Woza Uzongcebeleka EVanuatu
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENEW CALEDONIA
Ingabe uzizwa ucindezelekile? Ingabe udinga ukuyoshaywa umoya? Khona-ke, zibone ngeso lengqondo ungcebeleke esiqhingini esisendaweni eshisayo. Zibone ubhukuda emanzini aluhlaza okwesibhakabhaka, uhambahamba emahlathini emvula asendaweni evundile noma uxoxa nezinhlanga ezihlukahlukene zakuleyo ndawo. Ingabe ipharadesi elinjalo lisekhona emhlabeni? Yebo, likhona! Esiqhingini saseVanuatu, esisemajukujukwini.
NJENGOBA iphakathi kwe-Australia neFiji, iVanuatu iyiqoqo leziqhingi ezincane ezingaba ngu-80 ezimi njengo-Y eningizimu-ntshonalanga yePacific. Ngokwezazi zokwakheka komhlaba, izingqimba ezinkulu ezinyakazayo ngaphansi komhlaba zangqubuzana kule ndawo zabe sezakha izintaba eziphakeme ezingaphansi kwamanzi. Iziqongo eziphakeme kakhulu zalezi zintaba zivela ngaphezu kolwandle, okwenza lezi ziqhingi zaseVanuatu zibe magqumagquma. Namuhla, ukungqubuzana kwezingqimba ezinkulu ezinyakazayo kubangela ukuzamazama komhlaba okuningi okunomthelela ekuqhumeni kwezintaba-mlilo ezingu-9. Izivakashi ezinesibindi zingalubonela eduze udaka lwentaba-mlilo.
Kulezi ziqhingi kugcwele amahlathi emvula asendaweni evundile. Lena yindawo yezihlahla ezinkulu okuthiwa ama-banyan, ezinamaqabunga aphezulu angandlaleka avale indawo enkulu. Ngaphansi kwazo kunezinhlobo ezingaphezu kuka-150 zama-orchid nezingu-250 zama-fern ezihlobisa le ndawo evundile. Kunogu lolwandle oluhle namagquma amazombezombe azungeze amanzi acwebile agcwele izinhlanzi namakhorali amibalabala. Izivakashi ezifunda ngemvelo ezivela emhlabeni wonke ziza lapha zizobhukuda eceleni kwama-dugong amnene kodwa athanda ukudlala esiQhingini Sase-Epi.a
Ubuzimuzimu Namahlelo Okukhulekela Ingcebo
Abahloli bamazwe baseYurophu baqala ukufika eVanuatu ngo-1606.b Kulezi ziqhingi kwakuhlala izizwe ezinonya, kugcwele nobuzimuzimu. Ngaleso sikhathi, amahlathi e-sandalwood, ukhuni olunephunga elimnandi olwalwaziswa kakhulu e-Asia, ayegcwele kuyo yonke indawo. Benethemba lokwenza inzuzo, abahwebi baseYurophu baziqothula kancane kancane lezi zihlahla. Ngemva kwalokho baqala umkhuba okuthiwa i-blackbirding.
I-blackbirding yayihilela ukuqasha abomdabu ababezosebenza emasimini omoba nokotini eSamoa, eFiji nase-Australia. Kuthiwa lezi zisebenzi zazisayina ngokuzithandela isivumelwano sokusebenza iminyaka emithathu. Kodwa empeleni, eziningi zazo zazithunjwa. Ngasekupheleni kwawo-1800, lapho ukuhwebelana ngezigqila kwakudlangile, kwakunabantu besilisa abadala abangaphezu kwesigamu bakwezinye iziqhingi zaseVanuatu abase besebenza kwamanye amazwe aphesheya. Abaningi abazange babuye. Cishe izakhamuzi zasePacific ezingaba ngu-10 000 zafela e-Australia nje kuphela, ikakhulu ngenxa yezifo.
Kwakudlange nezifo zaseYurophu kulezi ziqhingi zaseVanuatu. Abantu balapha babengakwazi ukulwa nesimungumungwana, ikholera, ingxibongo nezinye izifo. Enye incwadi ithi: “Umkhuhlane nje ovamile wawubonakala ubhuqabhuqa abantu.”
Izithunywa zevangeli zeLobukholwa zafika eVanuatu ngo-1839 futhi ngokushesha nje zamenyelwa esidlweni sakusihlwa—okubikwa ukuthi yizona ezaba ukudla kwakusihlwa! Iningi lezithunywa elalandela lehlelwa umshophi ofanayo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, kwamiswa amasonto amaProthestani nawamaKatolika kuzo zonke lezi ziqhingi. Namuhla, amaphesenti angaphezu kuka-80 ezakhamuzi zaseVanuatu athi ayasonta. Noma kunjalo, umlobi uPaul Raffaele uphawula ukuthi “izakhamuzi eziningi zisabesaba abathakathi bendawo, abasebenzisa amatshe emimoya ekufakeleni umuntu intando ngomlingo, bakhuluphalise ingulube noma babulale isitha.”
EVanuatu kukhona nelinye lamahlelo okukhulekela ingcebo asenesikhathi ekhona emhlabeni. Phakathi neMpi Yezwe II, amasosha ase-United States adlula eVanuatu ephikelele ezinkundleni zempi zasePacific. Abantu bakulezi ziqhingi bamangala lapho bebona ingcebo eningi eyayiphethwe yila masosha. Lapho impi iphela, amaMelika amane aqoqa izinto zawo ahamba. Izinto ayeziphethe nayezisebenzisa ezibiza izigidi zamaRandi zaphonswa olwandle. Amaqembu enkolo, abizwa ngokuthi amahlelo okukhulekela ingcebo (cargo cults), akha izikhumulo zemikhumbi nezindiza futhi azilolonga ngezikhali-mbumbulu ukuze ahehe izivakashi ukuba zibuye. Ngisho nanamuhla, amakhulu ezakhamuzi zasesiQhingini SaseTanna asakhuleka kuJohn Frum—“umesiya waseMelika oyisipoki,” akholelwa ukuthi uyobuya ngolunye usuku, awalethele ingcebo eningi.
Ukuhlukahluka Kwamasiko
Izilimi namasiko abantu bakulezi ziqhingi ahluke ngendlela emangalisayo. Enye incwadi yesiqondiso ithi: “IVanuatu ithi inezilimi eziningi ezikhulunywa abantu bakhona ukudlula noma iliphi elinye izwe emhlabeni.” Okungenani kunezilimi ezingu-105 nezilimi zezigodi eziningi ezikhulunywa kulelo qoqo leziqhingi. IsiNgisi, isiFulentshi nesiBislama—okuyisifanakalo esikhulunywa kulo lonke izwe—ziyizilimi ezingokomthetho.
Kodwa kukhona into eyodwa efanayo kuzo zonke lezi ziqhingi: Amasiko alawula zonke izici zokuphila. Isiko lamandulo lokuvundisa umhlaba esiQhingini SasePentecost lashukumisela abantu ukuba basungule umdlalo osanganisa abantu emhlabeni wonke wokugxuma ezindaweni eziphakeme (bungee jumping). Njalo ngonyaka emkhosini waminyaka yonke we-yam, amadoda nabafana bagxuma besuka emibhoshongweni yokhuni engamamitha angu-20 kuya ku-30 ukuphakama. Okubasindisa ezimweni ezithile zokufa amagatsha amade omvini aboshelwa nje emaqakaleni. Ngokuthinta phansi ngekhanda, laba badlali abagxumela phansi banethemba ‘lokuvundisa’ umhlaba ukuze ulungele isivuno sonyaka ozayo.
Abantu bakwamanye amadolobhana asesiQhingini SaseMalekula baqale ukuxhumana nabantu bangaphandle eminyakeni yamuva. Lapha kuhlala isizwe esaziwa ngokuthi esamaNamba Amakhulu nesamaNamba Amancane. Njengoba zazike zaba amazimu anonya, kuthiwa zadla isisulu sazo sokugcina ngo-1974. Ngokufanayo, isiko lazo lokuthandela amakhanda ezinsana ezingabafana ziwaqinise ukuze zibe nezingebhezi ezinde “ezikhangayo” nalo laphela eminyakeni eminingi edlule. Namuhla amaNamba anobungane ngendlela emangalisayo futhi ajabulela ukutshela izivakashi ngengcebo yawo engokwesiko.
Abantu Abahlala Epharadesi
Izivakashi eziningi ziya eVanuatu ukuze ziyongcebeleka phakathi neholidi lazo elifushane. Kodwa oFakazi BakaJehova bafika lapho eminyakeni engaba ngu-70 edlule beyosiza abantu ngokomoya. Imizamo yoFakazi kuleli zwe ‘elisezingxenyeni ezikude zomhlaba’ iye yathela izithelo ezinhle. (IzEnzo 1:8) (Bheka ibhokisi elithi “Ukusuka Ekubeni Umlutha Wekava Kuya Ekubeni UmKristu.”) Ngo-2006 amabandla amahlanu oFakazi kulelo zwe achitha amahora angu-80 000 ehlanganyela nabantu isigijimi esivela eBhayibhelini sepharadesi elizayo lasemhlabeni. (Isaya 65:17-25) Okujabulisayo ukuthi iPharadesi elizayo liyoletha ukukhululeka kwaphakade ezingcindezini nasezinkathazweni zokuphila kwanamuhla!—IsAmbulo 21:4.
[Imibhalo yaphansi]
a Ama-dugong ayizilwane ezincelisayo zasolwandle ezidla uhlaza ezingakhula zibe ngamamitha angu-3,4 ubude futhi ezinesisindo esingaphezu kwamakhilogremu angu-400.
b IVanuatu yayibizwa ngokuthi iNew Hebrides ngaphambi kokuba ithole inkululeko ngo-1980.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 17]
IHAPPY ISLES
Ngo-2006, iVanuatu yaphuma phambili kuyi-Happy Planet Index yomhlaba wonke. Kulolu hlu, olwenziwa yi-New Economics Foundation, inhlangano yongqondongqondo yaseBrithani, yahlaziya amazwe angu-178 mayelana nenjabulo kazwelonke, ubude bokuphila kwabantu nomthelela wendawo ezungezile kubantu. Iphephandaba i-Vanuatu Daily Post lithi: “[IVanuatu] yaphuma phambili ngoba abantu bakhona bajabule, baphila iminyaka engaba ngu-70 futhi kuncane kakhulu abakwenzayo okungalimaza iplanethi.”
[Isithombe]
Imvunulo yabomdabu
[Umthombo]
© Kirklandphotos.com
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 17]
UKUSUKA EKUBENI UMLUTHA WEKAVA KUYA EKUBENI UMKRISTU
UWillie, ongowasesiQhingini SasePentecost, wayeyiphuza kakhulu ikava kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke. Leso siphuzo esinamandla esidakayo sivutshelwa ngezimpande ezigayiwe zesihlahlana sikapelepele. Njalo ebusuku wayeya ekhaya esediyazela evela enkantini yekava. Izikweleti zakhe zanqwabelana. Wayevame ukuba nobudlova abese eshaya umkakhe, u-Ida. Khona-ke omunye woFakazi BakaJehova owayesebenza noWillie wamkhuthaza ukuba afunde iBhayibheli. UWillie wavuma. U-Ida waqale waphikisa. Kodwa njengoba ukuziphatha komyeni kuthuthuka, washintsha ingqondo futhi naye waqala ukufunda. Bobabili bathuthuka kahle ngokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, uWillie wayinqoba imikhuba yakhe. Yena no-Ida babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova ngo-1999.
[Ibalazwe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
NEW ZEALAND
AUSTRALIA
PACIFIC OCEAN
FIJI
[Isithombe ekhasini 16]
Laba badlali abagxumela phansi bahlanganyela kulo mkhuba oyingozi kakhulu njengengxenye yesiko lokuvundisa umhlaba
[Umthombo]
© Kirklandphotos.com
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
© Kirklandphotos.com
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
© Kirklandphotos.com
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
© Kirklandphotos.com