Inkolo Iyikhanga Kangakanani Intsha?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFRANCE
ENTSHENI engu-750 000 eyayisezihlweleni, lobu kwakuzoba ubusuku benjabulo. Yayiphephezelisa amafulege, icula futhi ishaya ihlombe. Emoyeni kwakubanika ukukhanya kwemisebe ye-laser neziqhumane zokudlala, futhi abaculi bashukumisa isixuku. Lesi simo sasifana “ne-disco enkulu engalungiselelwanga.” Ekugcineni, kugcwele ukuklabalasa kokuhalalisa, indoda eyayilindelwe yangena esiteji.
Ingabe kwakuqala isikhathi samaqembu e-rock ahambela umhlaba wonke? Cha. Kwakuwumhlangano wenkolo omkhulu eParis phakathi neziNsuku Zentsha Yezwe Lonke EngamaKatolika, futhi le ndoda kwakunguPapa John Paul II!
Kwabanye kungase kubonakale kuyinqaba nje ukuba intsha ikhangwe imikhosi yenkolo efana nalona. Kodwa manje ezokuxhumana zikhuluma ngokuvuseleleka kwenkolo entsheni.
Ukubukeka Kwangaphandle
Uma ibhekwa ngaphandle, inkolo ingase ibonakale sengathi iyachuma. Cishe amaphesenti angu-68 entsha yaseYurophu athi angaphansi kwenkolo ethile, futhi e-Ireland leli nani lingaphezu kwamaphesenti angu-90. E-Armenia, eyayiyi-republic yaseSoviet, lapho abaningi bake babheka inkolo njengento yesikhathi esidlule, umpristi wakhuluma ngamasonto ake asala dengwane kodwa manje asegcwele, wathi: “Iyangimangalisa indlela inkolo ekhanga ngayo isizukulwane esisha.”
Emazweni amaningi ezokuxhumana zakusakaza kabanzi ukuhileleka kwentsha emahlelweni enkolo nasemaqenjini aphilisayo. Imikhosi yenkolo, enjengalowo oshiwo ekuqaleni, ivamile. Nokho, kwenzekani uma siyibheka sijula?
Ukuyihlolisisa
Ukuyihlolisisa kwembula ukuthi ngo-1967, amaphesenti angu-81 entsha yaseFrance ayekholelwa kuNkulunkulu, kodwa ngo-1997, lawa maphesenti ayesengaphansi kwengxenye. EYurophu iyonke, ngamaphesenti angu-28 kuphela entsha akholelwa kuNkulunkulu ongokoqobo. Khona-ke, akumangalisi ukuthi ngamaphesenti angu-12 kuphela entsha yaseYurophu athandaza njalo. Lokhu kubonakala kanjani endleleni intsha eyibheka ngayo inkolo?
EDenmark amaphesenti angu-90 entsha athi asonta esontweni lesizwe. Amaphesenti amathathu kuphela azichaza njengamalungu ashisekayo. Ngo-1997 umphathi we-Croix, iphephandaba lamaKatolika eFrance, wabonisa ukuthi amaphesenti angu-70 entsha yaseFrance ayavuma ukuthi inkolo ayikuthonyi ukuphila kwawo. Eyizingxenye ezintathu kwezine ithi okubalulekile ukuba izitholele ngokwayo ulwazi kunemfundiso yenkolo. Kunjalo nakwamanye amazwe amaningi aseYurophu.
Kungani intsha ibaleka emasontweni? Kungenxa yokuthi intsha eningi ibheka izinkolo ezinkulu njengengenakuthembela kuzo. Ngokwesibonelo, intsha eningi eFrance icabanga ukuthi inkolo iyinto ehlukanisayo ezweni. Ngaphezu kwalokho, akukhona okungavamile ukuthola intsha ezizwa ngendlela azizwa ngayo uJudith oneminyaka engu-15 ubudala ongumKatolika waseSpain. Wathi: “Angivumelani nalokho isonto elikushoyo ngokuziphatha.” Ngokufanayo, uJoseph oneminyaka engu-20 ubudala, waseTaiwan, uthola inkolo “iyisidala kakhulu.” Kodwa uma intsha eningi ingavumelani nezimfundiso zenkolo yayo, yikuphi ekukholelwayo?
Ukukhetha Izinkolelo Zenkolo Ezivumelana Nomuntu Ngamunye
Manje ngokuvamile intsha isikhetha izinkolelo zenkolo njengoba ibingakhetha ukudla encwadini yezinhlobo zokudla. Omunye umagazini wathi inkolo “ivumelana nomuntu ngamunye.” Umagazini wamaKatolika wabhekisela kulokho “njengokungakholwa.” Imibono eyayingasamukeleki manje isiyasebenza. Ngakho-ke, eYurophu cishe amaphesenti angu-33 entsha akholelwa ezintelezini zenhlanhla, amaphesenti angu-40 akholelwa ukuthi ababikezeli benhlanhla bangabikezela ikusasa, futhi amaphesenti angu-27 akholelwa ukuthi ukufundwa kwezinkanyezi kuyakuthonya ukuphila kwabantu. Imiqondo enjengokuphindukuzalwa manje isiyingxenye yezinkolelo zentsha yaseYurophu eningi.
Izinkolelo zenkolo zihlukahlukene kangangokuthi intsha ingazikhethela ezithandayo. Bambalwa abakholelwa ukuthi kunenkolo eyodwa kuphela yeqiniso. Njengoba intsha isizikhethela ngokuthanda, iya ngokuya ingasawuboni umehluko phakathi kwezinkolelo zezinkolo zayo. Ngakho-ke, izazi zezenhlalo manje sezikhuluma “ngokuqothuleka okuqhubekayo” noma “ukuguguleka okuvamile” kwezimfundiso zenkolo ezimisiwe. Zikulesi simo ngokomoya, izinkolo ezivamile zisabela kanjani?
Ukufuna Kwenkolo Intsha
Izinkolo zikuthola kuyinselele ukuheha intsha. Umpristi waseFrance wabuza ngokuphathelene nezixuku ezazize emkhosini weziNsuku Zentsha Yezwe Lonke EngamaKatolika owawuseParis: “Ivelaphi le ntsha? Ayikho intsha emasontweni ami. Angikaze ngiyibone.” Ekufuneni kwalo ukuheha futhi ligcine ingqondo yentsha ingazuli, iSonto LamaKatolika kudingeka lishintshe indlela elishumayela ngayo nemibono yalo.
“Isonto lishintsha indlela yalo!” kumemezela iphephandaba laseFrance i-Figaro. Ngomkhosi we-12 weziNsuku Zentsha Yezwe Lonke owawuseParis, isonto laqasha abameleli abajwayelene nokuhlela amakhonsathi e-rock ukuba banakekele le nkonzo. Kwenziwa imibukiso engaphezu kuka-300 ukuze kujatshuliswe intsha eyayivakashile iphuma emazweni angaphezu kwekhulu, futhi abefundisi babethungelwe izingubo eziklanywe ngokukhethekile.
Izinkolo eziningi ngenxa yokuthi azijwayelene nentsha yanamuhla futhi zizwa isidingo sokuzifanelanisa nayo, izinkolo eziningi sezikholelwa kunoma yini. Ebonisa lokhu, uMichel Dubost, umfundisi owayehlele umkhosi weziNsuku Zentsha Yezwe Lonke owawuseParis, wathi: “Kuyiqiniso ukuthi ngingakujabulela ukuba bonke ababhapathiziwe bathembeke kuKristu. Kodwa ngisho noma bengathembekile, ikhona indawo yabo esontweni.”
Ukufuna Kwentsha Izimpendulo
Liqokomisa ukuthi intsha izifuna ngempela izimpendulo, elinye iphephandaba lachaza ukuthi intsha yayize kulo mkhosi wenkolo eParis ngoba “ifuna ukukholwa, hhayi ngoba ikholwa.” Ingabe iSonto LamaKatolika lasanelisa leso sidingo?
Uma ungakunaki ukubonakala kwangaphandle noma uma usinga ngaphakathi kwalokho iphephandaba lamaKatolika elakubiza ngokuthi “isithombe esikhohlisayo” semikhosi emikhulu yenkolo, utholani? Iphephandaba lesiFulentshi i-Monde laphawula ‘ngokuntuleka kwesizathu sangempela’ esijulile.
Nakuba indlela ukudla okulungiswe ngayo ibalulekile, kufanele kube okwakhayo. Imibuzo yentsha ngokumayelana nenjongo yokuphila idinga izimpendulo ezakhayo ngokomoya. Izimpendulo ezikhangayo kodwa ezingenangqondo intsha enikezwa zona aziyanelisi.
Njengoba ziwuwangala nje, ingabe izenzakalo ezingokwenkolo ezinjalo zinayo imiphumela ehlala isikhathi eside entsheni namuhla? Isazi sezenhlalo esingumFulentshi uDanièle Hervieu-Léger saphawula: “Lezi zenzakalo eziwumbukwane azinawo amathuba okwakha imiphumela engokwenhlalo ehlala isikhathi eside.” Pho, intsha ingazitholaphi izimpendulo ezanelisayo zemibuzo yayo?
Izimpendulo Ezanelisayo
Ngo-1997 umagazini wesiFulentshi i-Point wanyathelisa isihloko esasikhuluma ngobunzima intsha ebhekana nabo. Ngaphezu kwemibuzo emayelana nenjongo yokuphila evame ukubuzwa intsha eningi, intsha futhi kudingeka ibhekane nobugebengu nobudlova. Ingabe kungenzeka ukukunqoba lokhu? Isihloko salo magazini sachaza: “Lapho eneminyaka engu-30 ubudala, uDavid waqala ukukhathazeka ngemiphumela edabukisayo emzimbeni wakhe eyayibangelwa uphuzo oludakayo, izidakamizwa nobudlova. OFakazi BakaJehova bangqongqoza kwakhe benekhambi elamnikeza ithemba lokukhululeka. Wafunda. Waphenduka. Wakhokha izikweletu zakhe zokugembula futhi wabuyisela imali kulabo ababengazi nokwazi ukuthi wayebaphambile emdlalweni wamaphepha. Akasabhemi, akasaphuzi futhi akasalwi.”
Mayelana nenye intsha eyafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, lesi sihloko saqhubeka: “Iye yathola zonke izimpendulo zayo yonke imibuzo yayo.” Omunye uFakazi osemusha wakubeka kalula: “IBhayibheli belilokhu likhuluma iqiniso kusukela eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, pho ngingasifunelani kwenye indawo isiqondiso?”
IZwi likaNkulunkulu linaso isigijimi esiqondene nentsha. Iseluleko salo esisebenzayo siyisiza ukuba ibhekane nezinkinga zanamuhla futhi siyinikeze isizathu esiqinile sokukholelwa ekusaseni elinokuthula nobuzalwane. Kuleli lizwe elihlala lishintshashintsha, ithemba elinikezwa iBhayibheli ‘liyihange lomphefumulo, kokubili liqinisekile futhi liqinile,’ liyasiqinisa futhi lisiduduze. (Heberu 6:19) Amakhulu ezinkulungwane zentsha aye athola injongo yangempela ekuphileni ngokuzifundela ngokwawo iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Aye azibonela ngokwawo indlela iBhayibheli eliveza ngayo izinguquko zangempela. Ngokwamukela izimpendulo zeBhayibheli, intsha ithola ukuthi ukufuna kwayo ukholo lwangempela kuyavuzwa.
[Isithombe ekhasini 12]
Imikhosi yenkolo iheha izinkulungwane zentsha eParis
[Isithombe ekhasini 13]
IziNsuku Zentsha Yezwe Lonke eParis—ukuvuselelwa kwenkolo kwangempela?