ISingapore Igugu Lase-Asia Elonakalisiwe
GAKLA! Izivalo zensimbi ezinkulu zasho kanjalo ngemva kokuvalelwa komfelokazi obuthakathaka ongumKristu oneminyaka engu-71 ubudala eJele Labesifazane LaseChangi eSingapore. Njengomunye woFakazi BakaJehova, wayezame ukuchaza ukuma kwakhe kumahluleli owayengamele: “Angilona usongo kulohulumeni.”
Gakla! Walandelwa omunye ugogo oneminyaka engu-72 ubudala, naye ongumKristu. Wayebekwe liphi icala? Ukutholakala enezincwadi zeBhayibheli ezine ze-Watch Tower Society, kuhlanganise nekhophi yakhe siqu yeBhayibheli Elingcwele.
Sezizonke, izakhamuzi zaseSingapore ezingu-64, ezineminyaka engu-16 kuya kwengu-72, zaboshwa futhi zalahlwa ngecala. Ezingu-47 zenqaba ukukhokha inhlawulo ngenxa kanembeza futhi zagqunywa ejele izikhathi ezihlukahlukene kusuka esontweni elilodwa kuya kwamane. Kwakungenzeka kanjani lokhu edolobheni elichazwa ngokuthi lingenye yezindawo ezinhle kakhulu ongahlala kuzo emhlabeni wonke? Kwakungenzeka kanjani lokhu edolobheni elidume emhlabeni wonke ngokuba nezomnotho ezisimeme, intuthuko emangalisayo nezakhiwo zanamuhla kanye nokusho kwalo ukuthi linokubekezelela inkolo?
Idolobha Lanamuhla
Okokuqala, ake sinikeze umlando omfushane. Umlando weSingapore yanamuhla waqala ngo-1819 lapho kufika uSir Thomas Stamford Raffles waseBrithani. URaffles, owayengummeleli we-East India Company, wayefuna ukwenza amabhizinisi emazweni aseMpumalanga. Wanquma ukucabangela iSingapore. Saqala kanjalo-ke isikhungo sokuhweba esiye saba nethonya entuthukweni yaseMpumalanga Asia kuze kube namuhla.
Ngaphambi kokuzimela geqé iSingapore ichazwa ngokuthi yayiyidolobha elalingahlelekile. Namuhla, akekho ongachaza iSingapore njengengahlelekile. Kungokuphambene. Phakathi naleminyaka engu-30 edlule, cishe lonke leli dolobha liye lakhiwa kabusha, lapho kunokwenzeka khona kuye kwalondolozwa ukubukeka kwalo kwasendulo ngokulondoloza ukubukeka kwangaphandle kwezakhiwo ezindala noma ngokuhlanganisa izakhiwo ezingokomlando nezakhiwo zanamuhla. ISingapore iye yaba indawo eyinhloko okuhlangana kuyo imikhumbi eMpumalanga, ngokuvamile kuba nemikhumbi engaba ngu-800 echwebeni ngesikhathi esisodwa. Imishini yobuchwepheshe obuphakeme yanamuhla yenza ukuba umkhumbi omkhulu wethulwe futhi ulayishwe izimpahla ngesikhathi esifushane. Umnotho waleli dolobha utholakala ngokuthengiswa kwezindawo okuqala ku-R280 200 noma ngaphezulu ngemitha-skwele ngalinye.
Inani labantu abangaba ngu-3400 000 linezinhlanga ezihlukahlukene ezingamaShayina, abaseMalaysia, amaNdiya, abeLungu, nabanye. Phakathi kwezilimi ezikhulunywayo kukhona isiMandarin, isiMalaysia, isiTamil nesiNgisi.
Isimiso sokuthutha esisheshayo semizila eyibanga elingamakhilomitha angu-83 esihamba ngaphezulu nangaphansi komhlaba senza iSingapore ibe nesinye sezimiso zokuthutha zanamuhla eziphumelela kakhulu emhlabeni. Kugcwele amapaki aluhlaza kulo lonke idolobha, ahlukanisa izakhiwo eziphakeme zanamuhla. Isivakashi esibuka amazwe esiqala ngqá ukuya khona “sikhangwa” iRaffles Hotel evuselelwe ngokuphelele, manje ebizwa ngokuthi isakhiwo esingokomlando ngenxa yokuthi yaba khona ngo-1889. Esesibili isikhungo sezitshalo esingamahektare angu-52, esinamahektare amane ayihlathi elilondoloziwe, lapho kwake kwagcwala khona amahlosi.
Ukuqinisekiswa Kwenkululeko Engokwenkolo
Njengesenezelo sentuthuko yezomnotho engenakuqhathaniswa, iSingapore iqinisekisa inkululeko engokwenkolo kuzo zonke izakhamuzi zayo. Ngokudabukisayo, iSingapore ayikasifezi isithembiso sayo. Kuye kwaba njalo ikakhulukazi kubantu abahlanganyela nebandla loFakazi BakaJehova.
UMthetho-sisekelo WeRepublic of Singapore, eSiphakamisweni 15(1), unikeza isiqinisekiso esiyisisekelo senkululeko yokukhulekela: “Wonke umuntu unelungelo lokuba nenkolo yakhe nokuyiqhuba kanye nokuyisakaza.”
ISiphakamiso 15(3) soMthetho-sisekelo siyaqinisekisa: “Iqembu lenkolo ngalinye linelungelo—
(a) lokulawula izindaba zalo ezingokwenkolo;
(b) lokumisa nokunakekela izikhungo zezenkolo noma zezenhlalakahle; kanye
(c) nokuthola nokuba nendawo nokuyengamela ngokuvumelana nomthetho.”
Kusukela ngo-1936, oFakazi BakaJehova bebelokhu beyingxenye yomphakathi waseSingapore. Sekuyiminyaka eminingi beqhuba imihlangano yabo yebandla evamile eHholo labo LoMbuso eliku-8 Exeter Road, ngaphesheya kwemakethe ematasa. Leli bandla lalichuma, ngesikhathi esifanayo libambe iqhaza ukuze ukuphila komphakathi kuzinze.
Ukuvinjelwa KoFakazi BakaJehova
Konke lokhu kwashintsha ngo-January 12, 1972. Kwakhishwa umyalo kuyi-Government Banishment Act, isahluko 109, owawuyala ukuba isithunywa sevangeli esingumKristu uNorman David Bellotti nomkaso, uGladys, okwase kuyiminyaka engu-23 behlala eSingapore, baphume baphele kulelizwe. Ngokushesha ngemva kwalokhu kwalandela umyalo owawesula emabhukwini iBandla LoFakazi BakaJehova LaseSingapore. Emahoreni ambalwa amaphoyisa agulukudela ngomnyango ongaphambili eHholo LoMbuso futhi aliphanga. Ngokushesha ngemva kwalokho kwalandela ukuvalwa ngokusemthethweni kwazo zonke izincwadi ze-Watch Tower Society. Yaqala kanjalo-ke inkathi yokucindezelwa koFakazi BakaJehova.
Ngemva kwalokho iHholo LoMbuso lathengiswa uhulumeni njengengxenye yesenzo sawo sobushiqela, konke lokhu ngaphandle kokwaziswa—akuzange kuthethwe cala, akuzange kube nethuba lokuziphendulela.
Uhulumeni waseSingapore uye wabhekisela ngokuphindaphindiwe ekungahilelekini koFakazi BakaJehova enkonzweni yezempi njengesizathu sokuvinjelwa kwabo ngokuphelele. Muva nje ngo-December 29, 1995, uMnu. K. Kesavapany, ongummeleli ongashintshi weSingapore eZizweni Ezihlangene eGeneva, encwadini ayibhalela uH. E. Ibrahim Fall, iPhini likaNobhala-jikelele wamaLungelo Abantu weZizwe Ezihlangene eGeneva, washo okulandelayo:
“Ukuvinjelwa kwenhlangano yoFakazi BakaJehova uHulumeni wakithi kubangelwa ukucabangela ukulondeka kwezwe. Ukuba khona ngokuqhubekayo kwalenhlangano kungaba ingozi enhlalakahleni yomphakathi nasekuthuleni eSingapore. Okwakudingeka okuhambisana nokusulwa emabhukwini koFakazi BakaJehova kwaba ukuthi zonke izincwadi zabo zenqatshelwe ukuze kuqiniswe ukuvinjelwa kwalenhlangano futhi kunqandwe nokusakazwa kwezinkolelo zayo.”
Ngokuqondene nesiphakamiso sokuba ingozi ekulondekeni komphakathi waseSingapore, kufanele kuphawulwe ukuthi izinsizwa ezinqabayo ukungenela inkonzo yezempi zingaba zinhlanu ngonyaka. ESingapore kunamabutho empi angaba ngu-300 000. Uhulumeni waseSingapore uye wenqaba ngisho nokuxoxa ngenkonzo yokusebenzela umphakathi enganikezwa leli dlanzana elihilelekile.
Ukucindezelwa Okuyingcaca
Ngemva kweminyaka eminingana yokufela ngaphakathi, kwavela ukucindezelwa okusha okuyingcaca kwamalungelo abantu ngo-1992 lapho kuboshwa abantu abaningana—babebekwe icala lokutholakala benezincwadi ezinqatshelwe i-Undesirable Publications Act. Ngo-1994 i-Watch Tower Society yathumela eSingapore uW. Glen How, Q.C., owayeneminyaka engu-75 ubudala, ongummeli futhi obengomunye woFakazi BakaJehova konke ukuphila kwakhe. Isikhundla sakhe sokuba uMeluleki WeNdlovukazi samnikeza ukuqashelwa okwamenza wakwazi ukuvela phambi kwezinkantolo zaseSingapore. Ngenxa yesiqinisekiso esingokwenkolo soMthetho-sisekelo, kwafakwa isikhalo eNkantolo Ephakeme yaseSingapore, kuhlanganise nokubekela inselele ukuboshwa nokuvinjelwa kwango-1972. Ngo-August 8, 1994, lesi sikhalo sachithwa uMahluleli Omkhulu uYong Pung How weNkantolo Ephakeme yaseSingapore. Imizamo eyengeziwe yokufaka isikhalo yaba nhlanga zimuka nomoya.
Ekuqaleni kuka-1995 kwabonakala sengathi inselele engokomthetho esekelwe eMthethweni-sisekelo waseSingapore yayibangele izinyathelo ezicindezela ngisho nangokwengeziwe. Amaphoyisa omshoshaphansi e-Secret Societies Branch yoMnyango Ophenya Ngobugebengu asebenzisa i-Operation Hope, okuyindlela enjengeyamabutho lapho ethelekela amaqembu amancane ambalwa ayeqhuba imihlangano yobuKristu emakhaya abazalwane. Amaphoyisa angaba ngu-70 nabasizi bawo atheleka njengempi, okwaphumela ekuboshweni kwabantu abangu-69. Bonke bayiswa ezikhungweni zokuphenya ngemibuzo, abanye baphenywa ubusuku bonke, futhi bonke babekwa icala lokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokuba nezincwadi zeBhayibheli. Abanye babeboshwe ngabodwa amahora angaba ngu-18, bengakwazi ngisho nokushayela imikhaya yabo ucingo.
Amacala ayebekwe abantu bakwamanye amazwe asulwa. Kodwa abangu-64 abayizakhamuzi zaseSingapore baquliswa icala enkantolo ngasekupheleni kuka-1995 nasekuqaleni kuka-1996. Bonke abangu-64 batholakala benecala. Abangu-47, abaneminyaka ephakathi kwengu-16 nengu-72, abazange bayikhokhe inhlawulo yezinkulungwane zamaRandi futhi bagqunywa ejele isonto elilodwa kuya kwamane.
Ngaphambi kokuba bathunyelwe ezitokisini zabo, abesilisa nabesifazane bahlutshulwa izingubo baba nqunu futhi baseshwa phambi kwabantu abaningi. Abanye besifazane batshelwa ukuba baphakamise izingalo, baqoshame izikhathi ezinhlanu, bese bevula imilomo baphakamise ulimi. Okungenani owesifazane oyedwa kwathiwa asebenzise iminwe yakhe azivule indunu. Ejele, abanye besilisa kwadingeka baphuze amanzi ezindlini zangasese. Abanye besifazane abasebasha babephathwa njengezigebengu eziyingozi, bevalelwe ngabodwa sonke isigwebo sabo, futhi benikezwa inkeshezana yokudla. Abanye onogada benqabela oFakazi ngisho nokuba bathole amaBhayibheli abo.
Kodwa ake sicabangele ukukhulumela kwabanye besifazane ababeboshiwe. Imibiko yabo yokuzibonela mathupha yayihluke ngokuphelele ekuhlanzekeni kwangaphandle kwaleli dolobha lanamuhla.
“Isitokisi sasingcolile. Ubhavu wokugeza nendlu yangasese kwakusesimweni esinyanyekayo. Kwakungamadixa. Ngaphansi kwebhentshi engangihlezi kulo kwakunobulwembu nokungcola.”
“Ngatshelwa ukuba ngikhumule ngibe nqunu, futhi nganikezwa izingubo zasejele, isitsha sensipho (esasingenansipho) nesixubho. Iziboshwa engangivalelwe nazo zangitshela ukuthi iziboshwa zesikhashana aziwutholi umuthi wokuxubha noma amaphepha asezindlini zangasese.”
“Sasingu-20 esitokisini esisodwa. Indlu yangasese ingeyohlobo okuqoshanywayo kulo futhi inodonga olufika okhalweni. Indlu yokugezela yayineshawa eyodwa kuphela nobhavu wokugeza onompompi. Kwakudingeka sigeze ngamaqembu abayisithupha—sonke esitokisini kwakudingeka sigeze phakathi nengxenye yehora ekuseni.”
Naphezu kwalolu sizi lokugqunywa ejele, bonke babekubheka njengelungelo ukukhonza uNkulunkulu—noma nini, nomaphi futhi kungakhathaliseki ukuthi izimo zinjani. Phawula ukukhulumela okulandelayo kwentombazane ethile:
“Kusukela ngesikhathi ngingena ejele, ngangilokhu ngizikhumbuza ngenjongo yokuba kwami lapho. Nsuku zonke ngangithandaza kuJehova ukuba alalele umthandazo wami futhi angangishiyi. Ngaba nomuzwa wokuthi wawuphendula umthandazo wami ngoba kwakuwumoya wakhe owangisiza ukuba ngikhuthazele. Kungaleso sikhathi-ke lapho ngakuqaphela khona ukusondelana kwami naye, futhi kuye kwangiqinisa kakhulu ukwazi ukuthi usibhekile. Ngizizwa nginelungelo ngokubhekana nalolu vivinyo ngenxa yegama lakhe.”
Amaphephandaba emhlabeni wonke ayithola ngokushesha lendaba. Abezindaba e-Australia, eCanada, eHong Kong, eMalaysia, e-United States, eYurophu nakwezinye izindawo bazibika ngokuphindaphindiwe lezi zenzakalo. I-Toronto Star yaseCanada yafingqa lesi senzakalo esicasulayo esihlokweni sayo esithi “Ugogo Ulahlwe Ngecala Lokuba NeBhayibheli.” Kuyavunywa, emhlabeni kunezinkinga eziningi ezingathi sína ezihilela abantu abaningi kakhulu, kodwa kulendaba umbuzo obuzwa abantu abashaqekile kuyo yonke indawo uyefana. “ESingapore?”
Kunzima ukuqonda ukuthi kungani inkolo esebenza ngokukhululekile evikelwe ngokuphelele umthetho emazweni angaphezu kuka-200 embulungeni yonke kufanele yenziwe isisulu soshushiso eSingapore. Kuba nzima nakakhulu ukuqonda lapho sicabangela ukuthi ayikho enye inkolo eSingapore eye yaphathwa ngokungacabangeli nangobushiqela ngalendlela.
Ngempela, umsizi kansumpa wamaphoyisa owayengubhongoza weqembu elalihlasele oFakazi BakaJehova wavuma enkantolo ukuthi lokhu kwakuqala ngqá ukuba yena namaphoyisa awaphethe bayalwe ukuba bachithe umhlangano wenkolo. Izingcaphuno ezilandelayo zivela encwadini yobufakazi:
Umbuzo: (Obhekiswe kufakazi) Ngokwazi kwakho, ingabe i-Secret Societies Branch yake yaphenya ngemibuzo futhi yabeka icala elinye iqembu lenkolo elingabhaliwe emabhukwini, ngaphandle koFakazi BakaJehova?
Impendulo: Alikho engilaziyo.
Khona-ke uphenyo lwaqhubeka.
Umbuzo: (Obhekiswe kufakazi) Ingabe wena ngokwakho wake wahlanganyela ekuhlaseleni okufanayo iqembu lenkolo, elihlangana endlini futhi elingabhaliwe kuyi-Societies Act?
Impendulo: Angikaze.
Isimemezelo Sokuthatha Isinyathelo
I-Amnesty International ne-International Bar Association zombili zathumela izingqapheli zazo ezikhethekile ukuba ziyolandelela ukuthethwa kwamacala ngobuqotho. Ingqapheli ye-Amnesty International eyayingathathi-hlangothi, u-Andrew Raffell, yona ngokwayo engummeleli waseHong Kong, yasho okulandelayo: “Embikweni wami ngibhale ukuthi leli cala lalinjengombukiso.” Yaqhubeka ichaza ukuthi izikhulu zikahulumeni ezazingofakazi zazingakwazi ukuchazela inkantolo isizathu sokuba kuthiwe izincwadi zoFakazi BakaJehova azithandeki. URaffell wanikeza uhlu lwezinye izincwadi zeBhayibheli ezinqatshelwe kuhlanganise ethi Happiness—How to Find It nethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Wanezela ukuthi zazingenakubhekwa neze njengezingathandeki.
Ingqapheli ye-International Bar Association, uCecil Rajendra, washo okulandelayo:
“Zisuka nje, kwaba sobala kulengqapheli ukuthi lonke icala . . . kwakuyihlaya elalenziwa ngokuzigqaja ukuze kuboniswe umhlaba ukuthi umbuso wentando yeningi usasebenza eSingapore.
“Umphumela wawuyisiphetho esasicatshangelwe kusengaphambili futhi kwakungangabazeki nakancane noma nini ngaphambili, phakathi naleli cala noma ekuphethweni kwalo ukuthi bonke abamangalelwa babeyotholakala benecala njengoba babebekwe lona.
“Nakuba leli cala laliqulwa enkantolo ephansi futhi amacala eqinisweni ayewukwephulwa okuncane kwe-Societies Act, isimo esasisenkantolo sasishubile futhi sesabisa.
“Lokhu kwakubangelwa ukuthi kwakunamaphoyisa afake inyufomu angaphezu kwayishumi ayegade lapho (ayisithupha ngaphakathi enkantolo namane ngaphandle) kanye nayidlanzana e-Special Branch ayengayifakile inyufomu ayehlezi ezihlalweni eziphezulu.”
Ekhulumela indlela icala elaliqhubeka ngayo, uRajendra waqhubeka:
“Ukuziphatha kukaMahluleli oseshiwo phakathi nenkathi ngiyisilaleli (kanye nangesikhathi liqhubeka lonke leli cala, njengoba kubonakala ezincwadini zobufakazi) kwakuhlazisa kakhulu. . . . Ngokuphambene nazo zonke izinqubo zokuqulwa kwamacala okuvamile, loMahluleli wayengenela ngokuphindaphindiwe ohlangothini lwabamangali futhi waphazamisa abameli ekubuzeni ofakazi ngezinto ezazibekwe phambi kwenkantolo, ngokwesibonelo, inguqulo yeBhayibheli i-King James, eyayilethwe abamangali ukuze babonise ukuthi abamangalelwa babenezincwadi ezivinjelwe!”
Izinga lokukhathazeka kwamazwe ngamazwe ngokucindezela kweSingapore amalungelo abantu likhulu kangangokuba umagazini waseBelgium onesihloko esithi Human Rights Without Frontiers wanyathelisa umbiko ongamakhasi angu-18 owawukhuluma kuphela ngokuhlasela kukahulumeni waseSingapore oFakazi BakaJehova. Ebhala njengomhleli, uWilly Fautré, umhleli omkhulu walelo phephabhuku, wachaza kafushane izinga elingokoqobo lenkululeko yabantu kunoma yisiphi isimo sezombangazwe:
“Nakuba inkululeko engokwenkolo ingolunye lwezimpawu ezinhle zesimo esivamile senkululeko yabantu kunoma yimuphi umphakathi, zimbalwa kakhulu izinhlangano zezwe zamalungelo abantu eziye zahileleka enqubweni yokuqeda lezo zindlela zokucwasa nokungabekezelelani okusekelwe enkolweni noma enkolelweni, noma ekuthuthukiseni izinkambiso ezingalondoloza futhi zithuthukise inkululeko engokwenkolo.”
I-Human Rights Without Frontiers yanyathelisa uhlu lwayo lwezinto ezitusayo ngombhalo ogqamile ngemuva embikweni wayo.
OFakazi BakaJehova bawusizo eSingapore. Bayawahlonipha amalungelo omakhelwane babo futhi abasoze babagcweleze. Asikho isakhamuzi saseSingapore okudingeka sikhathazeke ngokuthi indlu yaso izogqekezwa noma ngokuthi sizohlaselwa, sishaywe, noma sidlwengulwe omunye woFakazi BakaJehova.
Inkonzo yabo yasobala yokuzithandela iqinisa futhi ithuthukise ukuphila komkhaya futhi yakha izakhamuzi ezinhle. Baqhuba izifundo zeBhayibheli mahhala nanoma ubani ofuna ukufunda izimiso zeBhayibheli ezakhayo nendlela yokuzisebenzisa ekuphileni kwakhe. Imihlangano yabo yesifundo seBhayibheli nomthandazo kuyingxenye yemfundo yabo yobuKristu. Lokhu kuye kwabenza izakhamuzi ezinhle.
Izakhamuzi zaseSingapore ezilihloniphayo izwe lazo futhi ezifuna libe nekusasa eliqhakazile kufanele zinxuse uhulumeni ukuba aphinde ahlolisise ukufaneleka koFakazi BakaJehova emphakathini waseSingapore. Isikhathi sokubakhulula nokubuyisela lokho okufanele zonke izakhamuzi—inkululeko yokukhulekela.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Izwe Libhekile
1. “Lapho amaphoyisa aseSingapore egulukudela njengamabutho ezindlini ezinhlanu ebusuku ngo-February odlule, abesilisa, abesifazane nentsha bonke abangu-69 baboshwa futhi bayiswa ekomkhulu lamaphoyisa. Kwakungeyona indlela imihlangano yesifundo sebhayibheli okwakufanele iphele ngayo.”—I-Ottawa Citizen yaseCanada, ka-December 28, 1995, ikhasi A10.
2. “Kungaba kuhle kakhulu kubo bonke abakhathalela inkululeko engokwenkolo namalungelo kanembeza uma uHulumeni waseSingapore ungalungisa ukuma kwawo ngokuqondene namalungu aleli qembu elingenacala futhi elingeyona ingozi ukuba uwavumele aqhube futhi asakaze ukholo lwawo ngaphandle kokwesaba noma ukuthiywa.”—UProfesa Bryan R. Wilson, wase-University of Oxford, eNgilandi.
3. “Ochungechungeni lwamacala abangela ukuvukela kwamaqembu enkululeko yomphakathi amazwe ngamazwe, izinkantolo zaseSingapore ziye zalahla ngecala oFakazi BakaJehova abangu-63 kusukela ngo-November odlule.”—I-Asahi Evening News yaseJapane, ka-January 19, 1996, ikhasi 3.
4. “OFakazi BakaJehova kufanele bavunyelwe ukuhlangana nokuqhuba inkolo yabo ngokuthula ngaphandle kokusongelwa ngokuboshwa noma ngokugqunywa ejele. Inkululeko yenkolo iyilungelo eliyisisekelo eliqinisekiswa uMthetho-sisekelo waseSingapore.”—I-Amnesty International ngo-November 22, 1995.
5. UChan Siu-ching, usihlalo we-Justice and Peace Commission yeSifunda-bhishobhi samaKatolika saseHong Kong, encwadini ayeyibhalele uLee Kuan Yew, uNgqongqoshe Ophakeme weHhovisi likaNdunankulu, ngo-June 1, 1995, wathi: “Into eyinhloko ukuthi ngisho noma uhulumeni waseSingapore ucabanga ukuthi labo abenqaba inkonzo yezempi baphula umthetho futhi kufanele babekwe icala, amanye amalungu ahlanganyela emihlanganweni yenkolo ngenjongo yokukhulekela akufanele athinteke. . . .
“Ngakho-ke sibhala lencwadi ukuze sinxuse uHulumeni wakho ukuba:
1. ungabavimbeli oFakazi BakaJehova ukuze bajabulele inkululeko yokukhulekela nekanembeza;
2. uyeke ukubeka icala amalungu oFakazi BakaJehova aya emihlanganweni ngenjongo engokwenkolo.
3. ukhulule lawo malungu oFakazi BakaJehova aye aboshwa muva nje ngenxa yokuya emihlanganweni engokwenkolo.”
[Isithombe ekhasini 23]
OFakazi BakaJehova besenkantolo ngemva kokubekwa amacala
[Isithombe ekhasini 23]
LoFakazi oneminyaka engu-71 ubudala watshela umahluleli: “Angilona usongo kulohulumeni.” Kodwa waboshwa