Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/08 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 9/08 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Izinyathelo Eziyisikhombisa Zokuba Abazali Abangcono (August 2007) Lo magazini wawuyimpendulo yemithandazo yami. Nginendodakazi eneminyaka emine ethanda uJehova, kodwa ngiyesaba ukwenza amaphutha njengomzali. Ngakho ngicela uJehova nsuku zonke ukuba angisize ngiyiqeqeshe. Ngiyabonga kakhulu ngokusikhathalela thina bazali.

Y.M.A., Mexico

Lezi zihloko eziwuchungechunge zazinjengencwadi yesiqondiso eyayibhalelwe umkhaya wami ngokukhethekile, exoxa ngezinkinga eziningi ebezilokhu zingikhathaza! Zabuye zagcizelela kimi indlela uJehova abakhathalela ngayo abantu bakhe. Uyizwile imithandazo yami futhi wabona nezinyembezi zami futhi wazi kahle ukuthi bengikudinga ngempela lokhu kwaziswa.

J. M., United States

Ngamakhasi nje ambalwa, nakwazi ukudlulisela isiqondiso esibalulekile nemfundo esebenza ngempela. Manje okudingeka sikwenze nje ukulandela lezi ziqondiso!

E. L., Finland

Ingabe Ukuba Nethemba Lokuhle Kungayithuthukisa Impilo Yakho? (September 2007) Lesi sihloko sangisiza kakhulu, ngoba kaningi ngiye ngazisola ngezinkinga eziye zangivelela. Ngakho, ngagcina sengicabanga ukuthi angiyena umama okahle futhi ngangihlala ngicindezeleke kakhulu. Nakuba kungelula ukuba ngibe nethemba lokuhle, lokhu kwaziswa kwangisiza ukuba ngidambise ukukhathazeka. Ngiyabonga kakhulu ngesithakazelo enisibonise kithi ngalesi sihloko.

A. S., Ecuador

Umlando Wobuhlungu Obukhulu Bokuphathwa Izinyo (September 2007) Ngingudokotela wamazinyo nothisha wodokotela bamazinyo. Ngahlabeka umxhwele kakhulu ngesihloko senu esihle futhi esibhalwe kahle. Sawufingqa kahle umlando womkhakha wodokotela bamazinyo. Ngiye ngasihlanganyela nabangane bami abaningi nabantu engisebenza nabo.

C. R., United States

Ingabe UNkulunkulu Unecala? (September 2007) Mina nabangane abathile siye sihlangane ndawonye sixoxe ngezindlela eziwusizo zokulungiselela isimo esiphuthumayo. Sijabulela ukudla okulula, sibukeze amaphuzu amahle ebhokisini elithi “Ingabe Ukuhlomele Ukubaleka?” esihlokweni esishiwo ngenhla, bese sibheka impahla yesimo esiphuthumayo abambalwa bethu abaye bayilungiselela. Sixoxa nangokubaluleka kokuba nombono olinganiselayo mayelana nokulungiselela isimo esiphuthumayo. Siyaqaphela ukuthi umsebenzi wethu oyinhloko akukhona ukuqongelela izinto ezizoba usizo lapho kunenhlekelele njengezinceku zikaNkulunkulu. Kunalokho, kuwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokutshela abanye ngesithembiso sikaNkulunkulu esimangalisayo somhlaba okungeke kube khona kuwo usongo lwanoma iyiphi inhlekelele—engokwemvelo noma ebangelwe umuntu.

R. G., United States

Gcina Abantwana Bakho Bevikelekile! (October 2007) Nganukubezwa lapho ngisemncane. Namanje angikwazi ukutshela abazali bami ukuthi kwenzekani. Ngakho, lezi zihloko zangiduduza kakhulu. Nginethemba elijulile lokuthi abazali bazofunda lo magazini futhi bavikele izingane zabo. Ngimbonga ngempela uJehova ngokusinika lokhu kwaziswa esikudingayo. Kwaba induduzo ngempela kulabo bethu abaye banukubezwa ngokobulili.

R. I., Japan

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela