Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda isAmbulo 12:3. Bheka lesi sithombe. Yiziphi izinto ezingekho kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, bese uqedela isithombe ngokudweba izinto ezingekho kuso.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKO:
Lo drako umelela bani? Unaliphi ithonya phezu kwawo wonke umhlaba owakhiwe?
UMKHONDO: IsAmbulo 12:9.
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 3 Yini uNkulunkulu ayifake engqondweni nasenhliziyweni yomuntu? UmShumayeli 3:________
IKHASI 5 Isiphi isipho uNkulunkulu asinikezayo? Roma 6:________
IKHASI 21 Yiziphi iziqu zenkolo uJesu athi akufanele sizisebenzise? Mathewu 23:________
IKHASI 27 Umuntu onokuqonda wenzani? IzAga 22:________
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Obani Abayingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela izici ezinikeza umkhondo. Funda imibhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezinikeziwe.
4. ․․․․․
UMKHONDO: UmTopiya uZera wangihlasela ngamasosha ayisigidi, kodwa uJehova wabanqoba phambi kwami.
Funda eyesi-2 IziKronike 14:9-12.
5. ․․․․․
UMKHONDO: Ngahlela ukufundiswa koMthetho kaJehova emizini yakwaJuda.
Funda eyesi-2 IziKronike 17:1, 7-9.
6. ․․․․․
UMKHONDO: Ngangcwatshwa eMzini KaDavide kodwa hhayi emathuneni amakhosi.
Funda eyesi-2 IziKronike 21:16-20.
◼ Izimpendulo ekhasini 13
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Ikhanda elilodwa nentamo.
2. Izimpondo eziyishumi.
3. Imiqhele eyisikhombisa.
4. U-Asa.—Mathewu 1:7.
5. UJehoshafati.—Mathewu 1:8.
6. UJehoramu.—Mathewu 1:8.