Intsha Iyabuza . . .
Ngingenzenjani Lapho Ngizithola Ngisendaweni Enamasiko Angefani?
“Abakithi bangamaNtaliyane, futhi babonisana uthando nemfudumalo ngokukhululekile. Manje sihlala eBrithani. Lapha, abantu babonakala behlelekile futhi benesizotha. Ngizizwa ngingafaneleki kuwo womabili la masiko—angiyena umNtaliyane ngokugcwele futhi angilona iNgisi ngokugcwele.”—UGiosuè, eNgilandi
“Esikoleni uthisha uthi ngimbuke emehlweni lapho ekhuluma. Kanti ubaba uthi angihloniphi uma ngimbuka emehlweni lapho ekhuluma. Ngikuthola kunzima ukuzivumelanisa nala masiko amabili.”—UPatrick, wase-Algeria owathuthela eFrance
Ingabe ubaba noma umama wakho ungumfuduki?
◻ Yebo ◻ Cha
Ingabe esikoleni uzungezwe abantu abakhuluma ulimi noma abaphila ngendlela ehlukile kweyakini?
◻ Yebo ◻ Cha
ABANTU abaningi bathuthela kwamanye amazwe unyaka ngamunye, futhi abaningi babo babhekana nezinselele ezinkulu. Ngokushesha nje bazithola sebezungezwe abantu abakhuluma ulimi oluhlukile, abanamasiko ahlukile futhi abagqoka ngendlela ehlukile kweyabo. Ngenxa yalokho, abantu bakwamanye amazwe ngokuvamile baba yizisulu zokuhlekwa—okuyiqiniso elatholwa yintombazane okuthiwa nguNoor. Ikanye nomkhaya wakubo, bathuthela eNyakatho Melika besuka eJordan. Ithi: “Izingubo zethu zokugqoka zazihlukile, ngakho abantu babehlekisa ngathi. Futhi sasingawaqondi ngempela amahlaya aseMelika.”
Osemusha okuthiwa uNadia wabhekana nenselele ehlukile. Uyachaza: “Ngazalelwa eJalimane. Njengoba abazali bami babengamaNtaliyane, ngangikhuluma isiJalimane ngendlela ehlukile, futhi izingane esikoleni zazithi ‘ngiyisifiki esiyisiwula.’ Kodwa lapho ngivakashela eNtaliyane, ngangithola ukuthi ngikhuluma isiNtaliyane njengabantu baseJalimane. Ngakho ngicabanga ukuthi angizazi ngempela ukuthi ngiyiliphi. Noma kuphi lapho ngiya khona ngiyisifiki.”
Iziphi ezinye izinselele izingane ezinabazali abavela kwamanye amazwe ezibhekana nazo? Futhi zingazuza kanjani kulezo zimo ezibhekene nazo?
Ukungafani Kwamasiko Nemigoqo Yolimi
Ngisho nasekhaya, intsha enabazali abathuthela kwelinye izwe ingabona kwakheka igebe phakathi kwamasiko. Kanjani? Izingane zizivumelanisa ngokushesha nendlela entsha yokuphila kunabazali bazo. Ngokwesibonelo, u-Ana wayeneminyaka engu-8 lapho bethuthela eNgilandi nomkhaya wakubo. Uthi: “Mina nomfowethu, sazivumelanisa kalula nje nokuphila kwaseLondon. Kodwa kwakunzima ngabazali bami, abase bephile isikhathi eside esiqhingini esincane saseMadeira, ePortugal.” UVoeun, owayeneminyaka emithathu lapho abazali bakhe abadabuka eCambodia beya e-Australia, uthi: “Abazali abazange bazivumelanise kahle nokuphila kwalapha. Empeleni ubaba wayevame ukucasuka futhi athukuthele ngoba ngangingasiqondi isimo sakhe sengqondo nendlela acabanga ngayo.”
Lokhu kungafani kwamasiko kungafana nomsele omkhulu ohlukanisa intsha nabazali bayo. Kanti, njengodonga lwenqaba olwakhiwe ngasemseleni, umgoqo wolimi ungayihlukanisa nangokwengeziwe imikhaya. Lo mgoqo wakheka lapho izingane zifunda ulimi olusha ngokushesha kunabazali. Lo mgoqo uyakhula njengoba izingane zilukhohlwa ulimi lwasekhaya futhi kuya kuba nzima ukuba zikhulumisane nabazali bazo ngendlela ezuzisayo.
U-Ian, manje oneminyaka engu-14 ubudala, wawubona lo mgoqo wakheka phakathi kwakhe nabazali ngemva kokuba umkhaya uthuthele eNew York usuka e-Ecuador. Uthi: “Manje ngikhuluma isiNgisi kakhulu kuneSpanishi. Othisha bami esikoleni bakhuluma isiNgisi, abangane bami bakhuluma isiNgisi futhi ngikhuluma isiNgisi nomfowethu. Ikhanda lami ligcwele isiNgisi futhi sithatha indawo yeSpanishi.”
Ingabe nawe unenkinga efana neka-Ian? Uma umkhaya wakini wathutha lapho usemncane kakhulu, kungenzeka awuzange uqaphele ukuthi ulimi lwakini lungase lukusize kamuva ekuphileni. Ngakho kungenzeka wayekelela waze walukhohlwa. UNoor, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ubaba wazama kanzima ephikelela ukuba sikhulume ulimi lwakubo ekhaya, kodwa sasingafuni ukukhuluma isi-Arabhu. Kithina, ukufunda isi-Arabhu kwakubonakala njengomunye umthwalo owengeziwe. Abangane bethu babekhuluma isiNgisi. Izinhlelo ze-TV esasizibukela zaziqhutshwa ngesiNgisi zonke. Sasizosenzani-ke isi-Arabhu?”
Kodwa njengoba ukhula, ungase uqale ukubona izinzuzo zokukhuluma ulimi lwakini kahle. Nokho, ungase ukuthole kunzima ukukhumbula amagama ayezifikela kalula nje ngaphambili. UMichael, oneminyaka engu-13 ubudala abazali bakhe abathuthela eNgilandi besuka eChina, uthi: “Ngiyazixuba lezi zilimi ezimbili.” U-Ornelle, oneminyaka engu-15 owathuthela eLondon esuka eCongo (Kinshasa), uthi: “Ngiyazama ukutshela umama okuthile ngesiLingala kodwa ngiyahluleka ngoba sengikujwayele kakhulu ukukhuluma isiNgisi.” ULee, abazali bakhe abangabaseCambodia kodwa owazalelwa e-Australia, uyazisola ngokungakwazi ukulukhuluma kahle ulimi lwabazali bakhe. Uyachaza: “Uma ngikhuluma nabazali bami futhi ngifuna ukwenaba ngibatshele indlela engizizwa ngayo ngezinto ezithile, ngithola ukuthi angikwazi ukulukhuluma kahle ngokwanele ulimi lwabo.”
Izizathu Zokuvala Igebe
Uma, ngandlela-thile, usulukhohliwe ulimi lwakini, ungalilahli ithemba. Ungawavuselela amakhono akho okulukhuluma. Kodwa kumelwe uqale ubone izinzuzo zokwenza kanjalo. Yiziphi ezinye zazo? UGiosuè, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ngafunda ulimi lwabazali bami ngoba ngangifuna ukusondelana nabo ngokomzwelo, futhi ngaphezu kwakho konke, ngangifuna ukusondelana nabo ngokomoya. Ukufunda ulimi lwabo kungisize ukuba ngiqonde indlela abazizwa ngayo. Futhi kubasizile nabo ukuba bangiqonde.”
Intsha eningi engamaKristu ifunda ukulukhuluma kahle ulimi lwakubo ngoba ifuna ukutshela abanye abathuthela kwamanye amazwe ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) USalomão, owathuthela eLondon lapho eneminyaka emihlanu ubudala, uthi: “Kuwusizo kakhulu ukukwazi ukuchaza imiBhalo ngezilimi ezimbili! Ngase ngilukhohliwe ulimi lwakithi, kodwa njengoba sengisebandleni lesiPutukezi, sengisikhuluma kahle isiNgisi nesiPutukezi.” U-Oleg, oneminyaka engu-15 futhi manje ohlala eFrance, uthi: “Kuyangijabulisa ukukwazi ukusiza abanye abantu. Ngiyakwazi ukubachazela iBhayibheli abantu abakhuluma isiRashiya, isiFulentshi, noma isiMoldova.” UNoor, wabona isidingo sabashumayeli bevangeli ensimini yesi-Arabhu. Uthi: “Manje sengiyalufunda lolu limi futhi ngizama ukukhumbula izinto esengazikhohlwa. Isimo sami sengqondo sesishintshile. Manje sengiyakufuna ukulungiswa. Ngiyakufuna ukufunda.”
Yini ongayenza ukuze uphinde ulukhulume kahle ulimi lwakini? Eminye imikhaya ithole ukuthi uma iphikelela ikhuluma ulimi lwasekhaya kuphela ekhaya, khona-ke izingane ziyozifunda zombili izilimi.a Ungase uthande nokucela abazali bakho ukuba bakusize ufunde ukubhala lolo limi. UStelios, owakhulela eJalimane kodwa ulimi lwakubo oluyisiGreki, uthi: “Abazali bami babevame ukuxoxa nami ngombhalo weBhayibheli usuku ngalunye. Babewufunda ngokuzwakalayo, bese ngiwubhala phansi. Manje sengiyakwazi ukufunda nokubhala isiGreki nesiJalimane.”
Ngokuqinisekile, uyazuza ngokuwazi womabili amasiko nokukhuluma izilimi zombili noma ngaphezulu. Ukuwazi womabili amasiko kuthuthukisa ikhono lakho lokuqonda indlela abantu abazizwa ngayo nokuphendula imibuzo yabo ngoNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe, nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!” (IzAga 15:23) UPreeti, onabazali abangamaNdiya kodwa owazalelwa eNgilandi, uyachaza: “Ngenxa yokuthi ngiwaqonda womabili amasiko, ngizizwa ngiqiniseka ensimini. Ngiyabaqonda abantu bawo womabili la masiko—lokho abakukholelwayo nendlela ababheka ngayo izinto.”
“UNkulunkulu Akakhethi”
Uma unomuzwa wokuthi unenkinga ngoba uphila endaweni enamasiko angefani nawakini, ungadumali. Isimo sakho siyefana nabantu abambalwa baseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uJosefa wahlukaniswa nabantu bakubo abakhuluma isiHebheru lapho esengumfana futhi wachitha ukuphila kwakhe konke eGibhithe. Nakuba kunjalo, kuyacaca ukuthi akazange alukhohlwe ulimi lwakubo. (Genesise 45:1-4) Ngenxa yalokho, wakwazi ukusiza umkhaya wakubo.—Genesise 39:1; 45:5.
UThimothewu, owayehamba kakhulu nomphostoli uPawulu, wayenobaba ongumGreki umama engumJuda. (IzEnzo 16:1-3) Kunokuba avumele isizinda sakhe esingafani sibe yisithiyo, akungabazeki ukuthi ukuwaqonda womabili la masiko kwamenza wakwazi ukusiza abanye njengoba esebenza njengesithunywa sevangeli.—Filipi 2:19-22.
Ingabe nawe ungabheka isimo sakho njengesizuzisayo kunokusibheka njengesiyinkinga? Khumbula, “uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) UJehova uthanda lokho oyikho, hhayi ukuthi udabuka kuphi. Njengentsha ecashunwe kulesi sihloko, ungakwazi yini ukusebenzisa ulwazi lwakho ukuze usize abanye abantu abanesizinda esifana nesakho ukuba bafunde ngoNkulunkulu ongakhethi futhi onothando, uJehova? Ukwenza kanjalo kungakwenza ujabule ngempela!—IzEnzo 20:35.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukusikisela okwengeziwe okuwusizo, bheka isihloko esithi “Ukukhulisa Izingane Kwelinye Izwe—Izinselele Nemivuzo” esashicilelwa kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 2002.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Iziphi izingqinamba zokuhlukana kwamasiko noma ulimi obhekene nazo?
◼ Ungazinqoba kanjani ezinye zalezi zinselele?
[Isithombe ekhasini 20]
Ukukhuluma ulimi lwabazali bakho kungaqinisa izibopho zomkhaya