Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 4/8 k. 20
  • Ukubhula Kuyalahlwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhula Kuyalahlwa
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Izixwayiso Azizange Zinakwe
I-Phaphama!—1996
g96 4/8 k. 20

Ukubhula Kuyalahlwa

UKUBHULA kwaqala eBabiloni, izwe lamaKaledi, futhi kusuka lapho kwasakazekela kuwo wonke umhlaba ngokufuduka kwabantu.—Genesise 11:8, 9.

Zonke izinhlobo zokubhula, kungakhathaliseki ukuthi zibizwa ngaliphi igama, ziphikisana ngokuphelele neBhayibheli Elingcwele futhi ziwukuleyisa. UJehova ngoMose wawaxwayisa ngokuqinile nangokuphindaphindiwe ama-Israyeli ukuba angayilingisi imikhuba yokubhula yezinye izizwe, ethi: “Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezizinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.”—Duteronomi 18:9-12.

Ngisho noma izibonakaliso zabo ezingokwesiprofetho nemilingo kwenzeka, ababhuli kwakufanele bajeziswe. (Duteronomi 13:1-5) Inzondo enkulu yeBhayibheli ngababhuli ibonakala esimemezelweni salo sokuthi bonke kwakufanele nakanjani babulawe.—Levitikusi 20:27.

Izixwayiso Azizange Zinakwe

Kodwa naphezu kwalemiyalo ephindaphindiwe, izihlubuki zameyisa uJehova—hhayi nje abantu abavamile njengowesifazane wase-Eni-Dori, kodwa namakhosi anamandla anjengoSawule noManase. (1 Samuweli 28:7, 8; 2 AmaKhosi 21:1-6) Nakuba iNkosi enhle uJosiya yakhuculula bonke ababhuli ngosuku lwayo, kwakunganele ukuba kusindise uJuda ekubhujisweni, njengoba umbuso wakwa-Israyeli owudadewabo wawubhujisiwe.—2 AmaKhosi 17:12-18; 23:24-27.

Nokho, uJehova ngomusa wakhe wothando, waqale wathumela abaprofethi bakhe ukuba bamxwayise ngokuphathelene nemikhuba yakhe enyanyekayo, njengoba nje abaprofethi bakhe babexwayise unina wakho konke ukubhula, iBabiloni.—Isaya 47:9-15.

Ukubhula kwakwandile nasezinsukwini zabaphostoli bakaJesu. Esiqhingini saseKhupro, umthakathi ogama lakhe linguBarjesu washaywa ngobumpumputhe ngenxa yokuphazamisa kwakhe ukushumayela komphostoli uPawulu; kanti eMakedoniya, uPawulu wakhipha idemoni lokubhula entombazaneni eyayihlupha, okwakhungathekisa ababeyiphethe, ababezuza imali enkulu ngamandla ayo okubikezela ngokulumba.—IzEnzo 13:6-11; 16:16-19.

Nokho, abanye njengoSimoni waseSamariya, ngokuzithandela balahla imikhuba yemilingo, kanti e-Efesu baba baningi abashisa izincwadi zokubhula ezazinenani lezinhlamvu zesiliva ezingu-50 000 (uma kungodenariyu, R135-000).—IzEnzo 8:9-13; 19:19.

Isifiso somuntu semvelo sokwazi ikusasa siyaneliseka lapho ekhulekela futhi ekhonza uMdali wakhe Omkhulu, ngoba ngendlela kaNkulunkulu yokuxhumana nabantu wembula ngothando kusengaphambili lokho okuyoba kuhle ukuba umuntu akwazi. (Amose 3:7) Nokho, lapho abantu befulathela uJehova futhi behlukaniswa naLowo owazi isiphetho kusukela ekuqaleni, ngokushesha baba izisulu zethonya lamademoni anemimoya.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela