Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/8 k. 8-k. 11 isig. 8
  • Izenzo—Zonya Liyini Ikhambi LikaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izenzo—Zonya Liyini Ikhambi LikaNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuzenzisi
  • Izifundo Ezitholakala EBhayibhelini
  • Lokho UNkulunkulu Akukhumbulayo Nalokho Akukhohlwayo
  • Umahluleli Wokugcina
  • Izwe Elisha Liseduze!
  • Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Ingabe Kungenzeka?
    I-Phaphama!—1998
  • Ingabe Kufanele Sikukhumbule Osekwadlula?
    I-Phaphama!—1998
  • UNkulunkulu Weqiniso Nekusasa Lakho
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • Izwe Elisha Elingenakho Ukuhlupheka
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 8/8 k. 8-k. 11 isig. 8

Izenzo—Zonya Liyini Ikhambi LikaNkulunkulu?

IZENZO zonya zingavinjelwa kanjani? Liyini ikhambi? Lapho sihlola umlando, kuba sobala ukuthi amakhambi abantu aye ahluleka. Empeleni, kunokuphikisana okukhulu, uma kungebona ubuzenzisi obuphelele, endleleni abaholi abangabantu abaye bayisingatha ngayo le ndaba.

Ngokwesibonelo, cabangela unyaka ka-1995. Kwakuwukuphela kweminyaka engu-50 selokhu kwadlula UkuQothulwa Kwesizwe kwamaNazi ngeMpi Yezwe II, kanye nokuqhuma kwebhomu le-athomu. Ngalowo nyaka, imikhosi yezikhumbuzo eyayihanjelwe abaholi bomhlaba yaqhutshwa ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Ngani? Ngenjongo yokudlulisela umuzwa wokuzicasukela lezi zenzo zonya ukuze zingabuye ziphindwe. Nokho, izingqapheli ezithile zaphawula ukuthi kunokuphikisana kule mikhosi.

Ubuzenzisi

Kule mikhosi eyasakazwa kabanzi, bonke abameleli benkolo nabakahulumeni babefuna ukubhekwa njengabazuzisi bomphakathi noma okungenani bakugweme ukubhekwa njengabenzi bobubi. Nokho, izizwe ezalahla izenzo zonya ezidlule ziye zenza izinqolobane ezinkulu zezikhali, zibeka eceleni isamba esikhulu semali ngaleyo njongo. Ngesikhathi esifanayo, azikazixazululi izinkinga ezibalulekile ezinjengobumpofu, ukuwohloka kokuziphatha, nokungcoliswa komhlaba, ngokuvamile zicasha ngokuthi azinayo imali eyanele.

Inkolo yezwe izama ukuveza uhlangothi lomlando oluzofihla ukuthula dú kwayo isikhathi eside ngezenzo zonya zemibuso yomashiqela futhi lugqibe ukungayilahli kwayo. Lezi zinkolo azenzanga lutho ukuvimbela ukubulalana kwabantu benkolo efanayo. Ngokwesibonelo, eMpini Yezwe II, umKatolika wabulala umKatolika nomProthestani wabulala umProthestani, ngoba babengabezizwe ezihlukene futhi besezinhlangothini ezilwayo. Izinhlangothi zombili zazithi zingamaKristu kodwa zenza okuphambene ngokuphelele nezimfundiso zikaJesu. (Mathewu 26:52; Johane 13:34, 35; 1 Johane 3:10-12; 4:20, 21) Ezinye izinkolo ziye zenza okufanayo. Namuhla, ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, amalungu alezi zinkolo asenza izenzo zonya.

Esikhathini sikaJesu, abaholi benkolo babengabazenzisi. UJesu wabasola, ethi: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nakha amathuna abaprofethi nihlobise namathuna ayisikhumbuzo abalungileyo, futhi nithi, ‘Ukuba sasisezinsukwini zokhokho bethu, sasingeke sibe abahlanganyeli nabo egazini labaprofethi.’ Ngakho-ke niyafakaza ngokumelene nani ngokwenu ukuthi ningamadodana alabo ababulala abaprofethi ngokungemthetho.” (Mathewu 23:29-31) Labo baholi benkolo babethi bahlonipha uNkulunkulu kodwa babengabazenzisi abashushisa uJesu nabafundi bakhe.

Izifundo Ezitholakala EBhayibhelini

Singafunda okuthile emlandweni womhlaba, kodwa iBhayibheli liwumthombo wezifundo eziyinzuzo ngempela. Alinikezi abantu umthwalo wokuchaza umlando ngokwahlulela kwabo noma ngokubandlulula. IBhayibheli lichaza umlando nekusasa ngokwendlela kaNkulunkulu yokucabanga.—Isaya 55:8, 9.

ImiBhalo ikhuluma ngezenzakalo ezinhle nezimbi kanye nabantu abahle nababi. Ngokuvamile kungafundwa isifundo esihle, esivumelana nentando kaNkulunkulu, kulokhu kulandisa. Ngemva kokukhuluma ngezenzakalo eziningana emlandweni ka-Israyeli wasendulo, umphostoli uPawulu waphetha: “Manje lezizinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe isixwayiso kithi.” (1 Korinte 10:11) UJesu naye wathola okuthile okungafundwa emlandweni lapho ethi kubafundi bakhe: “Khumbulani umkaLoti.”—Luka 17:32.

Lokho UNkulunkulu Akukhumbulayo Nalokho Akukhohlwayo

EBhayibhelini sifunda ukuthi uNkulunkulu ukhumbula noma akhohlwe abantu ngabanye ngesisekelo sezenzo zabo. Labo abonayo kodwa babonise ukuphenduka uNkulunkulu ubathethelela ‘kakhulu.’ (Isaya 55:7) Uma omubi ‘ephenduka esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, . . . akayikukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe.’—Hezekeli 33:14-16.

UPawulu wabhala ukuthi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Heberu 6:10) Ngakho-ke, uJehova uyobavuza labo abakhumbula ngomusa. UJobe othembekile wathandaza: “Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo [ithuna elivamile laso sonke isintu], . . . unginqumele isikhathi, ungikhumbule.”—Jobe 14:13.

Ngokuphambene, uNkulunkulu uyosebenzelana nomenzi wobubi ongaphenduki ngokuvumelana namazwi awakhuluma kuMose: “Ngiyakumesula encwadini yami.” (Eksodusi 32:33) Yebo, uNkulunkulu uyobakhohlwa phakade ababi.

Umahluleli Wokugcina

UNkulunkulu unguMahluleli wokugcina womlando. (Genesise 18:25; Isaya 14:24, 27; 46:9-11; 55:11) Ngokwezimiso zakhe zokwahlulela eziphakeme, ngeke azikhohlwe izenzo zonya eziningi eziye zenziwa kubantu. Ngosuku lwentukuthelo yakhe yokulunga, uyokwahlulela bonke abantu nezinhlangano ezinecala.—IsAmbulo, izahluko 18, 19.

Phakathi kwalezi kuyoba nesimiso sonke senkolo yamanga, enikezwe igama elingokomfanekiso emiBhalweni elithi “iBabiloni Elikhulu.” Kubhalwe lokhu ngalo: “Izono zalo ziye zanqwabelana zaze zafika phezulu ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula izenzo zalo zokungabi nabulungisa.”—IsAmbulo 18:2, 5.

Lezi zinkolo bekufanele zifundise abalandeli bazo ukwenza okulungile kodwa zihlulekile. Ngakho, iZwi likaNkulunkulu lithi ngazo zonke izinkolo zezwe: “Kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Lezi zinkolo ziye zabekwa icala legazi, ngenxa yokuhluleka ukuyala amalungu azo ukuba athande abanye abantu kanye nakholwa nabo.

Izwe Elisha Liseduze!

Ekugcineni seluseduze usuku lapho ububi buyoqedwa khona. (Zefaniya 2:1-3; Mathewu 24:3, 7-14) Ngemva kwalolo suku, kuyofika isikhathi lapho ‘ukulila, ukukhala nobuhlungu kuyobe kungasekho’ kulabo abahlala emhlabeni abajabulayo. (IsAmbulo 21:3-5) Izenzo zonya nezibhicongo ngeke ziphinde zenzeke ngoba ububusi balo mhlaba buyophucwa abantu bunikezwe uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ophathiswe “iNkosi yokuthula,” uJesu Kristu.—Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10.

Ngaleso sikhathi isiprofetho seHubo 46:9 siyogcwaliseka ngokuphelele: “[UNkulunkulu] uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” Lokho kuthula kuyohlala phakade ngoba, njengoba u-Isaya 2:4 ebikezela, “isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Ngakho iHubo 37:11 liyabikezela: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” Yebo, kuyobe sekushiwo ukuthi “wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela.”—Isaya 14:7.

Konke lokhu kusho ukuthi izwe elisha lokulunga liseduze. Futhi kulelo lizwe elisha, ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, kuyokwenzeka esinye isenzakalo esimangalisayo—ukuvuswa kwabafileyo! IZwi likaNkulunkulu liyaqinisekisa: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.

Lapho eselapha emhlabeni, uJesu wabonisa lokhu ngokuvusa abantu kwabafileyo. Ngokwesibonelo, lapho evusa intombazanyana ethile, ukulandisa kuthi: “Masinyane intombazane yavuka yaqala ukuhamba . . . Ngaso lesosikhathi [ababebukele] besasa kakhulu ngokudlulele.” (Marku 5:42) Ovukweni, labo abafa ngenxa yezenzo zonya kanye nabakade bafa bayovuswa futhi bayonikezwa ithuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (Luka 23:43) Futhi ngokuhamba kwesikhathi “izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.”—Isaya 65:17.

Uyobe wenza ngokuhlakanipha uma ungenisa ulwazi olunembile ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi wenze intando yakhe. Khona-ke uNkulunkulu uyokukhumbula ngomusa lapho eyixazulula phakade inkinga yezenzo zonya futhi ebuyisela izisulu ekuphileni. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

[Isithombe ekhasini 9]

UNkulunkulu uyoguqula lo mhlaba ube ipharadesi elinokuthula

[Isithombe ekhasini 10]

UNkulunkulu uyosusa imiphumela yezenzo zonya ezidlule ngokuvusa abafileyo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela