Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 1/15 kk. 21-23
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Abanye Baphayone
  • Abanye Bangasiza
  • Ukunamathela Esinqumweni Sakho
  • Izinjabulo Nezibusiso Eziningi
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • UJehova Uyayisekela Impi Yakhe Yezikhonzi Zesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • “Ungaba Iphayona Elihle!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 1/15 kk. 21-23

Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso

“UKUPHAYONA kunezinzuzo ezingaphezulu kakhulu komsebenzi wokuziphilisa ophumelelayo. Ayikho into eyanelisa ngaphezu kokusiza abantu bazi uJehova neqiniso lakhe.” Washo kanjalo owesifazane othile ongumKristu owakhetha ukuphayona—ukushumayela ngoMbuso isikhathi esigcwele—njengomsebenzi wakhe. Mingaki eminye imisebenzi enganikeza injabulo enjalo?

Ukuphayona kuwumgomo ophakeme nelungelo eliyigugu. Umuntu ngamunye angakukhetha kanjani ukuphila okunjalo? Yini edingekayo ukuze unamathele ekuphayoneni isikhathi eside ngokwanele ukuba uvune izibusiso ezikulethayo?

Yizinto ezimbili ezibalulekile. Eyokuqala, izimo ezifanele. Abaningi baphila ngaphansi kwezimo ezenza ukuphayona kungenzeki. Eyesibili, izimfanelo ezingokomoya nesimo sengqondo esifanelekile. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi izimo zamanje ziyamvumela yini umuntu ukuba aphayone noma cha, sonke singasebenzela ukuthuthukisa izimfanelo zomKristu ovuthiwe.

Isizathu Sokuba Abanye Baphayone

Ziyini izimfuneko zokuphayona okuphumelelayo? Amakhono okushumayela abalulekile. Amaphayona kudingeka ayazi indlela yokudlulisela izindaba ezinhle kubantu angabazi, ukuphindela kwabathakazelayo, nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ukuntuleka kwalamakhono kungalidikibalisa iphayona. Nokho, nezinye izinto zibalulekile.

Ngokwesibonelo, yonke into ehlangene nokukhulekela kwethu ihlobene nobuhlobo bethu noJehova nenhlangano yakhe. Lokhu kuhlanganisa nokuphayona. Iphayona eliselisha eligama lalo nguRado lachaza: “Ngomuntu osemusha, ayikho into enhle njengokukhumbula uJehova nokuhamba endleleni yeqiniso.” Yebo, ukuphayona kuyindlela enhle ngentsha yokubonisa uthando lwayo ngoJehova nokusondelana kwayo naye.—UmShumayeli 12:1.

Ulwazi nokuqonda nakho kuyadingeka. (Filipi 1:9-11) Eqinisweni, lokhu kungamafutha agcina izinjini zethu ezingokomoya zisebenza. Isifundo somuntu siqu sasikhathi sonke sibalulekile ukuze sigweme ukuba abakhathele ngokomoya, siphelelwe umdlandla nokholo. Yiqiniso, ulwazi esilungenisayo alufanele luthonye ingqondo kuphela kodwa futhi kufanele luthonye nenhliziyo. (IzAga 2:2) Ngakho-ke, ngaphezu kwesifundo somuntu siqu, sidinga isikhathi sokuthandaza nokuzindla ukuze ulwazi esiluzuzayo luthinte inhliziyo. Khona-ke, uma izimo zethu zivuma, siyofuna ukuphayona.—Qhathanisa no-Ezra 7:10.

Ukuqalisa inkonzo yokuphayona kudinga nomoya wokuzidela. Insizwa egama layo linguRon yayisiwenze wonke amalungiselelo ayo okuphayona. Yayilinde nje izimo ezikahle ukuze iqhubeke. Empeleni yayifuna umsebenzi ozoyenza ikwazi ukuphayona ngesikhathi esifanayo ijabulele izinto ezithile zokunethezeka. Lapho ikusho lokhu komunye udade ovuthiwe, impendulo yakhe yayethusa. Wathi: “UJehova ubusisa izenzo, hhayi izithembiso.” Lensizwa yathola umsebenzi oneholo elincane owayinikeza isikhathi sokuphayona. Ukusebenzisa uMathewu 6:25-34 kuyomsiza umuntu ukuba aqhubeke ephila ngeholo elingatheni.

Ukuzimisela ukulandela ukusikisela okuhle ngokuthobeka kungase kube neqhaza ekungeneleni kwethu inkonzo yokuphayona. Ekuqaleni kokuphila kwakhe njengomKristu, uHanna wahlakulela isifiso sokuphayona. Kodwa akazange aphayone ngesikhathi esakhulisa umkhaya futhi kamuva wangenela umsebenzi webhizinisi. Ngokulalela iseluleko esihle esivela kubadala abaqaphile, wawuyeka umsebenzi wakhe wokuziphilisa othakazelisayo waqalisa inkonzo yokuphayona. UHanna manje uthola injabulo enkulu ekusizeni abanye ukuba bazinikezele nasekusizeni asebepholile.

Ukubonga ngalokho iqiniso elimenzele khona umuntu ekuphileni nakho kungaba isisusa sokuphayona. Cabangela indaba yowesifazane othile owayecindezeleke kakhulu omshado wakhe wawuwohloka. Lesisimo sashintsha ngokuphawulekayo lapho efunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu futhi elisebenzisa. Ehlatshwe umxhwele yilokho iqiniso elalimenzele khona, wanquma ukuthi indlela engcono kakhulu yokuba abonise ukwazisa iwukuba aphayone futhi asize abanye. Wakwenza lokhu, futhi manje usethola izibusiso zezifundo zeBhayibheli eziningi nokuphila komkhaya okujabulisayo.

Abanye Bangasiza

Ngokuvamile amaphayona aveza amanye amaphayona. URado, okukhulunywe ngaye ngenhla, wayeneminyaka eyisithupha ngesikhathi abazali bakhe befunda iBhayibheli namaphayona amabili. Lapho esemncane kakhulu, wayevame ukuhamba nalabashumayeli besikhathi esigcwele enkonzweni yasensimini. URado naye waba iphayona elivamile lapho eneminyaka engu-17 ubudala. Enye insizwa, u-Arno, wakhuliswa ekhaya lamaKristu kodwa waba buthakathaka ngokomoya. Kamuva, waqalisa ukuvuselela amandla akhe angokomoya, futhi manje uthi: “Ngathola isikhuthazo esikhulu kumaphayona. Ngangihlangana nawo ikakhulukazi phakathi namaholide esikole futhi ngezinye izikhathi ngangibika amahora angu-60 ngenyanga enkonzweni yasensimini. Ngemva kwalokho, isinyathelo esiya enkonzweni yamaphayona avamile [edinga amahora angu-90 ngenyanga] sasingesikhulu kangako.” Ukuzindla ngeseluleko esikweyoku-1 Korinte 7:29-31 sokungalisebenzisi ngokugcwele lelizwe kuye kwabasiza ngempela abasha abanjalo.

Umoya wokuphayona ungagxila kalula kakhulu ekhaya lapho izithakazelo ezingokomoya zinendawo yokuqala khona futhi abazali bekhuthaza izingane zabo ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele. UPhilo, owakhuliswa ekhaya elinjalo, uyaphawula: “Abaningi bangikhuthaza ukuba ngiqhube imfundo yami, ngisebenzele ikusasa lezwe. Kodwa abazali bami bangisiza ukuba ngenze ukukhetha okuhlakaniphile. Bangitshela ukuthi uma ngempela ngifuna ukwakhela ikusasa, into okufanele ize kuqala kufanele kube ukuthuthukisa ubuhlobo noJehova.”

Owesifazane osemusha ogama lakhe nguThamar naye ubonga isibonelo nemizamo yabazali bakhe ngenkonzo yakhe yokuphayona. Uthi: “Ngeke ngisho ngempela ukuthi ngaba nawo nini umbono wokuphila ongokomoya, kodwa ngiyazi ukuthi angizalwanga nawo. Umkhuba wabazali bami wokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini nokuba khona emihlanganweni, kanye nothando lwabo olujulile ngeqiniso, kwangisiza kakhulu ukuba ngibe nombono ongokomoya.”

Ukunamathela Esinqumweni Sakho

Ngemva kokuba umuntu engenele inkonzo yokuphayona, ukuphikelela kuyo kumenza avune izinzuzo ezigcwele zalesosinqumo esihlakaniphile. Kunganikezwa izeluleko eziningi eziwusizo ukuze kufinyelelwe lokho. Ngokwesibonelo, kuhle ngamaphayona ukuba afunde ukuhlela isikhathi sawo ukuze asenze sibe esinenzuzo ngangokunokwenzeka. Nokho, isici esibaluleke kunazo zonke siwubuhlobo bomuntu noJehova nenhlangano yaKhe.

Okuhlobene nalokhu isimo sengqondo somthandazo. UCor uthi: “Ngesikhathi ngingena eqinisweni, ngangikufuna ngamehlo abomvu ukuphayona.” Nokho, uyise wathi akaqale aqede ukufundela umsebenzi othile eYunivesithi Yezolimo. Ngemva kwalokho, uCor waqalisa ukuphayona. Ngokuhamba kwesikhathi washada, umkakhe wahlanganyela naye emsebenzini wokuphayona. Lapho ekhulelwa, wacishe wawushiya umsebenzi wokuphayona. “Ngangithandaza njalo kuJehova ngimtshele ngesifiso senhliziyo yami sokuqhubeka nokuphayona,” kusho uCor. Ekugcineni uCor wathola uhlobo lomsebenzi olwamenza wakwazi ukuphayona kuyilapho ondla nomkhaya.

Ukwaneliseka ngezidingo ezingokwenyama kungesinye isici ngokuvamile esisiza umuntu ukuba ahlale enkonzweni yokuphayona. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukwenza kwenu makungabi-ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: Angisoze ngakuyeka‚ angisoze ngakushiya.” (Heberu 13:5) Ukwaneliswa izinto abanazo kwamsiza uHarry no-Irene ukuba baqhubeke bephayona. U-Irene, oyimpumputhe, ubelokhu eyiphayona iminyaka eyisishiyagalombili. Uthi: “Asikaze sisibheke njengenkinga isimo sethu esingokwezimali. Sasiqaphela nje ukuba singalokothi sizidalele imithwalo engokwezimali engadingekile. Besilokhu sibala izindleko ngaso sonke isikhathi. Ukuphila kwethu bekulokhu kulula, nakuba kujabulisa kakhulu, futhi bekulokhu kugcwele izibusiso.”

Izinjabulo Nezibusiso Eziningi

Lapho ebheka emuva eminyakeni engaphezu kweyisishiyagalolunye ephayona, uThamar uthi: “Usondela kakhulu kuJehova, njengokungathi ukubambe ngesandla ngokoqobo.” (IHubo 73:23) Ukhumbula obunye ubunzima. “Ukungapheleli kwami kuhlangene nokwabanye kwakuhlale kungikhathaza,” kunezela uThamar. “Ngaphezu kwalokho, ngangiye ngibuke abazalwane nodade abakhetha indlela yokuphila evuza kakhulu ngokwezinto ezibonakalayo, futhi ukukhetha kwabo kwakubonakala kukhanga lapho ngidavuza emvuleni nasemakhazeni. Kodwa ekujuleni kwenhliziyo yami, ngeke ngilokothe ngifune ukuba sesimweni abakuso. Yini enye engaletha injabulo enjalo, ukwaneliseka okunjalo okungokomoya, nezibusiso ezinjalo, ngaphandle kokuphayona?” Ingabe ungazazisa ngendlela efanayo izinjabulo nezibusiso?

Ngenxa yokuthi amaphayona achitha isikhathi esiningi enkonzweni yobuKristu, asesimweni sokusiza iningi labantu ukuba lizuze ulwazi lweqiniso leBhayibheli. UHarry no-Irene, okukhulunywe ngabo ngenhla, bathi: “Maningi amalungelo angatholakala enhlanganweni kaJehova, kodwa ukusiza umuntu osanda kuthakazela ukuba athuthuke kuze kube seqophelweni lokuba abe inceku kaJehova lingelihle kunawo wonke.”

Elinye iphayona lakubeka kahle lapho lithi: “Amazwi ezAga 10:22 aye aba iqiniso kimi: ‘Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.’ Lombhalo uye wagcwaliseka izikhathi eziningi kimi phakathi neminyaka ngikhonza uJehova.”

Bazali, ingabe niyasigxilisa isifiso sokuphayona ezinganeni zenu? Maphayona, ingabe niyazama ukuphemba lesifiso kwabanye? Badala, ingabe niyawasekela amaphayona ebandleni lakini futhi nisize ekwakheni umoya wokuphayona kwabanye? Kwangathi abantu bakaJehova abaningi ngokwengeziwe bangashukumiseleka ukuba bazenze batholakalele izibusiso ezinjalo ezicebile lapho behlanganyela enkonzweni yamaphayona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela