Intsha Iyabuza
Ngingasebenzelana kanjani nezingane zakithi?
Ungathini ngobuhlobo bakho nengane yakini ngayinye?
․․․․․ Singabangane abakhulu
․․․․․ Siyezwana ngokuvamile
․․․․․ Siyabekezelelana
․․․․․ Sixabana njalo
EZINYE izelamani zingamathe nolimi. Ngokwesibonelo, uFelicia oneminyaka engu-19 uthi, “Udadewethu oneminyaka engu-16 u-Irena ungomunye wabangane bami abakhulu.”a NoCarly oneminyaka engu-17 uthi ngomfowabo omdala u-Eric: “Siyezwana kakhulu. Asixabani neze.”
Ngakolunye uhlangothi, abanye banobuhlobo obunjengobukaLauren noMarla. ULauren uthi: “Sixabanela cishe yonke into, kungakhathaliseki ukuthi incane kangakanani.” Noma ungase uzizwe njengo-Alice oneminyaka engu-12, osho lokhu ngomfowabo uDennis oneminyaka engu-14: “Uyangicasula! Ugulukudela ekamelweni lami ‘aboleke’ izinto engazicelanga. UDennis uziphathisa okwengane!”
Ingabe ikhona ingane yakini ekucasulayo? Kuyiqiniso ukuthi abazali bakho banomthwalo wokulondoloza ukuhleleka ekhaya. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuyodingeka ufunde ukuphila nabanye abantu. Lokho ungakufunda usahlala ekhaya.
Cabanga ngezingxabano oba nazo nomfowenu noma udadewenu. Nivame ukuxabana ngani? Ake ubheke uhlu olungezansi, bese ufaka u-✔ emabhokisini owakhethayo, noma ubhale isimo esikucasulayo!
□ Impahla. Ingane yakithi “iboleka” izinto ingazicelanga.
□ Izingxabano. Ingane yakithi yenza izinto ngobugovu, ngokungacabangi noma izama ukungilawula.
□ Isikhathi sokuba wedwa. Ingane yakithi ingena ekamelweni lami ingangqongqozanga noma ifunde imiyalezo yami ngaphandle kokucela imvume.
□ Okunye. ․․․․․
Uma ingane yakini ikucasula njalo—ikulawula noma ingasihloniphi isikhathi sakho sokuba wedwa—kungaba nzima ukungacasuki. Kodwa isaga seBhayibheli sithi: “Ukucindezela ikhala kukhipha umongozima, nokukhama intukuthelo kuveza ukuxabana.” (IzAga 30:33) Uma ubamba igqubu, lokho kungabangela ukuqhuma kwentukuthelo, njengoba nje nokucindezela ikhala kungakhipha umongozima. Kanjalo, inkinga iyovele ibhebhetheke. (IzAga 26:21) Ungakunqanda kanjani ukucasuka kungaphenduki ukuqhuma kwentukuthelo? Isinyathelo sokuqala siwukuthola ukuthi iyini ngempela inkinga.
Ingabe Yisenzakalo Esithile Noma Yinkinga?
Izinkinga eziphakathi kwezelamani zinjengezinduna. Induna ibonakala ngesilonda esibi, kodwa imbangela ingaphansi kwesikhumba. Ngokufanayo, impikiswano enkulu phakathi kwezelamani ngokuvamile iwubufakazi nje bokuthi kunenkinga eyimbangela.
Ungasusa induna ngokuyikhama. Nokho, lokho kuyosusa nje induna, kodwa ungase usale nesibazi noma inkinga ibe nkulu. Ikhambi elingcono liwukwelapha inkinga futhi uvimbele ukubuya kwezinduna. Kunjalo nalapho kuziwa ezinkingeni onazo nezingane zakini. Funda ukuthola imbangela, futhi uyobona ngalé kwenkinga, uthole umnyombo wayo. Uyokwazi nokusebenzisa iseluleko senkosi ehlakaniphile uSolomoni, eyabhala: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.”—IzAga 19:11.
Ngokwesibonelo, u-Alice ocashunwe ekuqaleni, wathi ngomfowabo uDennis, “Ugulukudela ekamelweni lami ‘aboleke’ izinto ngaphandle kokuzicela.” Leso isenzakalo. Kodwa ucabanga ukuthi iyini ngempela inkinga? Cishe ihlobene nokubonisa inhlonipho.b
U-Alice angabhekana nale nkinga ngokutshela uDennis ukuthi angalokothi angene ekamelweni lakhe noma asebenzise izinto zakhe. Kodwa lelo khambi limane nje lilungisa umphumela futhi cishe liyoholela kwezinye izingxabano. Nokho, uma u-Alice engabonisa uDennis isidingo sokuba ahloniphe impahla yakhe nelungelo lakhe lokuba yedwa, akungabazeki ukuthi ubuhlobo babo bungathuthuka.
Funda Ukuxazulula Noma Ukugwema Izingxabano
Yiqiniso, ukuthola izimbangela zezinkinga onazo nengane yakini kumane nje kuyingxenye yekhambi. Yini ongayenza ukuze uxazulule inkinga futhi ugweme izingxabano esikhathini esizayo? Zama ukulandela lezi zinyathelo eziyisithupha.
1. Vumelanani ngezinto ezithile eziyisisekelo. INkosi uSolomoni yabhala: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba.” (IzAga 15:22) Ukuze ugweme ukukhungatheka, bheka emuva ubone ukuthi yiziphi izinto ezidala ingxabano phakathi kwakho nengane yakini. Bona ukuthi ngeke yini nibe nemithetho ethile enivumelana ngayo ukuze nixazulule imbangela yenkinga. Ngokwesibonelo, uma ingxabano isuswa izimpahla, uMthetho 1 ungaba ukuthi: “Njalo cela ngaphambi kokuba usebenzise noma yini okungeyona eyakho.” UMthetho 2 ungaba ukuthi: “Hlonipha ilungelo lomunye lokuthi ‘Cha, awukwazi ukuyisebenzisa leyo nto.’” Njengoba ubeka leyo mithetho, cabanga ngomyalo kaJesu: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lokhu kuyokwenza ukuba ubeke imithetho oyokwazi ukuphila ngayo wena nezingane zakini. Kamuva, xoxani nabazali benu ukuze niqiniseke ukuthi bayahambisana nalokho enivumelane ngakho.—Efesu 6:1.
2. Nawe yilandele le mithetho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba?” (Roma 2:21) Ungasisebenzisa kanjani lesi simiso? Nasi isibonelo, uma ufuna izingane zakini zisihloniphe isikhathi sakho sokuba wedwa, nawe ngokufanayo kudingeka ungqongqoze ngaphambi kokuba ungene ekamelweni lazo noma ngaphambi kokuba ufunde izincwadi noma imiyalezo yazo.
3. Ungasheshi ucasuke. Kungani lesi seluleko sisihle? Ngoba njengoba nje isaga seBhayibheli sikubeka, “ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.” (UmShumayeli 7:9) Uma ucasulwa ubala, ukuphila kwakho kuyoba muncu. Yiqiniso, izingane zakini ziyokwenza noma zisho izinto ezikucasulayo. Kodwa zibuze, ‘Konje ngike ngayenza yini into efanayo kuye esikhathini esidlule?’ (Mathewu 7:1-5) UJenny uthi: “Lapho ngiseneminyaka engu-13, ngangicabanga ukuthi imibono yami ibaluleke kakhulu futhi kwakufanele ilalelwe. Manje udadewethu omncane usefike kulelo zinga. Ngakho ngizama ukungathukutheliswa yizinto azishoyo.”
4. Thethelela ngokuphelele. Kufanele kuxoxwe ngezinkinga ezinkulu futhi zilungiswe. Kodwa ingabe kufanele izingane zakini uziqulise icala nganoma iliphi iphutha ezilenzile? UJehova uNkulunkulu uyajabula uma uzimisele ‘ukudlulisa isiphambeko.’ (IzAga 19:11) U-Alison oneminyaka engu-19 uthi: “Mina nodadewethu uRachel ngokuvamile siyakwazi ukuxazulula ukungezwani kwethu. Sobabili siyashesha ukuxolisa bese sichaza ukuthi yini esicabanga ukuthi ibe yimbangela yokungezwani. Ngezinye izikhathi ngithatha isikhashana ngaphambi kokuba ngikhulume ngenkinga. Ngokuvamile, ngakusasa kuba njengokungathi akuzange kwenzeke lutho, futhi singabi khona nesidingo sokukhuluma ngayo.”
5. Hilela abazali bakho njengabalamuli. Uma wena nezingane zakini ningakwazi ukuxazulula inkinga ebalulekile, abazali bakho banganisiza nibe nokuthula. (Roma 14:19) Kodwa khumbula ukuthi ikhono lokuxazulula ukungezwani ngaphandle kosizo lwabazali bakho luwuphawu lokuthuthuka, isilinganiso sokuvuthwa kwangempela.
6. Zazise izimfanelo ezinhle zezingane zakini. Kungenzeka izingane zakini zinezimfanelo ozazisayo. Bhala into eyodwa oyazisayo ngengane yakini ngayinye.
Igama Engikwazisayo
․․․․․ ․․․․․
Esikhundleni sokugxila emaphutheni azo, kungani ungaziniki ithuba lokuzitshela ukuthi yini oyithandayo ngazo?—IHubo 130:3; IzAga 15:23.
Iqiniso elingenakuphikwa: Uma ungasahlali ekhaya, ngezinye izikhathi uyozungezwa abantu abakucasulayo—osebenza nabo kanye nabanye abaluhlaza, abangacabangeli nabanobugovu. Ekhaya kulapho ungafunda khona ukubhekana nalezo zinselele ngendlela enokuthula. Uma unomfowenu noma udadewenu eningezwani naye ngezikhathi ezithile, hlakulela umbono ofanele. Leyo ngane yakini iyakusiza ukuba ube namakhono ayigugu okuhlalisana nabanye abantu!
IBhayibheli liyavuma ukuthi umfowenu noma udadewenu angase angabi umngane wakho omkhulu. (IzAga 18:24) Kodwa ungaqinisa ubungane bakho nezingane zakini uma ‘niqhubeka nibekezelelana,’ ngisho noma zikunika ‘isizathu esizwakalayo sokukhononda.’ (Kolose 3:13) Uma wenza kanjalo, cishe izingane zakini ngeke zikucasule kakhulu. Kanti nawe ungase ungazicasuli kakhulu!
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ukuze uthole usizo olwengeziwe, bheka ibhokisi elingezansi.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
● Kungani kubalulekile ukubona umehluko phakathi kwesenzakalo esithile nembangela yenkinga?
● Yiziphi kulezi zinyathelo eziyisithupha ezingenhla okudingeka uthuthukise kakhudlwana kuzo?
[Ibhokisi ekhasini 27]
THOLA UMNYOMBO WENKINGA
Ingabe ufuna ukuthuthukisa ikhono lakho lokuthola umnyombo wezinkinga eninazo nezingane zakini? Uma kunjalo, funda umfanekiso kaJesu wendodana eyahamba ekhaya yayosaphaza ifa layo.—Luka 15:11-32.
Bhekisisa indlela indodana endala eyasabela ngayo lapho umfowabo omncane ebuya ekhaya, bese uphendula imibuzo elandelayo.
Isiphi isenzakalo esabangela ukusabela kwendodana endala?
Ucabanga ukuthi wawuyini umnyombo wenkinga?
Uyise wazama kanjani ukuxazulula le nkinga?
Yini okwakudingeka indodana endala iyenze ukuze ixazulule inkinga?
Manje cabanga ngempikiswano obe nayo muva nje nengane yakini, bese ubhala izimpendulo zakho eceleni kwemibuzo.
Yini ebangele lesi simo?
Ucabanga ukuthi uyini umnyombo wenkinga?
Imiphi imibandela eningavumelana ngayo engaxazulula le nkinga futhi isize ekunqandeni izingxabano ezengeziwe?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 28, 29]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Ngifuna ukuhlala ngingumngane nawodadewethu ukuphila kwami konke, ngakho kungcono ngiwuqale manje lo msebenzi wokuphila konke.”
“Senza izinto ndawonye njengomkhaya, futhi lokho kusenza sibe nobunye. Sekunciphile ukuphikisana kwethu kunangaphambili.”
“Asifani ezintweni ezithile. Noma kunjalo, udadewethu uyingqayizivele. Angive ngimthanda!”
“Ngaphandle kwezingane zakithi, zonke izinto engizikhumbulayo ezinhle ngabe azikho. Kulabo abanezingane zakubo, ngingathi, ‘Ungazithathi kalula!’”
[Izithombe]
UTia
UBianca
USamantha
UMarilyn
[Isithombe ekhasini 27]
Izinkinga phakathi kwezelamani zinjengezinduna—ukuze uziqede kufanele welaphe imbangela yazo, hhayi nje izimpawu