OFakazi BakaJehova Balifundisa Kanjani IBhayibheli?
Bafundisa ngokucabangela izihloko ezithile, ngokuvamile besebenzisa insiza-kufundisa ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Izahluko zayo ezingu-19 zihlanganisa lezi ezilandelayo:
“Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?”
“Ungubani UJesu Kristu?”
“Bakuphi Abafileyo?”
“Ingabe Siphila ‘Ezinsukwini Zokugcina’?”
“Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?”
“Indlela Yokwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise”
Abafundi bakhuthazwa ukuba babuze imibuzo futhi bazitholele izimpendulo ngokwabo eBhayibhelini. Kamuva, ngokusekelwe kulokho abakufunde eBhayibhelini, bangazenzela isinqumo sokuthi balandela yiphi inkolo.
Ungazicelela isifundo sakho seBhayibheli, kanye nekhophi yale ncwadi, ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.