Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuzijabulisa Ngiyavuma ukuthi kunezindlela eziningi ezilondekile intsha engazijabulisa ngazo, njengoba kushiwo esihlokweni esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingazijabulisa Kanjani?” (September 22, 1996) Singaya emnyuziyamu noma e-zoo noma senze ipikiniki noma ngisho sibe nombuthano. Ngisho nalabo kithi abangenamali bangazijabulisa ngokumemela enye intsha emakubo ukuzodlala imidlalo noma ukuzojabulela isidlo.
V. A., Brazil
Ikati Eliyiqhawe Kumelwe nginitshele indlela engasazisa ngayo isihloko esithi “Ubuhlobo Obuseduze Phakathi Kukamama Nabantwana Bakhe,” esakhishwa kumagazini ka-September 22, 1996. Ngihlala ezweni lapho imikhuba yobulili ingenamingcele khona nalapho amantombazane amaningi asakhula enganqikazi khona ukukhipha isisu. Ngicabanga ukuthi ikati elingumama elethiwa ngokuthi uScarlett liyisibonelo esihle sikamama oqaphile.
E. B., Mali
Ngavukwa amadlingozi lapho ngifunda indaba kaScarlett, owaqunga isibindi esikhulu lapho esindisa imithinyane yakhe egalaji elishayo. Uyikati elihlaba umxhwele abantu abaningi abangafunda okukhulu kulo. Ngicabanga ukuthi kuhle kakhulu ukuthi ninyathelisa izihloko ezinjengalesi.
D. W., Germany
Indaba yenu ethinta inhliziyo ephathelene noScarlett nemithinyane yakhe yayiyisihloko esinamandla kunazo zonke ezikhuluma ngokukhipha isisu engake ngazifunda.
J. G., United States
Ngamane ngakhala lapho ngifunda lesi sihloko. Bengilokhu ngizithanda zonke izilwane futhi ngizazisa izifundo uJehova asifundisa zona ngazo. Kuyangidumaza ukwazi ukuthi abantu “abahlakaniphile” ababonisi ukunakekela okufanayo ngenzalo yabo.
C. C., United States
I-tinnitus Ngiyanibonga kakhulu ngesihloko esithi “I-tinnitus—Ingabe Iwumsindo Ongawubekezelela?” (September 22, 1996) Sekuyiminyaka eyisithupha ingiphethe. Nganginovalo lokuthi nginesifo esingelapheki ngoba akekho udokotela owayekwazi ukungitshela ngokuqondile ukuthi ngiphethwe yini. Ukufunda isihloko senu kuye kwadambisa uvalo. Manje ngizama ukusibekezelela njengoba ngilinde isimiso esisha sikaNkulunkulu, lapho kungekho muntu oyogula khona.—Isaya 33:24.
C. F., Italy
Ngaqala ukuba nalenkinga eminyakeni engaba yishumi edlule. Kwakubuhlungu ukucabanga ukuthi ngangizowuzwa njalo lomsindo! Kodwa namuhla, sengifunda ukubekezelela indlebe yami enomsindo. Ngibheke phambili esikhathini lapho, ngosizo lukaJehova, ngiyophinda ngizwe UKUTHULA!
J. S., Czech Republic
Sekuyiminyaka emibili nengxenye ngiphethwe i-tinnitus futhi ngiye ngahlolwa ngazo zonke izindlela zezokwelapha, kuhlanganise ne-CT scan yobuchopho. Ukukhathazeka nokucobeka bekuyizinkinga ezingikhungathekisayo. Njengoba sengifunde isihloko senu, sengifunda indlela yokusibekezelela lesi sifo.
M. G. T. F., Sri Lanka
Umyeni wami uphethwe i-tinnitus. Futhi unokucindezeleka okukhulu. Lokhu kwaziswa kuye kwangisiza ukuba ngimbonise ububele. Ngezinye izikhathi, lomsindo uyamkhathaza ngempela, futhi kumelwe ngivume ukuthi angizange ngibe nozwela ngendlela obekufanele ngibe nalo ngayo. Ngiyazisa kakhulu indlela enengqondo lesi sihloko esabhalwa ngayo. Ngiyaqiniseka ukuthi siyosiza abangane bomshado abaningi babantu abane-tinnitus ukuba babe nokuqonda okwengeziwe.
L. F., United States