Intsha Iyabuza . . .
Ngingaluqeda Kanjani Uthando Lokuthatheka?
NGIYE ngambhalela izincwadi ngiveza imizwa yami,” kusho owesifazane osemusha. “Noma nini lapho ngimbuza ngendlela azizwa ngayo—ngaso sonke isikhathi uyakuphika ukuthi uyangithanda. Kodwa ngokwendlela abheka futhi enze ngayo ngiyabona ukuthi lokhu akulona iqiniso.”
Isimo esingokoqobo asisho lutho kumuntu ovalwe indwangu esithibezayo yothando lokuthatheka. Insizwa ebuzwayo iye yazama ukuba nomusa ekuvezeni ukungabi nasithakazelo kwayo, ize ngisho ifune nosizo lwabadala abangamaKristu. Kodwa owesifazane osemusha ngeke nje akwemukele ukwenqaba njengempendulo. Ngisho namazwi ashiwo ngesisusa esihle ngasohlangothini lwensizwa abonakala enjengezimpawu ezifihlekile zothando ngaye. Ngakho-ke iphupho lakhe liyazondla.
Mhlawumbe nawe ngokufanayo, uzithola ulangazelela ubuhlobo nothile ongenawo umuzwa ofana nowakho, okubi kakhulu, ongazi ngisho nokuthi uyaphila. Yonke imizamo yakho yokudonsa ukunaka kwakhe iye yahluleka. Eqinisweni, kungenzeka uye waziphoxa nokuziphoxa uzama ukwenza kanjalo. Nokho unethemba elikhulu lokuthi ngandlelathile izinto ziyoshintsha.
Uma kunjalo, ngokunokwenzeka uzwa uthando lokuthatheka lobusha. Lolu uthando oluyinkohliso olungasekelwe ebunganini obunengqondo nothile, kodwa ephusheni elingokoqobo. Ngempela, phakathi kwentsha, umuntu ethatheka ngaye ngokuvamile ungothile ongeke ayibone nokuyibona—usaziwayo wamabhayisikobho, umculi odumile, uthisha, noma umngane omdala.a Ngokujabulisayo, abaningi bamane nje bakhule bengenalo uthando lokuthatheka. Kodwa ngabanye, ukuqeda uthando lokuthatheka kubanga izimpawu ezibuhlungu zokuhoxa. Ingabe ikhona enye indlela yokudambisa ubuhlungu?
Awuwedwa
Okokuqala nje, duduzeka ngeqiniso lokuthi awuyena owokuqala ukuzwa uthando olungenanwa. USolomoni, enye yamadoda ahlakaniphe kakhulu ake aphila, wazizwa enothando olukhulu ngentombazane enhle yomIsrayeli. Wathululela kuyo enye yezinkondlo ezinhle kakhulu ezake zalotshwa. Wayitshela ukuthi ‘yayiyinhle njengenyanga egcwele, icwebile njengelanga’—futhi akafikanga ndawo nayo!—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 6:10.
Ngakho-ke ngokunokwenzeka uyothola ukuthi abaningi ontanga yakho—ngisho nabazali bakho—bake badlula entweni efanayo. Ngakho-ke empeleni akukho lutho olungavamile ngendlela ozizwa ngayo. Kodwa nakuba uthando lokuthatheka luvamile, lungakhishwa futhi.
Ngokwesibonelo, iBhayibheli likhuluma ngensizwa egama layo nguAmnoni eyathuthukisa uthando olunjalo lokuthatheka olunamandla kakhulu ngowesifazane osemusha kangangokuba “waze wagula.” (2 Samuweli 13:1-14) Ngokufanayo, enye intombazane eyayinothando lokuthatheka iyavuma: “Angikwazi ukudla. . . . Angisakwazi ukutadisha. Ngiphupha ngaye. . . . Ngilusizi.” Yebo, uthando lokuthatheka lungayithinta kabi impilo yakho nenhlalakahle yakho engokomzwelo. Khonake, ungakuzuza kanjani futhi ukulawula isimo?
Ukubhekana Nesimo Esingokoqobo
“Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula,” kusho iBhayibheli. (IzAga 28:26) Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma ubanjwe ephusheni lothando. Uvame ukubeka indwangu esithibezayo engokomzwelo futhi ubone lokho kuphela ofuna ukukubona. Nokho, isaga siyaqhubeka: “Kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakukhululwa.” Lokhu kusho ukubona izinto ngendlela eziyiyo.
“Ulibona kanjani ithemba elingokoqobo ethembeni elingenasisekelo?” kubuza uDr. Howard Halpern. “Ngokubheka amaqiniso ngokunakekela nangokoqobo.” Cabanga: Lingakanani ithuba elikhona lothando lwangempela olwakhiwa yilomuntu? Ingabe useshadile kakade? Ngokuqinisekile amaphupho othando ngakumuntu onjalo ayize—futhi awafanelekile ngempela. Ingabe ungumuntu odumile? Khonake amathuba awukuthi ngeke uze ubonane nokubonana nalowomuntu, kungasakhulunywake ngokuqalisa uthando! Amathuba akho futhi mancane uma kuhileleke umuntu othile omdala, onjengothisha.
Uma othile kuze kube manje eye wahluleka ukubonisa isithakazelo kuwe, ingabe sikhona yini isizathu sangempela sokukholelwa ukuthi izinto ziyoshintsha esikhathini esizayo? Khumbula, “inhliziyo iyakhohlisa.” (Jeremiya 17:9) Ukubona isithakazelo sothando emazwini nasezenzweni ezenziwa ngesisusa esihle ngokuvamile kufana ‘nokuzishaya ngemfe iphindiwe.’ Kuwukuchitha isikhathi nomzwelo. Ngezinye izikhathi, emazweni amaningi kuyisiko ngamadoda ujpthatft spthando ‘kuqala.
Intombazane esencane ingazehlisa ngokulandelela ngamandla othile omane nje engenasithakazelo.
Ekugcineni, bhekana nokulinganiselwa kwakho siqu njengomuntu omusha. Yini obungayenza uma umuntu eqinisweni ubenana uthando lwakho? Ingabe usukulungele ukucindezela nemithwalo yemfanelo yomshado? Uma kungenjalo, khonake “khipha usizi enhliziyweni yakho” ngokwenqaba ukuzindla ngephupho. Kukhona “isikhathi sokuthanda,” futhi endabeni yakho lokho kungase kube seminyakeni ezayo lapho usumdala.—UmShumayeli 11:10; 3:8.
Ukuhlaziya Imizwa Yakho
‘Kodwa kuthiwani ngalemizwa enginayo manje’ uyabuza. Bhekisisa lokho okuzwayo nendlela ozizwa ngayo. Ngokwesibonelo, uDr. Charles Zastrow uyaphawula: “Uthando lokuthatheka lwenzeka lapho umuntu ecabanga ngomuntu athathekile ngaye ‘njengesithandwa esingenasici’; okusho ukuthi, uphetha ngokuthi lowomuntu unazo zonke izimfanelo ezifiselekayo kumngane.” Nokho, asikho “is’thanda esiphelele” kanjalo. IBhayibheli lithi: “Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
Ngakho-ke zibuze, Ngimazi kahle kangakanani ngempela lomuntu engibeke inhliziyo yami kuye? Ingabe imizwa yami isekelwe olwazini, noma ingabe ngithandana nesithombe? Ingabe ‘ngibheka lokho okuphambi kobuso’? (2 Korinte 10:7) Ingabe ngibubona ngokukhanyayo ubuthakathaka balomuntu, noma ingabe ngizenza ongabuboni? Okukodwa nje ukubheka isithandwa sakho ophupha ngaso okuwumgomo kungase kukudonsele ekuhlanyisweni uthando!
Hlola futhi, uhlobo lothando oluzwayo. IBhayibheli lithi: “Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu . . . aluzifuneli okwalo.” (1 Korinte 13:4, 5) Ingabe yiloluhlobo lothando oluzwayo? Noma ingabe yilokho umlobi uKathy McCoy abhekisela kukho ‘njengothando olungavuthiwe’? UMcCoy uthi: “Uthando olungavuthiwe lungafika futhi luhambe ngesikhashana nje . . . kugxilwe kuwe, futhi umane nje uthandana nomqondo wokuba yizithandani . . . Uthando olungavuthiwe luyanamathela, lunobugovu, futhi lunomhawu. . . . Uthando olungavuthiwe lufuna ukuphelela.”
Kungaba buhlungu ukwazi ukuthi uye wamosa umzwelo ngephupho nje. Nokho, uDr. David Elkind uphawula lokhu: “Lokhu kushaqeka kokuntuleka kwethemba kungaba okuhlangenwe nakho okufundisayo okuwusizo ekusizeni abantu abasha ukuba bahlukanise phakathi kokukhangeka ngokomzimba nokufanelana kobuntu siqu.”
Ukumkhipha Engqondweni Yakho
Kuyavunywa ukuthi yonke imiqondo esezweni ayiyisusi ngokuphelele indlela ozizwa ngayo. Kodwa kunezinto ezimbalwa ongazenza ukuze ususe ingqondo yakho ekulimaleni. Okokuqala, gwema ukondla inkinga! Ukufunda izincwadi zothando ezivusa izifiso zobulili, ukubuka izindaba zothando zeTV—noma nje ukulalela izinhlobo ezithile zomculo—kungayenza ibe mibi kakhulu imizwa yakho yokuba nesizungu. Ngakho-ke yenqaba ukugxila kulesisimo. “Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka.”—IzAga 26:20.
Zama ukwakha ubungane bangempela obuthile. Ukuphupha ngothando akukhona okungathatha indawo yabantu abakuthanda futhi bakunakekele ngempela. ‘Ungazehlukanisi.’ (IzAga 18:1) Ngokunokwenzeka uyothola ukuthi abazali bakho bangasiza ngempela, ikakhulukazi uma bengamaKristu. “Bangabokugcina engingabatshela ngothando lwami lokuthatheka,” kusho enye insizwa. Kodwa ngayo yonke imizamo yakho yokufihla imizwa yakho, mhlawumbe sebeye babona kakade ukuthi kukhona okushaya amanzi kuwe. Kungani ungayi kubo futhi ‘ubaphe inhliziyo yakho.’ (IzAga 23:26) Ilunga elivuthiwe lebandla lobuKristu nalo futhi lingase libonakale lingelizwisisayo.
“Zigcine umatasa,” kweluleka ngokuqhubekayo umlobi wezindaba zabaneminyaka eyeve eshumini elinambili uEsther Davidowitz. Yenza okuthile kokuzilibazisa, vivinya umzimba, funda ulimi, qala umsebenzi wokucwaninga ngeBhayibheli. Ukuhlala ushikashikeka ngemisebenzi ewusizo kungazidambisa kancane izimpawu zokuhoxa.
Ukuyeka uthando lokuthatheka akulula. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ubuhlungu buyodamba. Futhi uyobe usufunde okuningi ngawe nangemizwa yakho. Mhlawumbe lezifundo zibufanele ubuhlungu bokuzwa uthando lokuthatheka oludabukisayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ubani Othi Kumane Nje Kuwuthando Lokuthatheka?” esikuwo lomagazini.
[Isithombe ekhasini 17]
Kwabanye, ukuyeka uthando lokuthatheka kubuhlungu