“Ngangingazi Ukuthi UNkulunkulu Unegama”
◼ Lawo mazwi ashiwo owesifazane othile ngemva kokufunda incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Wanezela: “Kodwa kunengqondo. Lapho ngibheka igama likaNkulunkulu eBhayibhelini lami, ngalithola!” Wachaza: “Angikaze ngifunde incwadi ekhuluma ngeBhayibheli ewusizo nokulula kangaka ukuyiqonda!”
Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ayigcini nje ngokubonisa ukuthi kwakuyinjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ukuba umhlaba ube ipharadesi kodwa ikwenza kucace nokuthi leyo njongo iyogcwaliseka kanjani. Le ncwadi yembula indima ebalulekile iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, enayo ekufezekeni kwale njongo. Inikeza incazelo yeBhayibheli yokuthi kungani siguga futhi sifa, ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka nendlela uMbuso kaNkulunkulu oyoletha ngayo impumuzo kubo bonke abahluphekayo.
Nakuba incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ineminyaka nje emithathu ikhona, sekunyatheliswe amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-79 kakade ngezilimi ezingu-220. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe lapha noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.