Intsha Yanamuhla—Ibhekana Nezinselele Zawo-1990
NGONOVEMBER 1985. Izitatanyiswa ezivela emazweni angu-103 zahlangana endlunkulu yeZizwe Ezihlangene ukuze zihlele “isu lembulunga yonke lokubhekana nezinkinga zentsha yomhlaba wonke.”—UN Chronicle.
Iminyaka emihlanu isiphelile, futhi izinkinga zentsha zivela zinkulu kunanini. Ukungqubuzana kwefilosofi yezombangazwe, ukuntuleka kwezimali, nokushintshashintsha njalo kwezinto eziza kuqala kuye kwabhuntshisa imizamo enezinjongo ezinhle yohulumeni yokusebenza ngokubambisana ukuze kusizwe intsha.
Inkolo nayo iye yahluleka ukuba namandla anethonya lokuhle. Ukuhlola kwamuva kweGallup eUnited States kwembula ukuthi nakuba uquqaba lwentsha (engamaphesenti acishe abe ngu-90) lukholelwa kuNkulunkulu (noma umoya wendawo yonke), iqembu elincane kuphela elibheka inkolo njengebaluleke kakhulu ekuphileni kwayo. Ngaphezu kwalokho, inkolo yenzé okuncane kakhulu noma ayenzanga lutho ukuba inqande ukuziphatha kokuzitika ngobulili.
Khona-ke kunalabo okuthiwa ochwepheshe—izazi zengqondo, izazi zenhlalo, abeluleki, nokufanayo—abakhipha izeluleko eziya entsheni. Ezinye zazo zinengqondo futhi ziwusizo. Nokho, izeluleko zabo zivame ukugxila ezinkingeni ezingokomzimba: ubunzima obungokwezimali bokukhulelwa kwentsha, ukugwema ingculaza, izingozi ezingokomzimba zokusebenzisa kabi izidakamizwa. Akuvamile, uma kuke kwenzeke, ukuba babhekane nezinkinga ezibaluleke kakhulu zokuziphatha ezihilelekile. “Ochwepheshe” ngokuvamile beneliswa ukulandela inkululeko yamanje yomuzwa ovamile noma ukuphindaphinda iziqubulo ezihehayo, ezinjengezithi “Ubulili obulondekile” noma “Vele wenqabe!”
Kuthiwani ngabazali? Abaningi bamatasa ngomsebenzi wokuphila. Bengaqiniseki ngokuthi isiphi iseluleko okumelwe basinikeze noma bengakhululekile ngokuxoxa ngezindaba ezibucayi, abazali abaningi bayahoxa lapho kuphakama izinkinga ezibucayi. Khona-ke, akumangalisi ukuthi, intsha eningi iphendukela kontanga abangenakho okuhlangenwe nakho ukuze ithole usizo.
Umthombo Ongcono Kakhulu Wosizo Lwentsha
Khona-ke, intsha ingazithola kanjani izimpendulo eziwusizo zemibuzo eyixakayo? Imibuzo enjengethi: ‘Ingabe kufanele ngizame izidakamizwa notshwala?’ ‘Kuthiwani ngobulili ngaphambi komshado?’ ‘Ngingazi kanjani ukuthi wuthando lwangempela?’ ‘Ikusasa lingiphatheleni?’
Kungase kubamangalise abanye ukuzwa ukuthi umthombo ongcono kakhulu weseluleko sentsha uyiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. IBhayibheli? Yebo, lisho okuningi ngentsha. (Bheka izAga, izahluko 1-7; Efesu 6:1-3.) Ngaphezu kwalokho, laphefumulelwa uMdali wethu, oziqaphela ngesithakazelo “izinkanuko zentsha eziphazamisayo.” (2 Thimothewu 2:20-22, Phillips; 3:16) Ngaphambi kokuba uchilizele eceleni umbono wokuthi lencwadi endala ingasiza ekuphileni kwawo-1990, cabangela lokhu: Kungenzeka yini ukuba eziningi zezeluleko ezinikezwa “ochwepheshe” banamuhla zifundwe futhi zihlonishwe iminyaka engu-50 kuphela ukusuka manje? Nokho, iBhayibheli liyaqhubeka lithathwa ngokungathi sína eminyakeni eyizinkulungwane ngemva kokuba labhalwa!
Yiqiniso, umphakathi wesintu uye washintsha kakhulu kusukela ezikhathini zeBhayibheli, kodwa isimo somuntu asishintshile. Ngokuyisisekelo izinkanuko zobusha zisefana. Ngaleyondlela iBhayibheli lisifanele lesikhathi kunanini ngaphambili. Futhi lifinyelela khona kanye emnyombweni wezinkinga eziningi ezikhathaza intsha namuhla. Ngesikhathi esifanayo, linikeza intsha ithemba lesikhathi esizayo.
Njengoba iBhayibheli livela kuMdali wethu, singalindela ukuba iseluleko salo sisebenziseke, sibe wusizo. Okuhlangenwe nakho okungokoqobo kwezinkulungwane zentsha engamaKristu namuhla, elandela iseluleko seBhayibheli, kufakazela ukuthi linjalo! Ukuze isize intsha, iWatch Tower Society iye yanyathelisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo ezisebenzayo. Ihlanganisa izinto eziningi ezikhathaza intsha, futhi iseluleko sayo ngokungashintshashintshi sisekelwe eBhayibhelini! Ukusabela ngentshiseko kwabafundi abayintsha kulencwadi akufakazeli kuphela ukuba wusizo kweseluleko seBhayibheli kodwa futhi neqiniso lokuthi intsha iyasifuna futhi iyaphumelela ngesiqondiso seBhayibheli. Isihloko esilandelayo sizwakalisa amazwi okwazisa okusuka enhliziyweni ashiwo intsha ekuwo wonke umhlaba.
Kungakhathaliseki ukuthi umusha noma umdala, kukuwe ukuba ujwayelane neBhayibheli. OFakazi BakaJehova baye basiza izigidi ukuba zenze kanjalo ngesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, futhi bayokujabulela kakhulu ukukusiza. Ngokujwayelana neBhayibheli nokulisebenzisa, intsha ngeke ifunde kuphela ngamakhambi awusizo ezinkingeni zanamuhla kodwa futhi nendlela yokuzuza umusa kaNkulunkulu, omema intsha ukuba imkhonze.—Umshumayeli 12:1.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo
Lesi isibonelo esincane nje seseluleko seBhayibheli esinikezwa kulencwadi ngezinye zezinkinga zanamuhla.
Umqedazwe WeAIDS: “Gwema ukuziphatha okubi. Noma isiphi isono indoda [noma, owesifazane] esenzayo asiwuthinti umzimba wayo; kodwa indoda enecala lokuziphatha kabi ngobulili yona umzimba wayo siqu.”—1 Korinte 6:18, “Today’s English Version”; qhathanisa nezAga 5:3-20.
Ukusetshenziswa Kabi Kotshwala: “Ungabi-phakathi kwezinseli zewayini neziminzi zenyama. Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba-mpofu; ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki. Ngasekugcineni [iwayini] liyaluma njengenyoka, lihlabe njengebululu.”—IzAga 23:20, 21 32.
Umsebenzi: “Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.”—IzAga 22:29.
“Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu.”—Kolose 3:23.
Ukwesaba Ukuqothula Kwenuzi: “Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.”—Isaya 45:18; 55:10, 11; Umshumayeli 1:4.
Ukungaqiniseki Kwezomnotho: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye. . . . Abayukushikashikela ize.”—Isaya 65:21-23.