ISAHLUKO 11
Kuthiwani Ngobungane Kuyi-Internet?
Iyiphi indlela engcono kuwe yokukhuluma nabanye?
□ Ubuso nobuso
□ Ucingo
□ I-computer
Obani okuthola kulula ukuxoxa nabo?
□ Ofunda nabo
□ Amalungu omkhaya
□ AmaKristu okanye nawo
Yikuphi lapho uzithola ukhuluma ngokukhululekile khona?
□ Esikoleni
□ Ekhaya
□ Emihlanganweni yebandla
BHEKA impendulo yakho yombuzo wokuqala. Ingabe uphawule ukuthi uthanda ukukhuluma nabantu nge-computer esikhundleni sokukhuluma nabo ubuso nobuso? Uma kunjalo, awuwedwa. Intsha eningi isebenzisa i-Internet ukuze iqale futhi ilondoloze ubungane. “Kumnandi kabi ukwazi ukuthi ungaxoxa nabantu emhlabeni wonke—abantu obungenakuhlangana nabo ngenye indlela,” kusho intokazi okuthiwa u-Elaine. UTammy oneminyaka engu-19 ubudala, uveza obunye ubuhle. “Ungalawula indlela abantu abakubheka ngayo. Lapho nikhuluma ubuso nobuso, uma bengakwamukeli, akukho lutho ongalwenza ngakho.”
Manje bheka izimpendulo zakho zombuzo wesibili nowesithathu. Ungamangali uma ukuthola kulula ukuxoxa nofunda nabo ekilasini kunamaKristu oba nawo emihlanganweni yebandla. “Esikoleni, usethubeni elihle lokuthola abantu ababhekana nezinto obhekana nazo,” kusho uJasmine oneminyaka engu-18. “Lokho kungase kwenze kube lula nakakhulu ukuxoxa nabo.”
Ngemva kokucabangela lezi zici ezingenhla, kungase kubonakale kulula ukuba ufune ukuxoxa nofunda nabo esikoleni nge-Internet. UTammy uyavuma ukuthi wakwenza lokho isikhathi esithile. “Bonke engangifunda nabo babekhuluma kuyi-Internet, futhi ngangingafuni ukusala ngaphandle.”a UNatalie, oneminyaka engu-20, waba nengosi ye-Internet ukuze athintane nabangane. Uthi: “Ubuchwepheshe buyathuthuka. Kuba nezindlela ezintsha zokuxhumana. Lena ngenye yazo futhi ngiyayithanda.”
Ukuhlola Izingozi
Kuyiqiniso ukuthi kwabanye kulula ukwakha nokulondoloza ubungane nge-Internet. “I-Internet ikunikeza ukuzethemba okuthile obungeke ukuthole ngenye indlela,” kusho uNatalie. UTammy uyavuma. Uthi: “Uma unamahloni, ukukhuluma nge-Internet kukunikeza ithuba lokuhlela kahle ozokusho.”
Kodwa zikhona izingozi zokuxoxa nge-Internet, futhi kungaba ubuwula ngawe ukuzishaya indiva. Nasi isibonelo: Ubungahamba yini uvale amehlo emigwaqweni esendaweni eyingozi? Kungani-ke pho uphuma ungena kuyi-Internet ngaphandle kokunaka izingozi?
Cabanga ngezingozi zokuzama ukuthola abangane kuyi-Internet. “Kulula kakhulu ukuthola abantu abangenasimilo,” kusho u-Elaine, oke wakujabulela ukuxoxa nabantu angabazi kuyi-Internet. Uyanezela: “Ngezinye izikhathi kudlula imizuzu embalwa nje bese othile esho into eyichilo noma abuze imibuzo enjengokuthi: ‘Uke walala nomuntu? Uyabenza yini ubulili ngomlomo?’ Abanye baze bacele ukuxoxa nawe ngobulili kuyi-Internet.”
Kuthiwani uma umane uzixoxela nomngane omethembayo? Nalapho futhi, kudingeka uqaphe. “Ungachitha isikhathi esiningi kakhulu uxoxa nomuntu wobulili obuhlukile, ngisho noma lowo muntu ‘engumngane nje,’” kusho uJoan. “Lapho uchitha isikhathi esiningi uthumelela lowo muntu imiyalezo, niyasondelana futhi ingxoxo ingase ijule nakakhulu.”
“Labo Abafihla Lokho Abayikho”
INkosi uDavide yayikwazi kahle ukubaluleka kokugwema abangane ababi. Yabhala: “Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.”—IHubo 26:4.
Lapho ukuyi-Internet, uke wahlangabezana yini nohlobo lwabantu uDavide akhuluma ngalo? Kungaphansi kwaziphi izimo lapho abantu ‘befihla lokho abayikho’ kuyi-Internet? ․․․․․
Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka yini ukuthi uwena ofihla lokho oyikho lapho ukuyi-Internet? “Ngangiqala izingxoxo nabantu bese ngiziveza nginobuntu obuhambelana nalokho abakushoyo,” kusho u-Abigail, owayevakashela izingosi zengevu.
Intombazane enguLeanne yasebenzisa enye indlela yokukhohlisa. Ithi: “Ngangivame ukuxoxa nomfana wasebandleni eliseduze kuyi-Internet. Ngokushesha sase sitshelana imizwa yethu ‘yothando.’ Ngangisivala isithombe sakhe kuyi-computer lapho abazali bami bedlula, ngakho babengazi ukuthi kwenzekani. Angikholwa ukuthi babeke bacabanga ukuthi kungenzeka ukuba indodakazi yabo eneminyaka engu-13 ubudala ibhalela umfana oneminyaka engu-14 izinkondlo zothando. Akuzange kufike ezingqondweni zabo.”
Ukuhlala Uphephile
Yiqiniso, zikhona izikhathi okufaneleka ngazo ukukhuluma nge-Internet. Ngokwesibonelo, abantu abaningi—kuhlanganise nabantu abadala—basebenzisa i-Internet ukuze bathintane nabangane. Uma nawe ukwenza lokhu, zikhona yini izinyathelo okumelwe uzithathe? Cabangela la maphuzu alandelayo.
● Hlola njalo isikhathi osichitha kuyi-Internet, futhi ungayivumeli ikuncishe isikhathi sezinto ezibaluleke kakhulu—kuhlanganise nokulala. “Ezinye izingane esikoleni zazithi zihlala kuyi-Internet kuze kube ihora lesithathu ekuseni,” kusho umfana okuthiwa uBrian.—Efesu 5:15, 16.
● Khuluma nabantu obaziyo kuphela. Abantu abangenasimilo baphuma bengena kuyi-Internet befuna ukudlala ngentsha engasoli lutho.—Roma 16:18.
● Lapho uqhuba ibhizinisi, qapha. Yiba ngoqaphayo endabeni yokunikeza abantu imininingwane yakho. Ngalé kwalokho, ungaba yisisulu sokuphanjwa—noma okubi nakakhulu.—Mathewu 10:16.
● Lapho uthumelela abangane bakho izithombe, zibuze, ‘Ingabe zimmelela kahle umuntu othi ukhonza uNkulunkulu?’—Thithu 2:7, 8.
● Njengoba kunjalo lapho nikhuluma ubuso nobuso, uma ingxoxo kuyi-Internet ichezukela ‘ezintweni ezingafaneleki,’ yivale.—Efesu 5:3, 4.
● Ngaso sonke isikhathi ungakufihli lokho okwenza kuyi-Internet. Uma kumelwe ‘ufihle lokho oyikho’ kubazali bakho, kukhona okushay’ amanzi. “Angimfihleli lutho umama,” kusho uKari osemusha. “Ngiyambonisa lokho engikwenza kuyi-Internet.”—Hebheru 13:18.
“Kukufanelekele Ukulinda!”
Uyafuna ukuba nabangane. Kungokwemvelo lokho. Abantu badalelwa ukuba bajabulele ubudlelwane nabanye. (Genesise 2:18) Ngakho uma uzizwa unesifiso sokuba nabangane, kuyisifiso esivumelana nendlela odalwe ngayo! Kuphela nje qaphela indlela obakhetha ngayo.
Qiniseka ukuthi ungathola abangane abangcono kakhulu uma ubakhetha ngokuvumelana nezimiso zeZwi likaNkulunkulu. Intombazane eneminyaka engu-15 ubudala yakubeka kanje: “Kunzima ukuthola abangane abathanda uJehova nabakuthandayo. Kodwa lapho ubathola, kusuke kukufanelekele ukulinda!”
Kusho bani ukuthi esikushoyo akunakubazwisa ubuhlungu abanye? Inhlebo ingahlaba njengenkemba. Ungayinqanda kanjani?
[Umbhalo waphansi]
a Kuzoxoxwa kabanzi ngabangane basesikoleni eSahlukweni 17.
UMBHALO OYINHLOKO
“Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.”—IHubo 26:4.
ICEBISO
Isikhathi sihamba ngokushesha lapho usebenzisa i-Internet! Ngakho nquma ukuthi uzoyisebenzisa isikhathi esingakanani bese unama-thela kuleso sikhathi. Uma kudingekile, cupha iwashi ukuze likhale lapho isikha-thi osinqumile sesiphelile.
UBUWAZI . . . ?
Umuntu ohlose okubi udinga imininingwane embalwa kuphela angayithatha kuyi-Internet ukuze akuthole—izinto ezinjengesibongo sakho, igama lesikole sakho kanye nenombolo yakho yocingo.
ENGIZOKWENZA!
Ngifisa ukunciphisa isikhathi engisichitha kuyi-Internet sibe ․․․․․ isonto ngalinye, futhi ukuze ngifeze lokhu ngizo- ․․․․․
Uma ngizithola sengixoxa nomuntu engingamazi kuyi-Internet, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Yiziphi izinzuzo nezingozi zokuxhumana nge-Internet uma kuqhathaniswa nokuxoxa ubuso nobuso?
● Kungani kulula ngomuntu ukuba afihle lokho ayikho lapho exoxa nge-Internet?
● Ungasilawula kanjani isikhathi osichitha usebenzisa i-Internet?
● Kungase kuzuzise ngaziphi izindlela ukuxhumana nge-Internet?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 103]
“Abekho abantu engixoxa nabo kuyi-Internet engingabazi noma engingeke ngizihlanganise nabo ekuphileni okungokoqobo.”—UJoan
[Isithombe ekhasini 101]
Ubungahamba yini uvale amehlo emigwaqweni esendaweni eyingozi? Kungani-ke pho ungena kuyi-Internet ngaphandle kokunaka izingozi?