe ungase ube nomuzwa wokuthi umbuzo wangempela uwukuthi: “Ngingaqhubeka kanjani njengephayona?’ Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini okuthile okuhlangenwe nakho okungokoqobo ekuphileni kwamanye amaKristu kungasisiza. Make silaleleke amaphayona athile aphumelelayo najabulayo.

Ukwenza Ukuhlela—Isikhathi Nemali

Ukuze ube iphayona futhi uqhubeke njengalo kumelwe ube nesifiso sothando sokukhonza uJehova ngenhliziyo yakho yonke, umphefumulo, ingqondo namandla. (Mathewu 22:37-39) Kumelwe ube nomuzwa ojulile ngokubaluleka kokusakaza isigijimi sikaNkulunkulu sesixwayiso namuhla nokusiza abantu bangene endleleni eholela ekuphileni isikhathi sisekhona. Futhi udinga ngokuqinisekile umoya ongcwele kaNkulunkulu nesibusiso. Nokho ukukhathalela okuthile kungase kufike engqondweni yakho, okunjengokuthi ungaba kanjani nesikhathi esanele nemali. Abaningi kuye kwadingeka ukuba bahlele ukuphila kwabo nesimiso ukuze bathole isikhathi sokuphayona. Okuhlobene nalokho, kungase kudingeke ukuba uhlele umsebenzi wakho wokuziphilisa ukuze ukwazi ukuqhubeka uzondla ngokwakho ngenkathi uphayona. Ingabe lokho kungenzeka?

Umbhangqwana ePomona, eCalifornia, wabhekana nalowombuzo. Umzalwane uyachaza ukuthi iqiniso wayelokhu engalithathi ngokungathi sína futhi “wayehileleke kakhulu emculweni werock nokuthile ukuphuza kakhulu. Kodwa inkulumo emhlanganweni wesifunda ngo-1979 yamenza wazibuza ngokungathi sína: ‘Ingabe ukuphila kwami kubonisa isifiso sangempela sokuba isimiso samanje sezinto esingcolile sigudluzwe.’ Ngemva kokuba yena nomkakhe bexoxile ngalokhu, baqaphela ukuthi ezimweni eziningana babengasisebenzisi iseluleko sokwesaba uNkulunkulu, ngakho-ke banquma ukuba bahlele indlela yabo yokuphila futhi basebenzele ukuphayona. Uyabhala: “Ngeke wazikholwa zonke izinguquko okwakumelwe sizenze. Sathengisa ngendlu yethu futhi sagudlukela kukaravani. Saqeda ukuzilibazisa kwethu kwasebusuku okwakungokumosayo. Ngathengisa ibhizinisi lami elalingenisa imali engama-R1, 920 ngenyanga, ngathola umsebenzi owawuyongivumela ukuba ngisebenze kuphela izinsuku ezimbili ngesonto.” Manje njengoba sebephayona cishe iminyaka emibili, uthi: “Ngizwa sengathi kususwe omkhulu umthwalo emahlombe ethu; kunjengokungathi siye sakhululwa esihibeni ebesisibambile.”

Umzalwane oyimpumputhe eYucatan, eMexico, uneminyaka engama-56 ubudala futhi unonkosikazi nabantwana okumelwe abondle. Yini ayenzayo njengomsebenzi? UEleuterio Pinto uvuka ngo-5 ekuseni ukuze alungiselele amacoconuts. Ususa isikhumba esingaphandle ngemachete (ummese omkhulu, osindayo) bese ebhola imbobo kucoconut ukuze abathengi bakhe bakwazi ukuphuza ubisi oluqabulayo olungaphakathi. UMzalwane uPinto uthengisa umkhiqizo wakhe kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube ngemva kwamadina bese-ke ehlanganyela enkonzweni yobuphayona, aseye wayijabulela iminyaka emihlanu.

ENingizimu Afrika, uV. Standley wayehlele ukufunda izifundo zaseyunivesithi ukuze athole umsebenzi othile kwezolimo. Kodwa ngemva kokuba uFakazi wakhonza iminyaka eminingi endaweni yokunyathelisa yeWatch Tower futhi kamuva yena nomkakhe baba ngamaphayona akhethekile. Ukukhulelwa kwabizela ukuhlela okuthile. Bathola indawo yokuhlala eshibhile futhi uMfowethu uStandley wathola umsebenzi oyitoho efemini ehlanza amahhovisi. Muva nje baye bagudlukela endaweni lapho amaphayona ayedingeka khona ngokwengeziwe, futhi wakwazi ukuvula igatsha laleyofemu efanayo, esalokhu ebambe itoho. Uyabika: “Namuhla sinekhaya elihle ngempela, izidingo zethu ezingokwezinto ezibonakalayo zinakekelwa kahle futhi sisalokhu sinelungelo lenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngiye ngawabona eyiqiniso izikhathi eziningi amazwi kaDavide ngokuba musha nokuba mdala kodwa engaboni‘muntu olungileyo eshiyiwe.’”—IHubo 37:25.

Ingabe isikhathi sokuthatha impesheni siyoba isikhathi esingcono kakhulu sokuphayona? Kuye kwaba njalo kwabaningi. Kodwa ngisho nalapha umzamo okhethekile nokuhlela kungase kudingeke. Ngokwesibonelo, uMfowethu uBalmaceda wathatha impesheni emsebenzini kahulumeni ePhilippine Island futhi wabheka phambili ekuphayoneni. Kodwa, nokho, yini ayengayenza ukuze anakekele izidingo zakhe ezingokwezinto ezibonakalayo? Wafumana ukuthi ukufuya izingulube kumsebenzela kahle, kumnikeza imali nesimiso esikhululekile. Leliphayona elineminyaka engama-70 ubudala lithi ‘lizizwa liseduzane kakhulu noJehova kunanini ngaphambili,’ futhi liye labona umoya walo wobuphayona ushukumisa abathathu bomkhaya walo ukuba bathathe lelolungelo lenkonzo.

Ukuhlela kungaba okufanelekile ngisho noma uyisikhulu senkampani ‘esidla kahle.’ Leso kwakuyisimo sikaShozo Mima, umongameli wefemu echumayo yaseJaphani ethutha izinto. Njengoba ayenomoya wobuphayona, uMfowethu uMima waqala ukuphayona esalokhu engumongameli wenkampani. Nokho waqala ukuba “nomuzwa wokuthi esikhundleni sakhe njengomongameli wenkampani nanjengephayona wayekhonza kokubili ingcebo noJehova.” (Mathewu 6:24) Khona-ke kancane kancane wagudluzela umsebenzi wakhe kwabanye wayesethola umsebenzi ongafuni isikhathi esiningi kangako nokunakekela. Ngalokho ayekuthola nangalokho ayekongile wakwazi ukunakekela umkhaya wakhe nokuba aphayone. Yebo, waba nomuzwa wokuthi kumelwe azikhandle, hhayi ukwenza inkampane iphumelele, kodwa azikhandle ekukhonzeni uJehova ngokugcwele.

Ukubambisana Komkhaya

Ungase ube nomuzwa wokuthi ukuba yiphayona noma ukuhlala uyilo kungumsebenzi omkhulu kakhulu ukuba uwenze uwedwa. Kungase-ke kube ukuthi ungaphumelela lapho ubambisana nomkhaya wakho, kuhlanganise nabantwanabakho. Okuhlangenwe nakho okuningi kubonisa ukuthi umzamo ohlangene womkhaya wokusiza oyedwa noma abengeziwe ukuba baphayone uletha impumelelo, futhi uveza imikhaya ejabulayo ngempela.

UMfowethu Kozo Sato eJaphani unonkosikazi, nabantwana ababili abafunda esikoleni esiphakeme. Waxoxa nabo ngesifiso sakhe esijulile sokubeka isibonelo esihle njengomdala. Saba yini isinqumo? Wawushiya umsebenzi wakhe enkampanini eyayifuna asebenze amahora ayisishiyagalombili ngosuku. Khona-ke waqala elakhe ibhizinisi. Enzani? Izinsuku ezine ngesonto amahora ambalwa uqoqa amaphephandaba asesetshenzisiwe, omagazini namanye amaphepha okuzothengiswa kwabazobuye bakusebenzise futhi. Njalo ekuseni bonke bobane emkhayeni bachitha ihora cishe bethutha amaphephandaba. Ngalokhu, nangokunciphisa izindleko, uMfowethu uSato uyakwazi ukuphayona njalo futhi abantwana bakhe ababili banomgomo wokwenza njalo nabo.

Ezweni elifanayo uDade Toshiko Zenko wayengesenayo indoda kodwa kwakumelwe ondle abantwana abathathu abakhulayo. Wayethola imali ethile ngesiqephu esithile sendawo, lokho kwakusiza ekukhokheleni intela. Ukuze akhokhele ukudla nezinye izindleko, usebenza izinsuku ezimbili ngesonto futhi uyakwazi ukuphayona. ‘Ukubambisana komkhaya kungenaphi lapha?’ ungase ubuze. Uchaza ukuthi abafana bakhe ababili “babambisana kahle ekuthengeni, benza imisebenzi yasekhaya bayakwazi ngisho nokushintsha intambo yesitofu sikaphalafini namawashela entweni yokumunca uphalafini.” Indodakazi yakhe nayo iyasiza ngokupheka nangokucoca. Indodakazi yayibamba amatoho ngemva kwesikhathi sesikole, kodwa manje njengoba isiphothulile esikoleni, isiye yaqala ukuphayona, beshintshashintsha izinsuku zokusebenza nonina. Eqinisweni, bonke bobane emkhayeni bahlela ukuphayona ndawonye masinyane.

Yebo, uma unomkhaya, khona-ke ukuphayona ngokunokwenzeka kuyofuna ukubambisana nokusekela kwabo bonke. Kodwa yeka injabulo nokwaneliswa okungakuletha! Futhi omunye umphumela ungase ube ngezinye izikhonzi ezengeziwe ezingamaphayona.

Ngokwemvelo, izimo zakho zehlukile kulezo zomunye umuntu. Kodwa nokho uma ushukunyiswa uthando nokuzinikezela kokufuna ukuphayona, lowomgomo ungase ube nokwenzeka ngisho noma kukhona izinkinga okumelwe zinqotshwe. Khuluma namanye amaKristu ngalokhu, ikakhulukazi lawo angamaphayona aphumelelayo noma ake aba yiwo. Angase abe nokusikisela okwengeziwe kokuthi ungaphayona kanjani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela