Ukubukeza Komkhaya
Ubani Owayenza Lo Msebenzi?
1. Ibaphi abadobi ababili ababengamadodana kaZebedewu futhi bengabaphostoli bakaJesu?
Bhala izimpendulo zakho emgqeni ongezansi.
UMKHONDO: Funda uMathewu 4:21, 22.
․․․․․
2. Angobani amagama abanye abaphostoli ababili ababengabadobi?
UMKHONDO: Funda uMathewu 4:18.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uJesu athi abafundi bakhe babezoba “abadobi babantu”? (Mathewu 4:19) Ucabanga ukuthi ukudoba okungokoqobo nokudoba abantu kufana ngani, futhi kuhluke ngani?
YINI OYAZIYO NGOMPHOSTOLI U-ANDREYA?
3. Ngaphambi kokuba alandele uJesu, u-Andreya wayengumfundi kabani?
UMKHONDO: Funda uMarku 1:4; Johane 1:35-40.
․․․․․
4. Ubani u-Andreya axoxa naye ngoJesu, futhi kwaba namuphi umphumela?
UMKHONDO: Funda uJohane 1:40-42.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani kuwumqondo omuhle ukutshela izihlobo zakho ngezinto ozaziyo ngoJesu? Kodwa ezinye izihlobo zingase zisabele kanjani?
UMKHONDO: Funda uMathewu 10:32-37.
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 3 Yini umuntu ohlakaniphile, noma okhaliphile, ayiqondayo? IzAga 14:․․․
IKHASI 8 Yiliphi igama lomuntu siqu uNkulunkulu azinika lona? IHubo 83:․․․
IKHASI 20 Yini eyenzeka ezingelosini ezona? Jude:․․․
IKHASI 26 ‘Ukukhama intukuthelo’ kuyoba namuphi umphumela? IzAga 30:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 11
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. UJakobe noJohane.
2. UPetru no-Andreya.
3. UJohane uMbhapathizi.
4. Umfowabo uPetru, futhi waba umfundi kaJesu.