Inhliziyo Yabo Ikukho
Unyaka ngamunye amashumi ezinkulungwane zalabo abangakwazi ukuba amaphayona avamile babhalisela ukuba amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ezengeziwe ukuze bakwazi ukuba nengxenye eyandisiwe ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle zoMbuso nomakhelwane babo. Abaningi bahlela ukukwenza kulonyaka. Kuthiwani ngawe?
Labo abakwenzayo bonke bayavuma ukuthi, ‘Kufuna ukuhlela ngokunakekela nesimiso esihleleke kahle.’ Abaningi babo basafunda isikole, kodwa isimiso sabo sesikole singendlela yokuthi, uma besheshe bavuka futhi basisebenzisa kahle isikhathi sabo, bangakwazi futhi ukuchitha amahora amabili ngosuku enkonzweni yasensimini. Izinkulungwane zoFakazi abasebasha zithola enkulu intokozo ekusebenziseni izikhathi zazo zokuphumela enkonzweni enjalo.
Lapho ebuzwa ukuthi kungani ayenza umzamo owengeziwe wokuba yiphayona elisizayo, omune uFakazi wathi: “Kuyindlela yami yokuthi, ‘Ngiyabonga, Jehova, ngazo zonke izinto ongenzele zona.’”