Intsha Iyabuza . . .
Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zengevu Ze-Internet?
“Nakuba nginamahloni, kodwa ngingangena engosini yengevu futhi ngixoxe nabantu ebengingeke ngixoxe nabo ngokuvamile. Abanalo noluncane ulwazi lokuthi ngingubani.”—UPeter.a
“Engosini yengevu, uba nomuzwa wokuthi ungasho noma yini ofuna ukuyisho.”—U-Abigail.
IZINGOSI ZENGEVU “yizindawo” kuyi-Internet lapho labo abayisebenzisayo bengaba nezingxoxo khona ngokubhalelana imiyalezo. Lezi zingosi zengevu zingahlanganisa abantu abaningi ngesikhathi esisodwa, abangafunda futhi baphendule imiyalezo yomunye nomunye.
Ezinye izingosi zengevu ziyakhanga entsheni esebenzisa i-Internet. Izigidi zentsha yezinhlanga ezihlukahlukene zicobelelana imibono usuku nosuku ngokuphathelene nanoma isiphi isihloko. Izikole eziningi ziyayisebenzisa le ndlela yokuxhumana yomhlaba wonke. Ngokwesibonelo, ngaphansi kokuqondisa kothisha, abafundi e-United States bangase baxoxe ngezindaba zabantu ezivamile nabanye abafundi abaseSpain, eNgilandi, noma kwezinye izindawo. Abafundi bangase baxoxe ngisho nangomsebenzi wabo othile wesikole nonjiniyela, usokhemisi noma nesifundiswa esithile.
Nokho, abantu abaningi abangena ezingosini zengevu, abangeni ngoba befuna ukuxoxa ngezihloko eziphathelene nemfundo. Uma une-Internet, yiziphi izingozi okufanele uziqaphele?
Indawo Yokuzingela Yabanukubezi Bezingane
U-Abigail uthi: “Ngangixoxa nabantu abathile engosini yengevu, lapho indoda ethile ingibuza ukuthi ikhona yini intsha eneminyaka engu-14 engiyaziyo. Yayifuna ukulala nentsha enaleyo minyaka. Yathi ingayikhokhela ngisho nemali ukuze ilale nayo.”
Okuhlangenwe nakho kuka-Abigail akuyona into engavamile. Inkinga yabanukubezi abakuyi-Internet isakazeke yonke indawo kangangokuthi abanye ohulumeni baye bakhipha iziqondiso zokuthi intsha ingavikelwa kanjani. Ngokwesibonelo, incwadi eyakhishwa yi-Federal Bureau of Investigation (FBI) e-United States ixwayisa ngabantu abathile abavele nje baqale ukukhuluma ngobulili ngokushesha nanoma ubani osengosini. Ixwayisa nangabantu “abaheha izisulu zabo kancane kancane ngokubonisa isithakazelo, uthando, umusa kanye nangokuzipha izipho.”
Njengoba ichaza izindlela ezihlukahlukene ezisetshenziswa yilaba banukubezi, incwadi ye-FBI ithi: “Bayalalelisisa bese bebonisa uzwela ngezinkinga zezingane. Bayazi ukuthi imuphi umculo othandwayo ngaleso sikhathi, izinto zokuchitha isizungu kanye nezinto ezithandwa yizingane. Laba bantu bazama ukuqeda ukuqapha kwezingane kancane kancane ngokuqale bafake amaganyana nezinkulumo ezithile zobulili ezingxoxweni zabo.”
Akubona nje laba bantu abadala abakhohlakele kuphela abayingozi. Kufanele uqaphele nentsha engenalwazi noma engazihloniphi izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha. Cabanga ngokuhlangenwe nakho kwensizwa okuthiwa uCody. Wayexoxa nenye intsha engosini lapho intombazane ethile imcela ukuba baxoxe ngasese kule ngosi. Yabe isimbuza umbuzo osikisela ubulili. UCody wakwazi ukuzithiba wanqamula ingxoxo ngokushesha.
Ngenxa yokuthi sinesithakaselo esingokwemvelo sobulili, ungase ukuthole kunzima kakhulu ukwenza ngendlela uCody enza ngayo. UPeter, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyavuma: “Ngangicabanga ukuthi ngiyakwazi ukuzithiba, ngingayinqamula ingxoxo uma isiqala ukuhilela ezobulili. Kodwa ngazithola ngiqhubeka ngihileleka ezingxoxweni eziphathelene nobulili izikhathi eziningi. Ngangiphatheka kabi ngemva kwalokho.” Ungase uzibuze ukuthi, ‘Uma ngizifihla ukuthi ngingubani engosini yengevu, ingabe kuyingozi ngempela ukuxoxa ngobulili kuyi-Internet?’
Ingabe Izingxoxo Zobulili Kuyi-Internet Ziyingozi?
IBhayibheli likhuluma ngokungagwegwesi ngobulili. (IzAga 5:18, 19) Kuyavunywa ukuthi abantu baba nesithakazelo esikhulu ebulilini lapho besebasha. Ngakho-ke kufanele ukhulume ngobulili. Kudingeka uthole izimpendulo zemibuzo yakho ngokuphathelene nale ndaba ebalulekile.b Nokho, indlela othola ngayo izimpendulo zemibuzo yakho ngokuphathelene nezindaba zobulili iyoba nethonya elikhulu enjabulweni yakho manje nasesikhathini esizayo.
Uma ukhetha ukuxoxa ngobulili engosini yengevu, ngisho noma uxoxa nabantu abathi bangabangane bakho, ungase wehlelwe yilokho okwehlela insizwa ethile echazwe eBhayibhelini. Ngenxa yelukuluku, yahambahamba eduze kwendlu yowesifazane oyisifebe. Lona wesifazane waqale waxoxa nayo. Nokho, ngemva kokuba inkanuko yale nsizwa isivusiwe, insizwa ayaneliswanga ukuxoxa nje. “Ngokushesha iyamlandela, njengenkunzi iyohlatshwa, . . . njengalapho nje inyoni ishesha ukuya esicuphweni.”—IzAga 7:22, 23.
Ngokufanayo, ukukhuluma ngobulili kuyi-Internet kungaholela kalula ekufuneni ukuzanelisa okwengeziwe. “Ngangixoxa nothile engosini yengevu, lapho kuthushuka isithombe esingcolile kuyi-computer yami,” kukhumbula osemusha ogama lakhe linguPhilip. “Sasithunyelwe yilo muntu engangixoxa naye.” Uma nje isithakazelo sakho sokubuka izithombe zobulili sesivusiwe, ungase ulingeke ukuba usiphishekele ngokwengeziwe, njengokungena ezingosini zengevu zabantu abadala.c Abaningi ababuka izithombe zobulili ezingcolile baqhubekela ekwenzeni ukuziphatha okubi futhi babhekane nemiphumela abangenakuyigwema.—Galathiya 6:7, 8.
Abantu abafuna ukukhuluma ngobulili nawe kuyi-Internet abakukhathaleli. Laba bantu abangaziwa bafuna ukukuyengela ezingxoxweni ezingcolile—mhlawumbe nasezenzweni ezingcolile—ukuze banelise izifiso zabo.d Lapho izama ukuvikela indodana yayo kubantu abahlukumeza abanye ngokobulili, iNkosi uSolomoni yabhala: “Gcina indlela yakho ikude naye, ungasondeli ngasemnyango wendlu yakhe ukuze ungasiniki abanye isithunzi sakho . . . ukuze abantu abangaziwa bangazanelisi ngamandla akho.” (IzAga 5:8-10) Isimiso esitholakala kulesi sixwayiso singase sisetshenziswe ngale ndlela: Ungasondeli ezingosini zengevu okuxoxwa kuzo ngobulili, ukuze ungabaniki isithunzi sakho abantu abangaziwa abafuna ukuzanelisa ngawe.
‘Abantu Abafihla Lokho Abayikho’
Nokho, ungase uthi awufuni ukuxoxa ngobulili kuyi-Internet. NjengoPeter no-Abigail, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, ungase ubheke ingosi yengevu njengendawo ongaveza kuyo imizwa yakho ngaphandle kokuba waziwe nangaphandle kokwesaba ukuphoxeka.e Noma kunjalo, kukhona enye ingozi okufanele uyiqaphele.
Ukungaziwa ukuthi ungubani engosini yengevu kungase kukuyengele ukuba ube umkhohlisi. U-Abigail uthi: “Ngangiqala izingxoxo nabantu bese ngishintsha ubuntu bami ukuze buhambelane nengxoxo.” Njengo-Abigail, nawe ungase ulingeke ukuba ushintshe ubuntu bakho ukuze bufanelane nobeqembu elithile engosini yengevu. Ungase uqale ukukhuluma njengabo noma uthande izinto abazithandayo njengoba uzama ukubenza abangane. Ngakolunye uhlangothi, ungase ubone ingosi yengevu njengendawo yokuveza imibono nemizwa ocabanga ukuthi abazali noma abangane bakho bangase bangavumelani nayo. Noma ngabe yikuphi, ekugcineni uyokhohlisa abathile. Ngokuzenza othile ongeyena kuyi-Internet, ukhohlisa labo ohlangana nabo ezingosini zengevu. Ngakolunye uhlangothi, uma ungayivezi imizwa kanye nemibono yakho emkhayeni wakini nakubangane, uyabakhohlisa.
Nakuba izingosi zengevu ziyizinto ezintsha kuyi-Internet, ukukhohlisa nokuqamba amanga kwabantu kuyinto ekade yaba khona. IBhayibheli liveza ukuthi umqambimanga wokuqala, uSathane uDeveli, wasungula indlela yokuqamba amanga esetshenziswa ezingosini zengevu. Wazifihla ukuthi ungubani ngaphambi kokuba akhulume amanga akhe okuqala. (Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9, 10) Ungakugwema ukukhohliswa ngokulandela isibonelo seNkosi uDavide. Yabhala: “Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.”—IHubo 26:4.
Njengoba kuye kwaboniswa ekuqaleni, ezinye izingosi zingaba usizo kakhulu. Noma kunjalo, intsha efuna ukujabulisa uJehova kufanele isebenzise ukuqapha okwengeziwe lapho ixhumana nabanye ngale ndlela yesimanje. Uma udinga ukungena kwenye yezingosi zengevu, cela abazali bakho noma othile omdala osevuthiwe ukuba akugade. Isihloko esizayo sizodingida izizathu ezimbili ezengeziwe eziveza ukuthi kungani kufanele uqaphe lapho ungena ezingosini zengevu. Sizochaza nezindlela ongabhekana ngazo nezinkinga ezingase zivele nakuba uzisebenzisa ngokuqapha.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo iqukethe iseluleko esihluzekile esisekelwe eBhayibhelini ngokuphathelene nobulili ngaphambi komshado, ukushaya indlwabu, kanye nezinye izihloko ezifana nalezi.
c Ezinye izingosi zengevu okuthiwa ezabantu abadala zibeka imikhawulo ethile ngokuqondene neminyaka yobudala yabantu abavumelekile ukuba bangene kuzo. Ngokuvamile lokhu kwenziwa ngenxa yezingxoxo ezithile kanye nezithombe ezingcolile abanikana zona engosini. Nokho, ukucwaninga kuveza ukuthi ngisho nentsha eneminyaka engu-9 ubudala iqamba amanga ngeminyaka yayo ukuze ikwazi ukungena ezingosini zengevu zabantu abadala.
d Njengoba ungeke ukwazi ukuqiniseka ukuthi ubani okhuluma naye engosini yengevu, umuntu okhuluma naye angazishaya owobulili obuhlukile, nakuba eqinisweni engowobulili obufana nobakho.
e Incwadi ethi A Parent’s Guide to Internet Safety itusa ukuba abantu abasebenzisa i-Internet bangawavezi nhlobo amagama abo, amakheli noma izinombolo zocingo kubantu abangabazi abahlangana nabo ezingosini zengevu!
[Isithombe ekhasini 13, 14]
Zingaba yingozi izingxoxo kuyi-Internet