Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 27. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Ngenxa yendima kaJesu njengomhlatshelo, uJohane uMbhapathizi wambiza ngani? (Johane 1:29)
2. Iliphi izwe ‘elisekugcineni kwenyakatho’ okuvela kulo impi kaGogi? (Hezekeli 38:2, 15)
3. “Ukuzihlanganisa nababi” konakalisani? (1 Korinte 15:33)
4. Abantu abavuthiwe bawenza kanjani ‘amandla abo okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile’? (Heberu 5:14)
5. Lapho bezama ukuthatha ubukhosi, u-Abisalomu no-Adoniya benzani? (2 Samuweli 15:1; 1 AmaKhosi 1:5)
6. NgokukaPawulu yini ebingeke ithi esandleni: “Angikudingi”? (1 Korinte 12:21)
7. Wayengubani uyise kaJoshuwa? (Joshuwa 1:1)
8. UMika waprofetha ukuthi ezinsukwini zokugcina, ‘intaba yendlu kaJehova yayiyoqiniswa’ kuphi? (Mika 4:1)
9. U-Akani nomuzi wakhe bakhandelwaphi ngamatshe baze bafa? (Joshuwa 7:24)
10. Egcizelela isidingo sokholo, yini uPawulu athi umuntu kumelwe ayikholelwe ngoNkulunkulu? (Heberu 11:6)
11. Wayengubani umzukulu kaKayini? (Genesise 4:18)
12. INkosi uSawule yayingolwaluphi uzalo? (1 Samuweli 9:21)
13. UNkulunkulu wasebenzisa muphi umprofethi ukuze anikeze uDavide ithuba lokukhetha isijeziso esisodwa kwezintathu ngenxa yokugabadela ngokubala abantu? (1 IziKronike 21:9-12)
14. Obani abanecala lokufeba neBabiloni Elikhulu? (IsAmbulo 17:2)
15. UJehova wabeka yiphi inyanga njengeyokuqala ekhalendeni elingcwele lamaJuda? (Esteri 3:7)
16. Ubani owayehola iqembu lamakhosi elathumba uLoti, indodana yomfowabo ka-Abrahama? (Genesise 14:9)
17. Yiziphi izinto ezimbili ezigqokwayo okwakhulunywa ngazo ezenza u-Ahaziya wabona ukuthi kwakungu-Eliya owayethumele isigijimi sokuthi inkosi yayizofela embhedeni wayo? (2 AmaKhosi 1:8)
18. Abafowabo bentombi engumShulamiti bayinika siphi isabelo, esayenza ukuba ilahlekelwe ubuhle besikhumba sayo? (IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:6)
19. Ikuphi ukubhalwa kwegama laphezulu okusekelwa izazi eziningi?
20. Iliphi igama elanikwa iNkosi Eyiqhawe, uJesu, futhi labhalwa engutsheni yayo yangaphandle? (IsAmbulo 19:16)
Izimpendulo Zemibuzo
1. “IWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe”
2. ElikaMagogi
3. “Imikhuba enosizo”
4. ‘Ngokuwasebenzisa’
5. Ngamunye wazilungiselela inqola, namadoda angu-50 ukuze agijime phambi kwakhe
6. Iso
7. UNuni
8. “Esiqongweni sezintaba”
9. Esigodini sase-Akori
10. “Ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho”
11. Kwakungu-Irade
12. Lwesizwe sakwaBenjamini
13. UGadi
14. “Amakhosi omhlaba”
15. UNisani
16. UKedorlawomere, inkosi yase-Elamu
17. Ingubo yoboya nebhande lesikhumba
18. Somlindizivini
19. Yahweh
20. “INkosi yamakhosi noMbusi wababusi”