Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/10 k. 30
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izibhamu Ziyavikela?
  • Izindela Ezizipenda Izindebe
  • Izitimela Zabesifazane Kuphela
  • Izibhamu—Indlela Yokufa
    I-Phaphama!—1990
  • Izibhamu—Indlela Yokuphila
    I-Phaphama!—1990
  • Izibhamu—Akuzona Ezamadoda Kuphela
    I-Phaphama!—1990
  • ICalcutta—Idolobha Eselisimeme Elinezinto Ezinhlobonhlobo
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 8/10 k. 30

Ukubuka Okwezwe

I-International Agency for Research on Cancer isikhiphe isixwayiso esithi imishini yokukhanya oku-ultraviolet abantu abashisa ngayo isikhumba akusekhona nje ukuthi “kungenzeka ibangele umdlavuza” kodwa ngempela “iyawubangela umdlavuza kubantu.”—I-LANCET ONCOLOGY, EBRITHANI.

E-Argentina, abesifazane abangu-9 kwabayishumi abakhulelwe bathi bebengakufuni ukukhulelwa.—I-CLARÍN, E-ARGENTINA.

“Sekuyinto evamile ukuba ososayensi bathole izinhlobo ezintsha zezinto eziphilayo. Izazi zezinto eziphilayo zithi kutholakala izinhlobo ezingaba ngu-50 ngosuku. Ngo-2006 kuphela, kwatholakala izimila nezilwane ezintsha ezingaba ngu-17 000—okungaba iphesenti elilodwa lezinhlobo eziyizigidi ezingu-1,8 ezaziwayo manje.”—I-TIME, E-U.S.A.

Ingabe Izibhamu Ziyavikela?

Ingabe isibhamu siyamvikela osiphethe uma ehlaselwa? Ucwaningo olwenziwa e-University of Pennsylvania School of Medicine, e-U.S.A., lwaphetha ngokuthi ngokuvamile akubi njalo. Ngemva kokubekela eceleni izimo ezihilela amaphoyisa, ukuzidubula kwabantu nokudubula abanye ngephutha, abacwaningi bathola ukuthi umuntu ophatha isibhamu “usengozini ephindwe izikhathi ezingu-4,5 yokudutshulwa lapho ehlaselwa kunomuntu ongenaso isibhamu.” Lolu cwaningo lwavuma ukuthi abanye abantu abanezibhamu bazivikela ngokuphumelelayo ngezikhali zabo, kodwa mancane kakhulu amathuba okuba lokho kwenzeke. Lo mbiko wathi umbono wokuthi ukuba nesibhamu “kuyisivikelo esimweni esiyingozi kufanele kuxoxwe ngawo futhi uhlaziywe ngokucophelela.”

Izindela Ezizipenda Izindebe

Umbiko wezindaba waseBangkok uthi izindela ezintsha eThailand bezilokhu “zilimaza idumela lale nkolo yamaBuddha esadla ngoludala” ngokuzipenda izindebe, ngokuzinkamfula ngamabhande ezivatho, “ngokutshikiza nangokuphatha izikhwama.” Ukukhathazeka ngenxa yokuziphatha kwalab’ ongqingili abayizimfundamakhwelo sekushukumise izikhulu zenkolo ukuba zihlongoze ukuba lezi zindela ziqeqeshelwe ukuziphatha okufanele. Umfundisi ophambili wamaBuddha wachaza ukuthi ubungqingili abenqatshelwe phakathi kwezindela, “ngalé kwalokho cishe ezingaphezu kwesigamu beziyoxoshwa.”

Izitimela Zabesifazane Kuphela

Sekuyiminyaka abesifazane abahamba ngezitimela eziminyene eNdiya bebhekana nenkinga yabagibeli abangamadoda ababathukayo, bababhanse, babancwebe, babagqolozele futhi babahlukumeze. Iphephandaba laseCalcutta i-Telegraph libika ukuthi ngenxa yokwanda kwezikhalazo, uhulumeni usenqume ukukhipha wonke amadoda ezitimeleni ezithile. Ngenxa yalokho, emadolobheni amane amakhulu aseNdiya—eNew Delhi, eMumbai, eChennai naseCalcutta—kunezitimela ezimbalwa “Zabesifazane Kuphela.” Kuthiwa abagibeli bajabule kakhulu ngalokhu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela