Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 6/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugembula Kungaphezu Kokulahlekelwa Imali
  • Ukululaza IBhayibheli
  • Ukudoba Kusengozini
  • Izindleko Ezandayo Zesobho Lesidleke
  • Amaphoyisa Avimbela Izikhwama Zesikole Ezisindayo
  • Ukunconywa Kuqeda Ukucindezeleka
  • Izingane Ezibaleka Emakhaya
  • Ukuntuleka Kwamanzi Okushaqisayo
  • Ukungcolisa Komsindo
  • Ayanda Amanani Ababoshwayo
  • Izingane Ezifunda Futhi Zibhale Kangcono
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1991
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ukubuza Okwezwe
    I-Phaphama!—1993
  • Ukufuna Imfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 6/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Ukugembula Kungaphezu Kokulahlekelwa Imali

Iphephandaba lase-Australia i-Sydney Morning Herald, lithi ngokuvela kwezindawo ezintsha zokugembula, iziphathimandla zibhekene nenkinga engalindelekile: “abazali abashiya dengwane izingane zabo ukuze bayogembula.” Izingane eziningana ziye zatholakala zivalelwe ezimotweni ngesikhathi abazali bazo bechithe isikhathi eside ematafuleni okugembula. Isenzakalo esiwundabamlonyeni kwakungesomfana oneminyaka emihlanu ubudala nodadewabo onezinyanga ezingu-18 ubudala ababevalelwe emotweni amahora amahlanu kwaze kwaba yilapho bekhishwa amaphoyisa ngehora lesikhombisa ekuseni. Sekubekwe izimpawu eziqhamile ezibhalwe ngezilimi ezihlukahlukene ngaphandle kwenye indawo yokugembula ezixwayisa abazali ngokuthi bazokhokha inhlawulo engama-dollar angu-5 000 (R18 900) nokuthi kungenzeka baboshwe ngenxa yokushiya dengwane izingane zabo ngalendlela. I-Herald ithi isisebenzi esithile sezenhlala-kahle saphawula ukuthi ukuluthwa ukugembula kuye kwaholela futhi “ekubhidlikeni kwemishado, ebugebengwini, ekulahlekelweni imisebenzi nasekuzibulaleni.”

Ukululaza IBhayibheli

I-Oxford University Press iye yalungiselela inguqulo entsha yeBhayibheli enezinguquko ezingakaze zibe khona ngaphambili. Njengoba izama “ukungacunuli muntu,” lenguqulo igwema amazwi angase abhekwe njengabandlulula ngokobulili, ngokobuhlanga, noma onakaliswe ukubandlulula amaJuda. Ngokwesibonelo, lenguqulo entsha ibhekisela kuNkulunkulu ngokuthi “Baba-Mama.” UJesu ngeke abe “iNdodana yomuntu” kodwa, kunalokho, “Ongumuntu.” Lenguqulo ayisho ukuthi amaJuda abulala uJesu Kristu. Ngisho nalokho okuthiwa ukubandlulula amanxele kuyoqedwa lapho “isandla sokunene” sikaNkulunkulu siba “isandla esinamandla,” kusho i-Sunday Times.

Ukudoba Kusengozini

Njengoba uhide lwabadobi bamazwe ahlukahlukene bebanga indawo namalungelo okudoba, umbiko we-Worldwatch Institute uxwayisa ngokuthi isivuno sezinhlanzi somhlaba sesifinyelele ezingeni eliphakeme kakhulu futhi manje eqinisweni sesiyehla ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Nakuba uvuma ukuthi ukungcoliswa kwendawo ezungezile kuye kwaba isici esinengxenye ekuncipheni kwezinto eziphilayo zasolwandle embulungeni yonke, lombiko uthi ukudoba ngokweqile kwezimboni zezentengiselwano kuyimbangela eyinhloko yokuncipha kwezinhlanzi ezidotshwa olwandle i-Atlantic nasePacific kanye nasolwandle Olumnyama naseMediterranean. Ingosi yezindaba i-Agence France-Presse ithi ngokombiko we-Worldwatch, izinhlanzi ezidotshwayo ziye zehla ngamaphesenti angaba ngu-30 kwezinye izindawo futhi uma kuqhubeka ukunganakekelwa kwemithombo yasolwandle, abadobi abayizigidi bazophelelwa umsebenzi ngokushesha.

Izindleko Ezandayo Zesobho Lesidleke

Emathilomu aseHong Kong nakwamanye amadolobha ase-Asia, isidlo esithandwayo isidleke esimnandi, ngokuvamile esiphekwa sibe isobho. Ngokwe-International Herald Tribune, amaShayina amaningi awabheki izidleke eziphekiwe njengezibiliboco kuphela kodwa futhi nanjengomuthi wempilo. Amaqembu okulondoloza imvelo alinganisela ukuthi iHong Kong iyodwa yasebenzisa izidleke zamahlolamvula ezingaba izigidi ezingu-17 ngo-1992. Nokho, ukuvuna ngokweqile kuye kwandisa izindleko zokudayisa izidleke zaba inani eliyingqophamlando elingamaRandi angu-1 800 ikhilogremu ngalinye, futhi izidleke zezinga eliphambili zingabiza intengo ephinda lelonani izikhathi ezingu-8. Ukulahlekelwa kwamahlolamvula akha lezizidleke kukhulu kakhulu. Ukubhujiswa kwamaqanda namaphuphu lapho kuqoqwa lezizidleke kuye kwaphumela ekuncipheni kwenani lamahlolamvula athile nasekuqothulweni kwamanye.

Amaphoyisa Avimbela Izikhwama Zesikole Ezisindayo

“Isisindo sezikhwama zesikole akufanele sibe ngaphezu kwamaphesenti angu-15 esisindo somzimba [wengane],” kusho umphathi-dolobha waseCantù, idolobhana elisesifundazweni saseComo, enyakatho ye-Italy. Lomphathi-dolobha ukhathazekile ngengozi yokugogeka komhlandla. Abazali bezingane ezephula lomthetho bangabhekana nenhlawulo engama-lire angu-400-000 (R900) nokuboshwa izinyanga ezingaba isithupha. Ukuze abonise ukuthi wayengadlali, lomphathi-dolobha wathumela amaphoyisa edolobha, ephethe isikali, ukuba amise izindawo zokuhlola ngaphandle kwezikole, kubika i-Corriere della Sera. Abafundi ababili kuphela abamiswa phakathi nokuhlola kokuqala ababephethe izikhwama ezisesilinganisweni esifanele. Empeleni, omunye umfana onesisindo esingamakhilogremu angu-34 wayephethe isikhwama esinesisindo esingamakhilogremu angu-12. Izingane afunda nazo zamkhulumela, zikhononda ngokuthi izincwadi zezinkondlo nezezibalo kuphela zazinesisindo esingamakhilogremu amahlanu, futhi kwakudingeka ziphathe izincwadi zezifundo ezine usuku nosuku. Lomphathi-dolobha wasola izikhungo zokunyathelisa, ezinesithakazelo “ekudayiseni izincwadi ezisindayo futhi ezibizayo.” Wasikisela ukuba lezizikhungo zinyathelise lezizincwadi ngamancozuncozu.

Ukunconywa Kuqeda Ukucindezeleka

Unyaka ngamunye isifo senhliziyo sibulala abantu abangu-200 000 eJalimane. Iyini imbangela eyinhloko? “Ukucindezeleka,” kubika iphephandaba i-Süddeutsche Zeitung, njengoba ukusebenza eJalimane kudinga “ukuzinikela okuphelele, nokuhlala ucindezelekile.” Ukucindezeleka emsebenzini kubangela izinga eliphakeme lokuphutha emsebenzini ngenxa yokugula futhi kungabangela ukutubeka. Ingxenye yabahlengikazi inezimpawu zokucindezeleka, futhi uthisha oyedwa kwabathathu uthatha umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi, abaningi ngenxa “yokucindezeleka kwezinzwa.” Izinkampani zomshuwalense wezempilo zifunda indlela yokuqeda ukucindezeleka emsebenzini. Okunye ukuhlola, okwenziwa emafemini angemakhulu kakhulu angamakhulu amaningana, kuveza lokho okubonakala kuyisici esiyimbangela: Phakathi kwezisebenzi ezahlolwa, ezingamaphesenti angu-44 zazinganconywa nakancane emsebenzini.

Izingane Ezibaleka Emakhaya

Iphephandaba i-Independent liphawula ukuthi unyaka ngamunye eBrithani izingane ezingu-98 000 ziyabaleka emakhaya. Eziningi zibalekela ubudlova emkhayeni. Ezingaphezu kuka-10 000 zibaleka emakhaya okungenani izikhathi eziyishumi ngaphambi kokuba zibe neminyaka engu-16 ubudala. Njengoba zisezincane kakhulu ukuba zingathola usizo lwezenhlala-kahle, eziningi kulezi zingane ezibaleka emakhaya ziphendukela ebugebengwini nasebufebeni. Uma siyishaya indiva lenkinga, u-Ian Sparks, umqondisi oyinhloko we-Children’s Society, uxwayisa ngokuthi lezi zingane ziyokhula zibe “abantu abadala abangenamakhaya abahlukaniswe nomphakathi.” Waphawula ukuthi ukuba “wonke umphakathi” ubugxile ekusekeleni nasekusizeni abazali, khona-ke “izinkinga eziningi bezingeke ziphakame.”

Ukuntuleka Kwamanzi Okushaqisayo

“INingizimu Afrika ibhekene nenhlekelele yamanzi eshaqisayo,” kubika iphephandaba i-Star. Ngaphandle kokuba kusetshenziswe eminye imithombo, imithombo yamanzi ekhona manje iyophela “phakathi neminyaka engu-15 ezayo.” Esinye isici ukwanda okusheshayo kwenani labantu. Enye imbangela imvula eyingcosana, engaba ingxenye yesilinganiso somhlaba. Izinga lomhwamuko eliphakeme ngokungavamile landisa lenkinga. Idamu eligcina amanzi elikhulu kunawo wonke kulelizwe lilahlekelwa isilinganiso esingamalitha angu-50 000 000 ngonyaka ngenxa yomhwamuko. Ukuhlanzeka kwamanzi akhona njengamanje nakho kuyancipha ngenxa yokungcola. I-Star sithi: “Sekunabantu abayizigidi ezingu-12 abangawatholi amanzi okuphuza ahlanzekile nabangaphezu kwezigidi ezingu-20 abangenayo indlela efanele (esebenzisa amanzi) yokukhuculula indle.”

Ukungcolisa Komsindo

Okungenani amaphesenti ayishumi enani labantu emhlabeni ahlushwa ukungezwa kahle ezindlebeni. Umagazini waseBrazil i-Globo Ciência uchaza ukuthi “indlebe yomuntu yayingenzelwanga ukubekezelela imisindo yempucuko.” Ukuchayeka nsuku zonke emsindweni ongenampilo nakho kungase kube nengxenye ekuhlulekeni ukugxilisa ingqondo, ekukhiqizeni kancane, ekucunukeni, nasezingozini emsebenzini.

Ayanda Amanani Ababoshwayo

Njengoba ubugebengu banda emhlabeni wonke, nenani lababoshwayo liyanda. ERussia sekunesibalo sabantu ababoshwayo abangu-558 kwabangu-100 000, kulandele i-United States ngabangu-519 kwabangu-100 000. Kulandele iNingizimu Afrika ngabangu-368, iSingapore ngabangu-229, bese kuba iCanada ngabangu-116. Kusukela ekupheleni kwezwe elaliyiSoviet Union, ukubulala nobunye ubugebengu kuye kwanda kakhulu eRussia, futhi inani lababoshwayo lapho lenyuka ngaphezu kwelase-United States, ebihamba phambili. Kungani amazwe aseYurophu ebopha umuntu oyedwa kunabayisithupha ababoshwa e-United States? “Enye incazelo iwukuthi nakuba amazinga obugebengu ehluka kancane kuyo yonke indawo, ubudlova bande kakhulu e-United States, eRussia naseNingizimu Afrika,” kusho i-U.S.News & World Report. “Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izizathu, igebe lababoshwayo kungenzeka likhule.”

Izingane Ezifunda Futhi Zibhale Kangcono

“Ukufundela izingane kukhulisa amakhono okubhala,” kubika iphephandaba laseCanada i-Globe and Mail. Ngokwemiphumela yokuhlola kwamuva nje koMnyango Wezemfundo wase-Ontario, eCanada, abafundi abathi babefundelwa izindaba lapho besakhula babeqhuba kahle kunalabo ababengavamile ukufundelwa izincwadi noma ababengafundelwa nhlobo. I-Globe yanezela ukuthi “abafundi ababefunda kahle babebhala kahle futhi” nokuthi “abafundi ababengagcini ngokufunda esikoleni babefunda futhi babhale kangcono.” Ngokukamongameli we-Ontario Teachers Federation, imiphumela yalokhu kuhlola yembula ukuthi “abafundi abangafundi noma okungewona umkhuba ukuba bafundelwe ngeke bafunde lapho sebeneminyaka eyevé kwengu-14 ubudala.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela