Ukubuka Okwezwe
Amalungu Esonto Ayancipha
Kucatshangwa ukuthi e-United States, bangaphansi kwengxenye abantu abakhulela emasontweni obuProthestani ayinhloko kuleminyaka engu-30 edlule abaqhubeka besenkolweni yabo lapho sebebadala. Abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-78 e-United States bangamaProthestani “angashiseki.” Lokhu kusho ukuthi bazibiza ngokuthi bangamaBaptist, ama-Episcopal, abaseHabe, amaWeseli, noma amalungu esonto elithile lobuProthestani, kodwa abayona ingxenye yesonto noma abayi esontweni.
Abathengisi Bamathambo
Ingosi yezindaba i-Reuters ibika ukuthi “izakhamuzi eziswele zaseKabul ekhungethwe yimpi zimba amathambo abantu ukuze ziwathengise kwenziwe ngawo ukudla kwezinkukhu.” Amathambo, agcwele i-calcium, i-phosphate ne-carbonate, asetshenziselwa ukwenza ukudla kwezilwane, insipho namafutha okupheka. Amathambo omuntu angaba ngamakhilogremu ayisithupha angangenisa inzuzo engaba ngu-R2,35, okuyimali eningi kulelo dolobha elimpofu. “Kuyibhizinisi elinemali,” kusho uFaizdeen oneminyaka engu-14 ubudala. “Nakuba ngivame ukuqongelela amathambo ezilwane, awabantu kulula ukuwathola lapha.” Ngokudabukisayo, iminyaka eminingi yempi yombango e-Afghanistan iye yenza lomkhiqizo ogcwele amaminerali watholakala kalula.
Amawashi Anikeza Okungaphezu Kwesikhathi
Iphephandaba i-Globo libika ukuthi eRio de Janeiro, abafundi abangu-77 baxoshwa ngemva kokutholakala benamawashi ezinombolo asetshenziselwa ukukhohlisa ekuhlolweni kokungena eyunivesithi. Lamawashi ayesebenza njengama-pager ocingo; kodwa kunokuba amukele izinombolo zocingo, ayenikeza izimpendulo ezinembile emibuzweni yokuhlolwa. Leli phephandaba lithi umfundi ngamunye wakhokha imali engaba ngu-R65-400 ukuze athole leli washi. Ngokuthakazelisayo, emuva ngo-1987, amabhodi okuhlolwa kwezikole eNgilandi naseWales axwayisa othisha ukuba baqaphele abakhohlisi abasebenzisa amawashi esandla ane-computer.
Umbono Ohlanekezelwe
Abantu abaningi abazibheka esibukweni bayawamukela umfanekiso abawubonayo—okuyibona. Kodwa abantu abanokuphazamiseka okwaziwa ngokuthi i-body dysmorphic disorder babheka esibukweni kodwa babone umfanekiso wabo ohlanekezelwe. “Ukuphazamiseka okwenza abantu bagxile esicini esisodwa, becabanga ukuthi asibukeki, kuyilapho eqinisweni silungile,” kusho i-Province yaseBritish Columbia, eCanada. Isazi sezifo zengqondo saseNew York u-Eric Hollander sithi usizi olubangelwa ukungabukeki okucatshangelwayo lungaba lukhulu kangangokuba amaphesenti angaba ngu-25 alabo abanalokhu kuphazamiseka azama ukuzibulala.
Imithandazo Ye-E-Mail
Sekuyisikhathi eside amaJuda ashisekayo ebuthana oDongeni Lokulila eJerusalema ukuze akhale futhi athandaze. Ngokuvamile, abakhulekeli babhala imithandazo esigqebhezaneni sephepha bese beyifaka emifantwini yodonga. Nokho, manje amaJuda kuwo wonke umhlaba angathumela imithandazo ye-E-mail nge-Internet. Ngokukamagazini i-Computerworld, izisebenzi zase-Virtual Jerusalem zihlanganisa lemithandazo, ziyinyathelise, bese ziyiyisa oDongeni Lokulila, lapho “ngokwesiko lamaJuda, uNkulunkulu engayithola khona.”
Igebe Leholo Liyanda
Ngokombiko wamuva nje wentuthuko yomphakathi weZizwe Ezihlangene, amaphesenti angu-83 eholo emhlabeni atholwa amaphesenti angu-20 abantu abayizinjinga. Ngamanye amazwi, ingcebo ehlanganisiwe yezinjinga zomhlaba ezingu-358 ilingana namaholo ahlangene abantu abampofu abangu-2400 000 000. Ngo-1960 iholo elivamile laminyaka yonke labantu abasemazweni ezezimboni lalingamaRandi angu-26 600 ngaphezu kwelabantu abahlala emazweni asathuthuka. Nokho, ngo-1993, umehluko eholweni elivamile laminyaka yonke lomuntu ngamunye phakathi kwamazwe ezezimboni namazwe asathuthuka wase wande waba amaRandi angu-71 900.
Isivuno Esiyingqopha-mlando
Ingosi yezindaba i-Reuters yabika ukuthi “imishini iye yamehlula umuntu emasimini kakolweni aseChina ngokokuqala ngqá emlandweni walelizwe.” Yathi kwasetshenziswa imishini yokuvuna engaphezu kuka-800 000. Kwaqala ukuba nokolweni eChina esikhathini esithile ngaphambi kuka-1300 B.C.E. futhi uye watshalwa ngempumelelo emapulazini emikhaya amancane—ikakhulukazi ngezandla—kusukela ngaleso sikhathi. Kodwa lombiko uthi njengoba eChina kunamaphesenti angaphezu kwangu-20 enani labantu basemhlabeni, kanti kunendawo yokulima engamaphesenti angu-7 kuphela, “izikhulu zezolimo zimagange zifuna ukuthuthukisa ukusetshenziswa kwemishini emasimini akulelizwe.”
Izinkinga Ngemishuwalense Yabefundisi
Amasonto amaningi anemishuwalense evamile yokuwavikela ekumangalelweni ngokubangela ingozi. Nokho, ezinye izinkampani zomshuwalense e-United States seziqale ukuhoxisa umshuwalense “wokuziphatha okungafanele ngokobulili” kwabefundisi, kubika i-National Underwriter. UJohn Cleary, umeluleki-jikelele we-Church Mutual Insurance Company, wathi: “Eminingi . . . imishuwalense ngeke ihlanganise ukuziphatha okungafanele ngokobulili ngoba kuyisenzo sangamabomu, kuwubugebengu ngempela.” Ngaphezu kwalokho, uDonald Clark, Jr., ummeli wamaqembu enkolo ahlukahlukene, wathi lokhu kushintsha kwemishuwalense kubonisa ukuthi “imiphumela emibi yosongo olungokwezomnotho olungase luvele ngenxa yalezi zinhlekelele ezenziwa abantu mhlawumbe ikhungathekisa ngaphezu kwemiphumela yezinhlekelele ezingokwemvelo.” NgokukaMnu. Cleary, kusukela ngo-1984, i-Church Mutual, enye yezinkampani eziphambili zomshuwalense wamasonto kwelase-United States, iye yakhokhela amacala okuziphatha okungafanele ngokobulili aphakathi kuka-1500 no-2000.
Abafundi BaseSingapore Badl’Ubhedu
Abafundi abangaphezu kwengxenye yesigidi basemazweni angu-41 ahlukene babhala ukuhlolwa kwemizuzu engu-90 ukuze kuqhathaniswe amazinga emfundo emhlabeni wonke. Yaba yini imiphumela? Amamaki okuhlolwa abonisa ukuthi iSingapore inabafundi abaphambili emhlabeni kukho kokubili izibalo nesayensi. Amanye amazwe kwayishumi aphambili ngamamaki ezibalo alandela iSingapore kwakuyiNingizimu Korea, iJapane, iHong Kong, iBelgium, iCzech Republic, iSlovak Republic, iSwitzerland, iNetherlands neSlovenia. Amamaki aphambili kwezesayensi atholwa iSingapore, iCzech Republic, iJapane, iNingizimu Korea, iBulgaria, iNetherlands, iSlovenia, i-Austria, iHungary neNgilandi. Kwenzeka kanjani ukuba izwe elinabantu abangaba ngu-3400 000 kuphela lihlule wonke umhlaba? Mhlawumbe kungenxa yokuzikhandla. I-Asiaweek ibika ukuthi abafundi baseSingapore bachitha amahora angaba ngu-4,6 ngosuku benza umsebenzi wesikole wasekhaya, kuyilapho isilinganiso somhlaba wonke kungamahora amabili kuya kwamathathu.
Imali Evela Ezulwini?
Izakhamuzi zase-Overtown, indawo empofu yaseMiami, eFlorida, zajabula lapho kwehla imali eyayibonakala ivela emkhathini. Nokho, kwatholakala ukuthi kwakungeyona imana evela ezulwini kodwa kwakuyingxenye yemali engama-dollar ayizigidi ezingu-3,7 (amaRandi ayizigidi ezingu-17,3) eyawela emigwaqweni kulendawo ngaphansi kwebhuloho lapho iloli elakhiwe ngensimbi lishayisa. Amaphoyisa alinganisela ukuthi okungenani abantu abayikhulu baphuthuma beyozibuthela imali, kodwa kungenzeka kwakunabanye abaningi. Ngokwe-New York Times, “amaphoyisa aseMiami anikeza ababethathe lemali amahora angu-48 okuba bayibuyise ngaphandle kokubekwa icala lokweba.” Kodwa lapho lesi sikhathi sikashwele siphela, bathathu kuphela abantu ababebuyise lemali, futhi kwakusashoda imali engaba ngu-$500 000 (R2335 000). Kubikwa ukuthi osemusha othile oneminyaka engu-18 ubudala wathi: “Yawela emagcekeni abantu. Ulindele ukuba benzenjani?”
Iziguli Zigcinwa Zifudumele Phakathi Nokuhlinzwa
Amagumbi okuhlinzela ezibhedlela agcinwa ebanda ukuze kunqandwe ukwanda kwamagciwane emoyeni andisa ingozi yokungenwa amagciwane ngokuphindwe kathathu, kusho ukuhlola okusha kukadokotela obulala izinzwa uDaniel Sessler wase-University of California. “Okubangela ukubhibha kwamanxeba akuwona amagciwane asemoyeni,” kusho uDkt. Sessler, “kodwa ukuncipha kwamandla esiguli okumelana namagciwane asesikhunjeni noma angaphakathi emzimbeni.” Amagumbi okuhlinzela abandayo angenza izinga lokushisa komzimba wesiguli lehle ngo-2°C. Izinga lokushisa komzimba eliphansi linciphisa ukugeleza kwegazi elinomoya-mpilo, elibalulekile ekulweni namagciwane. USessler uthi “amangqamuzana nama-enzyme avikela ezifweni awasebenzi kahle uma umzimba ugodola.” USessler nabambisene nabo bathola ukuthi ngaphandle kokunciphisa izinga lokungenwa amagciwane, iziguli izinga lazo lokushisa komzimba elaligcinwa lisesimweni esivamile lapho zihlinzwa zaziphuma esibhedlela cishe ezinsukwini ezintathu ngaphambi kweziguli ezingafudumele.
Azikwenzeli Ukusiza Umphakathi
EJapane, abantu abangamaphesenti angu-49 okwaxoxwa nabo bathi izikhulu zikahulumeni wabo zizisebenzela zona, kubika i-Mainichi Daily News. Bangamaphesenti angu-7 kuphela okwaxoxwa nabo ababecabanga ukuthi izikhulu zikahulumeni zisebenzela “ukusiza umphakathi,” kanti bangamaphesenti amathathu kuphela abathi zisebenzela izwe. Bambalwa abaseJapane abachaza izikhulu zabo zikahulumeni njengabantu abakhuthele noma abaqotho. Lokhu kuhlola kwenziwa ngo-December nyakenye, ngemva konyaka lapho kwembulwa khona amahlazo amaningi ahilela ezinye zezisebenzi zikahulumeni eziphakeme eJapane.