Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 4/8 k. 16-k. 19 isig. 17
  • Indlela Yokuthenga Imoto Eyisekeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuthenga Imoto Eyisekeni
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingachitha Malini?
  • Ngidinga Imoto Enjani?
  • Ingabe Imoto Esesimweni Esihle?
  • Imoto Yakho—Isikhoselo Noma Ugibe?
    I-Phaphama!—1995
  • Ngingabaqinisekisa Kanjani Abazali Bami Ukuthi Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
  • Zivikele Kubaduni Bezimoto!
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 4/8 k. 16-k. 19 isig. 17

Indlela Yokuthenga Imoto Eyisekeni

UBANI obengeke akujabulele ukuthenga imoto ngemali eyingxenye yentengo yayo iseyintsha noma ngaphansi? ‘Kungenzeka ngempela lokho?’ uyabuza. Yebo—uma kuyimoto eyayingeyothile ngaphambili, eyaziwa kangcono ngokuthi imoto eyisekeni. Inkinga iwukuthi, abaningi banovalo lokuthi akukhona ukuhlakanipha ukuthenga imoto eyisekeni. Izimoto, njengeminye imishini, ziyaguga. Ngakho, inani lemoto liyancipha ngokudlula kwesikhathi, ibanga elihambile, nokusetshenziswa kwayo.

Ngikutshele ukuthi ngingubani? Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-15 nginguchwepheshe wezimoto. Ngakho ake ngikuchathazele ezinye zezinto engizifundile. Okulandelayo imibuzo embalwa okufanele uzibuze yona ngaphambi kokuba uthenge imoto eyisekeni.

Ngingachitha Malini?

Okokuqala, bala ukuthi isikhwama sakho siyokuvumela ukuba uchithe malini emotweni. Khona-ke izikhangiso zamaphephandaba zingakunikeza umbono ngonyaka nohlobo lwezimoto ongakwazi ukuzikhokhela. Kwamanye amazwe, amabhange, izikhungo zokubolekisa ngemali, neminye imitapo yezincwadi kuneziqondiso zanyanga zonke ezinohlu lwamanani ezimoto ezingamasekeni. Qikelela ukuba ungabali kuphela intengo yemoto kodwa ubale nezindleko zentela, ukuyibhalisa, nomshuwalense. Futhi hlela ukuba nemadlana ethile yokulungisa izinto ezingalindelekile ezingase zidingwe imoto ngemva kokuyithenga.

Ngidinga Imoto Enjani?

Lapho unquma ukuthi yini oyidingayo, thola ukuthi yini ebalulekile kuwe. Cabangela ubukhulu bomkhaya wakho nokuthi imoto iyosetshenziselwa imisebenzi enjani, njengokuya emsebenzini, ukuyisa abantwana bakho esikoleni, nokuya enkonzweni yobuKristu. Ingabe lemoto iyosetshenziselwa uhambo olufushane noma olude? Ungabheki uhlobo oluthile kuphela; kunalokho, funa imoto ebinakekelwe kahle nesesimweni esihle. Thola imoto okulula ukuyisevisa. Zonke izimoto ziyozidinga izinsimbi ezithile. Ukhona yini umthengisi wezinsimbi ezidingekayo endaweni yakini? Kungase kube nzima ukuthola izinsimbi zezimoto ezineminyaka engaphezu kweyishumi. Uma unemali elinganiselwe, gwema izimoto zikanokusho noma ezithengwe kwamanye amazwe, njengoba ngokuqinisekile izinsimbi zazo nokuzisevisa kuyobiza kakhulu. Nakuba izimoto ezinjalo zingase zibe nokwethenjelwa, kungase kube nzima futhi ukuzinakekela.

Ingabe Imoto Esesimweni Esihle?

Imoto esesimweni esihle imoto ebiseviswa kahle. Ngokuvamile, kungcono kakhulu ukugwema izimoto esezihambé ibanga elide kakhulu—ikakhulukazi uma kungenxa yokushayela edolobheni kunasemigwaqweni emikhulu. Ukuthi ibanga elide lingakanani kungase kuhluke kuye ngokwezindawo. Ayikho imoto eyisekeni engenasici. Nokho, ingabe uyokwazi ukukhokhela ukulungiswa okudingwa yileyo moto? Ngokuvamile ukulungisa imoto ngeke kuyenyuse intengo yayo. Ngokwesibonelo, uma uthenga imoto ngo-R10000 bese uchitha u-R3500 uyilungisa, lokho akusho ukuthi lemoto iyoba ngu-R13 500. Ngaphansi kwezimo ezivamile, kushibhe kakhulu ukuthenga imoto esesimweni esihle kunokuthenga imoto engalungile bese uyilungisa.

Nanka amacebiso ambalwa okukhetha imoto esesimweni esihle:

• Yihlolisise ngaphambi kokuba uyithenge. Ukuze uyibone kahle, gwema ukuyibuka ebusuku noma lapho lina. Yizungeze. Yini oyiphawulayo ngayo? Ingabe ingaphakathi nengaphandle layo libonisa ukuthi umniniyo wangaphambili wayeneqholo ngayo? Ingabe ubeyinakekele kahle? Ingabe umthengisi angakunikeza amarekhodi okunakekelwa kwalemoto? Uma kungenjalo, ngokunokwenzeka lemoto ibiphethwe budedengu. Kungangcono ungaqhubeki ubuka lemoto.

• Yivivinye ngokuyishayela. Hamba ngesivinini sasemgwaqweni omkhulu lapho uyivivinya. Futhi yima uphinde uhambe endaweni ewumqansa nasemigwaqweni eyithafa.

Injini:

Ingabe injini iqala kahle ukuduma?

Ingabe ipayipi alinawo umusi omningi?

Ingabe injini isebenza kahle?

Ingabe iduma kahle?

Ingabe injini ayinamsindo?

Ingabe injini inamandla anele okuhamba ngejubane?

Uma impendulo ingucha kunoma imuphi walemibuzo engenhla, khona-ke injini ingase idinge ukushunwa noma ukulungiswa okukhulu. Lezi zimo zingaba futhi izimpawu zenjini egugile. Qaphela uma umthengisi ethi idinga nje ukushunwa. Ukwenza kanjalo bekufanele kube ingxenye yokunakekelwa kwemoto okuvamile.

I-“gearbox”:

Ingabe i-gearbox ezishintshayo iyashelela noma amagiya angangeni lapho uwafaka?

Ingabe awashintsheki kalula?

Ingabe ukhona umsindo kunoma imaphi amagiya?

Uma impendulo kunguyebo kunoma imuphi walemibuzo, i-gearbox ingase idinge ukulungiswa.

Amabhuleki nezinsimbi ezibambe imoto:

Ingabe imoto idonsela nganxanye lapho uhamba noma unyathela amabhuleki?

Ingabe imoto iyadlikizeka lapho uhamba ngejubane elithile noma lapho unyathela amabhuleki?

Ingabe kunomsindo lapho unyathela amabhuleki noma ujika noma uhamba ezikhisini?

Uma impendulo inguyebo kunoma imuphi walemibuzo, lemoto ingase idinge ukulungiswa amabhuleki noma izinsimbi eziyibambile.

• Bheka ezinye izindawo ezidinga ukulungiswa. Gqoka izingubo eziyokuvumela ukuba ubuke imoto ngaphakathi, ngaphandle, nangaphansi.

• Bheka ukuthi umzimba wayo awugqwalile yini. Gwema izimoto ezigqwalile. Iningi lezimoto ezintsha zakhiwe zaba “nomzimba ohlangene.” Izingxenye zomzimba zisetshenziselwa ukuqinisa izimoto ezindaweni eziningana. Lapho lezi zingxenye zigqwala, ngokuvamile kumba eqolo ukuzilungisa ngokuphelele. Ukugqwala okungenhla kwamasondo kungase kube kuncane kodwa ngokuvamile kuwuphawu lokuthi izingxenye zomzimba nazo zigqwalile. Bheka ukuthi imoto ayigqwalile yini ngaphansi. Qaphela upende omusha; kungenzeka lemoto iyithuna elicakiwe.

• Bheka umonakalo obangelwe izingozi. Bheka umonakalo ofihlekile wengozi ngaphansi kwe-bonnet nasebhuthini. Ingabe izivalo, ibhonethi, nebhuthi kuyavaleka? Ingabe kunezimpawu zikapende lapho ungafuneki khona, njengakuma-doorjamb? Ingabe kunokuvuza ebhuthini noma ezindaweni ezinokhaphethi? Lokhu kuvuza kungabangela ukugqwala.

• Bheka uwoyela wenjini. Bheka insimbi yokuhlola uwoyela. Ingabe uwoyela mncane? Lokhu kungase kubangelwe ukudla uwoyela kakhulu noma ukuvuza. Ingabe uwoyela ungcole kakhulu noma umnyama? Ingabe unamatshana? Bheka izimpawu zikawoyela omanzi ezembozweni zama-valve. Ngena emotweni, uphendule ukhiye, kodwa ungayidumisi imoto. Ingabe isibani esibonisa uwoyela omncane siyakhanya? Uma lemoto inegeji kawoyela, kufanele ingabonisi lutho. Manje dumisa imoto, uyigcine ingabangi msindo, bese uphawula ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani ukuba isibani somfutho kawoyela sicishe noma igeji ibonise umfutho ofanele wenjini. Uma kuthatha ngaphezu kwemizuzwana embalwa ukuba lesi sibani sicishe noma igeji ibonise umfutho ofanele, lokho kungase kubonise ukuguga kwenjini. Kwezinye izimoto ezintsha e-United States, isibani esithi “Check Engine” noma esithi “Service Engine Soon” kufanele sikhanye lapho uphendula ukhiye kodwa injini ingadumi. Lesi sibani kufanele sicishe lapho injini iduma. Uma sihlala sikhanya lapho injini iduma, ngokuvamile lokhu kubonisa inkinga yenjini, mhlawumbe esimisweni sokukhipha umusi noma esimisweni sokuthwala uphethiloli.

• Bheka amafutha e-“gearbox” ezishintshayo. Ingabe mancane noma ashile? Bheka ukuvuza ngaphansi kwe-gearbox. Lezi zimo zingabonisa isidingo esikhulu sokuyilungisa. Uma imoto idonsa ngamasondo angaphambili, bheka ngaphansi kwayo ukuze ubone noma izembozo zenjoloba ezilawula isivinini ziphelile yini. Uma kunjalo, kungase kuchitheke uwoyela, futhi lokhu kungabangela umonakalo osheshayo kulezi zinsimbi, okumba eqolo ukuzilungisa.

• Hlola wonke amasondo. Uma eguge kakhulu, lungela ukuwashintsha. Uma eguge ngendlela engavamile, kungenzeka kudingeka ukuqondisa amasondo noma ukulungisa izinsimbi zokuwaqondisa.

• Hlola isimiso sokujikisa amasondo. Ingabe uketshezi lubonakala lushile noma luphelile? Dumisa imoto bese ujikisela isondo lokuyiqondisa nhlangothi zonke. Kufanele usebenzise amandla afanayo ukujikisela kwesokudla noma ngakwesobunxele. Ingabe kukhona okubambayo njengoba ujikisa amasondo? Ukusebenza kwalesi simiso kufanele kungabangi msindo. Noma iziphi izinkinga zingase zisho ukulungisa okumba eqolo.

• Ezinye izinto ongazihlola.

Hlola isimo samabhande namapayipi.

Hlola ukusebenza kwebhuleki lesandla emqanseni.

Bheka ukuguga okungavamile kwamabhuleki.

Hlola isimo sesimiso sokukhipha umusi. Ingabe sinomsindo? Ingabe siyaxega?

Bheka ama-shock nezipilingi. Ingabe imoto iphansi, noma lapho ucindezela ikhona ngalinye, ingabe igxumagxuma izikhathi ezingaphezu kwezintathu?

Uma kunesiphephetha-moya, ingabe sisebenza ngazo zonke izivinini zaso?

Ingabe ziyasebenza izibani, ama-wiper, i-hooter, amabhande ezihlalo, namafasitela?

Bheka ngaphansi kwengemuva lemoto ukuthi azikho yini izimpawu ezibonisa ukuthi kwakufakwe insimbi yokudonsa izinqola. Uma kunjalo, kutuswa ukuba uqaphe, njengoba kungenzeka ukuba ukudonsa kuye kwabulala i-gearbox.

Uma ungaqiniseki nganoma ikuphi ukuhlola okukhulunywe ngakho kulesi sihloko, kungase kube ukuhlakanipha ukuba imoto ihlolwe umakhenika onguchwepheshe ngaphambi kokuba uyithenge. Mcele ukuba ahlole imoto futhi enze uhlu olulandelayo:

1. Izinto okufanele zilungiswe ngokushesha emotweni nokulinganisela izindleko zezinsimbi nomsebenzi wokuzifaka.

2. Izinto okufanele zilungiswe emotweni onyakeni ozayo nokulinganisela izindleko zezinsimbi nomsebenzi wokuzifaka.

Lokhu kuhlola okwenziwa umakhenika onguchwepheshe kufanele kube ngaphansi kwehora. Nakuba lokhu kungase kukubize imali yomsebenzi wehora, lemali incane uma iqhathaniswa nezindleko ezingaziwa zezinto okudingeka zilungiswe. Buza umthengisi ukuthi yini eye yenziwa muva nje emotweni. Cela ukubona amarekhodi okuseviswa kwayo. Ingabe uwoyela ne-oil filter bekushintshwa njalo? Ingabe i-gearbox ezishintshayo yake yaseviswa? Yagcina nini ukushunwa lemoto? Khumbula, imoto enhle imoto ebinakekelwe kahle futhi okungadingeki umsebenzi omningi kuyo.

Hlala phansi ubale izindleko kuqala—unakho konke ukwaziswa ngemoto. Khona-ke nquma ukuthi lemoto iyafaneleka yini nokuthi unemali eyanele egcinelwe ukuhlangabezana nezinye izindleko ngaphandle nje kwemali yokuyithenga.—Inikelwe uchwepheshe wezimoto.

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Ungaqiniseka kanjani ukuthi imoto eyisekeni oyithengayo isesimweni esihle? Okuboniswe lapha izinto ezimbalwa kweziningi okufanele uzicabangele

Cela uchwepheshe wezimoto ukuba ahlole imoto ngaphambi kokuba uyithenge

Ingabe uwoyela ne-“oil filter” bekushintshwa njalo?

Bheka umonakalo obangelwe izingozi. Ingabe izivalo, ibhonethi, nebhuthi kuvaleka kahle?

Ukuguga kwamathayi okungavamile kungase kube uphawu lwenkinga yamasondo engathi sína noma yezinsimbi zokuqondisa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela