Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 10/8 k. 10-k. 12 isig. 5
  • Ukugqashula Emaketangeni Okuphuza Ngokweqile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugqashula Emaketangeni Okuphuza Ngokweqile
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqaphela Inkinga
  • Ukufuna Usizo
  • Ukuvala Isikhala
  • Ukubhekana Nokubuyela Emuva
  • Inkululeko!
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ukuphuza Utshwala—Ungakulawula Kanjani?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 10/8 k. 10-k. 12 isig. 5

Ukugqashula Emaketangeni Okuphuza Ngokweqile

“Ubaba wayewumlutha wotshwala, ngakho nami ngalandela ezinyathelweni zakhe. Ngase ngiphuza kakade lapho ngineminyaka engu-12 ubudala. Lapho sengishadile, ngangidakwa nsuku zonke. Ngaqala ukuba nobudlova; umkhaya wami wawuvame ukulanyulelwa amaphoyisa. Impilo yami yaqala ukuwohloka. Utshwala bangenza ngophela ngaphakathi, futhi ngasinda ngokulambisa. Ngabe sengiba nesifo sesibindi futhi ngaphelelwa igazi. Ngajoyina amaqembu okuzisiza ngizama ukuyeka utshwala, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ngazizwa sengathi ngibanjwe ubulembu futhi angikwazi ukugqashula.”—UVÍCTOR,a E-ARGENTINA.

ABANTU ababanjwe ugibe lotshwala balandisa izindaba ezinjengalezi njalo. NjengoVíctor, bazizwa bebanjiwe kungenandlela yokugqashula. Ingabe izinkinga ezibangelwa utshwala zinganqotshwa noma zigwenywe ngisho nokugwenywa? Uma kunjalo, kanjani?

Ukuqaphela Inkinga

Okokuqala, kubalulekile ukuba umuntu ophuza utshwala nalabo abasondelene naye baqaphele ukuthi kunenkinga uma ikhona. Ukulutheka kuyingxenyana encane nje yenkinga isiyonke. Lo mkhuba wokulutheka usunesikhathi eside waqala futhi kungenzeka ukuthi waqala ngokuphuza ngokulinganisela. Kuyamangalisa ukuthi izingozi eziningi, izenzo zobudlova nezinkinga zomphakathi ezibangelwa utshwala aziqalwa abantu abayimilutha yotshwala. Phawula lokho okushiwo i-World Health Organization (WHO): “Indlela engcono kakhulu yokunciphisa zonke izinkinga ezibangelwa utshwala emphakathini iwukugxila ekunqandeni izinga lokuphuza labantu abalinganiselayo esikhundleni zokunqanda labo abeqisayo ophuzweni.” (Omalukeke sizenzele.) Ingabe indlela ophuza ngayo yedlula izilinganiso ezituswa yizikhulu zezempilo? Ingabe uyaphuza nakuba usezimweni ezidinga ukuba unakisise futhi usabele ngokushesha? Ingabe ukuphuza kwakho kudala izinkinga emkhayeni wakho noma emsebenzini? Ukuvuma ukuthi indlela ophuza ngayo iyingozi futhi unciphise ngempela ‘kuyindlela engcono kakhulu’ yokugwema izinkinga ezinkulu kamuva. Lapho umuntu esewumlutha, kuba nzima kakhulu ukwenza izinguquko.

Ngokuvamile abantu abaphuza ngokweqile bavame ukuyiphika inkinga. Baye bathi: “Ngiphuza njengawo wonke umuntu” noma bathi: “Ngingabuyeka noma nini uma ngithanda.” UKonstantin waseRussia uthi: “Nakuba utshwala bacishe bangibulala, ngangingazibheki neze njengomlutha wotshwala, ngakho angizange ngithathe zinyathelo zokubuyeka.” UMarek wasePoland uyakhumbula: “Ngazama ukugqashula izikhathi eziningi kodwa angizange ngikuvume ukuthi ngiwumlutha wotshwala. Ngangiziziba izinkinga utshwala obungibangela zona.”

Umuntu angasizwa kanjani ukuba abone ukuthi unenkinga yophuzo futhi athathe izinyathelo ezifanele? Okokuqala, kufanele avume ukuthi izinkinga zakhe zibangelwa ukweqisa ophuzweni nokuthi ukubuyeka kuyolithuthukisa izinga lokuphila kwakhe. Njengoba kushiwo kuyi-Revue du Praticien—Médecine Générale, kufanele ashintshe umcabango wakhe, angabe esathi “ngiyaphuza ngoba umkami wangishiya futhi ngalahlekelwa umsebenzi,” kodwa athi “umkami wangishiya futhi ngalahlekelwa umsebenzi ngoba ngiyaphuza.”

Uma ufuna ukusiza umlutha wotshwala ushintshe indlela ocabanga ngayo, kungakuhle ulandele lokhu kusikisela: Lalelisisa, buza imibuzo eqondile ukuze umuntu akhululeke ukuveza imizwa nemicabango yakhe, bonisa uzwela oluyomenza abone ukuthi uyakuqonda lokho abhekene nakho, mkhuthaze ngisho noma incane intuthuko ayenzile, gwema ukumahlulela noma ukuba nesimo sengqondo esingamenza angabe esakhuluma noma afune usizo. Kungaba usizo nokumcela ukuba abhale izinhlu ezimbili eziphendula imibuzo ethi Kuyokwenzekani uma ngiqhubeka ngiphuza? nothi Kuyokwenzekani uma ngibuyeka utshwala?

Ukufuna Usizo

Uma umuntu eqala ukuphuza ngokweqile, lokho akusho ukuthi akayinto yalutho noma akusenathemba ngaye. Abanye bayakwazi ngisho nokugqashula bengasizwa muntu. Nokho, abantu abayimilutha yotshwala bangase badinge usizo lochwepheshe ukuze bakwazi ukubuyeka.b Abanye abantu kuyabasiza ukwelashwa ngezikhathi ezithile, kodwa lapho izimpawu zokulutheka ziba namandla, kungase kudingeke balaliswe esibhedlela. Lapho izimpawu zokuqala zokulutheka seziphelile—ngemva kwezinsuku ezimbili kuya kwezinhlanu—bangase banikwe imithi ukuze kuvalwe isifiso sotshwala, baqhubeke bengabuthinti.

Nokho, izinhlelo zokukhipha utshwala egazini azisona isiqinisekiso sempumelelo. Imithi imane nje iwusizo lwesikhashana, ayilona ikhambi. U-Alain waseFrance, wangenela izinhlelo eziningana zokukhipha utshwala egazini. Uthi: “Lapho nje ngiphuma esibhedlela, ngangibuyela otshwaleni ngoba ngangijwayelene nabangane abafanayo engangiphuza nabo. Ngamanye amazwi, ngangingenaso isisusa esifanele sokuyeka utshwala.”

Ukuvala Isikhala

Empeleni, abaningi bahluleka ngoba ukuyeka utshwala kushiya isikhala, njengokulahlekelwa umngane oseduze. UVasiliy waseRussia uthi: “Ngangicabanga ngokuphuza njalo. Kwakuba kubi uma kuphela usuku ngingaphuzanga.” Kumuntu owumlutha wotshwala, yonke eminye imisebenzi ayibalulekile njengokwanelisa isifiso sokuphuza. UJerzy wasePoland uyakhumbula: “Okuwukuphela kwenjongo yami ekuphileni kwakuwukuphuza nokuthola imali yokuphuza.” Kusobala-ke ukuthi kubalulekile ukuba umlutha olulamayo uthole injongo entsha ekuphileni ukuze ukwazi ukuqhubeka ungabuthinti utshwala.

Incwadi enyatheliswa i-WHO eluleka labo abazama ukushintsha indlela abaphuza ngayo iqokomisa ukubaluleka kokuba nemisebenzi enenjongo ukuze umuntu angabuyeli otshwaleni. Okunye ukusikisela okunikezwe njengesibonelo kukhuthaza ukuhileleka emisebenzini yenkolo.

Ukuba matasa ngemisebenzi engokomoya kungasiza umuntu agqashule ekuxhakathisweni utshwala. Ngokwesibonelo, ngemva kokuboshwa okwesithathu ngamacala ahlobene notshwala, u-Alain waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uthi: “Ukutadisha iBhayibheli kwanginika injongo yokuphila futhi kwangisiza ukuba ngikhuthazele. Isisusa sami kwakungasekona nje ukuyeka ukuphuza kodwa ukujabulisa uJehova.”

Ukubhekana Nokubuyela Emuva

Abeluleki babantu abaphuza ngokweqile baveza ukuthi kubalulekile ukuba umlutha olulamayo usekelwe futhi ukhuthazwe. Abaningi baye balahlekelwa imikhaya nabangane ngenxa yesimo sabo esibi. Isizungu esiba umphumela walokhu singaletha ukucindezeleka futhi siholele umuntu ngisho nasekuzibulaleni. Incwadi okukhulunywe ngayo ngenhla inikeza iseluleko esilandelayo sokusiza othile onenkinga yokuphuza: “Zama ukuba ungamgxeki umuntu ozama ukumsiza, ngisho noma ukuziphatha kwakhe kukucasula futhi kukukhungathekisa. Khumbula ukuthi ukushintsha imikhuba akulula neze. Nakanjani amanye amasonto ayohamba kahle, kodwa amanye abe nzima. Kudingeka ukuba umkhuthaze, umsize ukuba anciphise noma ayeke ukuphuza futhi ube nemibono ekhuthazayo.”

UHilario, okwase kuphele cishe iminyaka engu-30 ephuza, uyalandisa: “Ngasizwa uthando nokukhathalela kwabafowethu ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova. Ngangihluleka kaningi, kodwa babengisekela njalo bengikhuthaza futhi benginika iseluleko seBhayibheli uma kufanele.”

Uma ulwa nokugqashula otshwaleni, khumbula ukuthi ngezinye izikhathi cishe uyobuyela emuva, kodwa kufanele lokho ukubheke njengengxenye yendlela eya ekululameni. Ungayeki! Hlaziya ukuthi yini ebangele ukuhluleka, futhi usebenzise lolo lwazi ukuze ugweme ukuhluleka esikhathini esizayo. Thola ngokuqondile ukuthi iziphi izimo ezikwenze waba nesifiso sokuphuza. Kungenzeka yini ukuthi ukuba nesithukuthezi, ukucindezeleka, isizungu, izingxabano, ukukhandleka ngengqondo, noma izenzakalo ezithile noma izindawo lapho abanye bephuza khona? Uma kunjalo-ke, zigweme! UJerzy, okwamthatha iminyaka emibili ukuba abuyeke ngokuphelele utshwala, uthi: “Ngafunda ukuqonda nokuqaphela imizwa engangenza ngiphuze. Manje ngizigwema zonke izimo ezinjalo. Ngiyazigwema izindawo abantu abaphuza kuzo. Angidli lutho olunotshwala, futhi ngigwema ngisho nezinto zokugcoba noma imithi ethakwe notshwala. Ngiyazigwema nezikhangiso ezikhuluma ngotshwala.” Abaningi baye bathola ukuthi ukuthandaza kuNkulunkulu bacele “amandla angaphezu kwavamile” kuye kwabasiza ekunqobeni isifiso sabo sokuphuza.—2 Korinte 4:7; Filipi 4:6, 7.

Inkululeko!

Nakuba kungase kube yinselele eqhubekayo, ukugqashula emaketangeni okuluthwa utshwala kungenzeka. Bonke abantu okukhulunywe ngabo kulesi sihloko baye baphumelela. Banempilo engcono futhi bathola izinzuzo emkhayeni nasemsebenzini wokuziphilisa. U-Alain uthi, “Manje sengikhululekile ekuphuzeni.” UKonstantin uthi: “Ukwazi uJehova kwalondoloza umkhaya wami. Manje ukuphila kwami kunenjongo. Injabulo yami ayixhomekile otshwaleni.” UVíctor uyaphawula: “Ngizizwa njengomuntu okhululekile. Ngiye ngabuyisa isithunzi sami nokuhlonipheka.”

Umuntu angalwenza ushintsho kungakhathaliseki ukuthi usengozini yokulimala ngenxa yokuphuza ngokweqile, unezinkinga ngenxa yokuphuza ngokweqile, noma uwumlutha wotshwala. Uma ukuphuza kwakho kusongela inhlalakahle yakho, ungazindeli ukwenza izinguquko ezifanele. Lokhu kungazuzisa wena nalabo abakuthandayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Kunezikhungo eziningi zokwelapha, izibhedlela nezinhlelo zokululama ezingaba usizo. Ayikho indlela ethile yokwelapha oFakazi BakaJehova abayitusayo. Umuntu kumelwe aqaphe ukuze angahileleki ezenzweni ezingqubuzana nezimiso ezingokomBhalo. Nokho, ekugcineni, umuntu ngamunye kufanele azinqumele yena ukuthi iyiphi indlela yokwelapha edingekayo.

[Isithombe ekhasini 10]

Ukuvuma inkinga kuyisinyathelo sokuqala

[Isithombe ekhasini 11]

Abaningi badinga usizo lochwepheshe ukuze bagqashule

[Isithombe ekhasini 12]

Umthandazo ungasiza

[Isithombe ekhasini 12]

Ungawathola amandla okugwema utshwala!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela