Ukubukeza Komkhaya
Ingabe Kwakuyisinqumo Esihle?
Funda uMarku 12:41-44. Manje bheka lesi sithombe, bese ubhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.
1. Ayebekwaphi amabhokisi omnikelo?
UMKHONDO: Funda uMarku 12:35; 13:1.
․․․․․
2. Nakuba umfelokazi anikela ngemali encane kuphela, kungani uJesu ahlabeka umxhwele?
UMKHONDO: Funda uMarku 12:28-30.
․․․․․
3. Kungani uqiniseka ngokuthi lo mfelokazi akazange ahlupheke, nakuba anikela ngakho ‘konke ayeziphilisa ngakho’?
UMKHONDO: Funda uMathewu 6:25, 31-33.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Ingabe ucabanga ukuthi lo mfelokazi wenza isinqumo esihle? Kungani uphendula kanjalo? Kuyokwenzekani uma ukwenza umkhuba ukupha?
UMKHONDO: Funda uLuka 6:38; IzEnzo 20:35.
YINI OYAZIYO NGOMPHOSTOLI UJOHANE?
4. Ingabe abaholi benkolo babebheka uJohane njengesazi nengcweti eyiqaphuqaphu?
UMKHONDO: Funda izEnzo 4:13.
․․․․․
5. UJohane wanikwa liphi ilungelo elivelele?
UMKHONDO: Funda isAmbulo 1:1-3.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Zingaki izincwadi zeBhayibheli ezabhalwa uJohane? Ungamlingisa kanjani uJohane?
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 9 Kunenjabulo eyengeziwe uma wenzani? IzEnzo 20:․․․
IKHASI 9 Yini abafundi bakaJesu abaziwa ngayo? Johane 13:․․․
IKHASI 21 Yini ukuthula kukaNkulunkulu okungayenza? Filipi 4:․․․
IKHASI 22 UJehova useduze nobani? IHubo 34:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 21
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Ethempelini.
2. Lo mfelokazi wanika uNkulunkulu konke ayenakho.
3. UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzosinakekela uma sibeka lokho akufunayo kuqala.
4. Cha. UJohane babembheka njengomuntu ongafundile novamile.
5. Waphefumulelwa ukuba alobe izingxenye ezithile zeBhayibheli, kuhlanganise nencwadi yesAmbulo.