Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 2/8 k. 20
  • OFakazi BakaJehova—Bahlukile Kwezinye Izinkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova—Bahlukile Kwezinye Izinkolo
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkolelo Zabo
  • Imikhuba Yabo
  • Bazi Kangcono
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
    Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu Eqiniso?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukubuyela KuNkulunkulu Weqiniso
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 2/8 k. 20

Umbono WeBhayibheli

OFakazi BakaJehova—Bahlukile Kwezinye Izinkolo

“BHEKA lapha, ngimatasa, futhi ngaphandle kwalokho, angikhulumi neze noFakazi BakaJehova.” Lokhu kwakuwukusabela komunye umninikhaya lapho omunye woFakazi BakaJehova engqongqoza emnyango.

Isivakashi saphendula ngomusa: “Ngiyakuzwa uma uthi umatasa, kodwa okungenani ngingabuza ukuthi kungani uthi awukhulumi nathi?” Izizathu zaba ukuthi akakuqondi lokho oFakazi abakukholelwayo kanye nemikhuba yabo. Lapho lokhu sekucacisiwe, kwaphumela engxoxweni enhle kakhulu.

Ingabe uyakwazi lokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo? Ingabe uyazi ukuthi yini ebenza behluke kwezinye izinkolo nokubaluleka kwalokhu kuwe?

Izinkolelo Zabo

Izinkolelo zabo—zingahlanganisiwe namasiko, imibono yobuhedeni, noma imibono yobu zwe—zisekelwe ngokuphelele eBhayibhelini, abakholeIwa ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe elingenaphutha. Lokhu kwenza kube nomunye umehluko ophawulekayo ezinkolelweni eziyisisekelo.

Ukusetshenziswa kwegama laphezulu: Igama elithi JEHOVA, Yahweh kwabanye, lingase lizwakale lingavamile kwabanye abantu, nokho ukusetshenziswa kwalo izikhathi ezingaphezu kweziyizi-7 000 eBhayibhelini kubonisa ukuthi abakhulekeli bakaNkulunkulu balindelwe ukuba kokubili balazi futhi balisebenzise igama lakhe uqobo. (IHubo 83:18) Ngenxa yokuthi amaKristu ‘angabantu begama lakhe’ uJesu walisebenzisa ekufundiseni abafundi bakhe. (IzEnzo 15:14; Johane 17:26) Ngokubheka lokhu, kunokuba ucabange ukuthi oFakazi BakaJehova bahlukile ngokusebenzisa leligama, bekungenakufaneleka yini kakhulu ukubuza ukuthi kungani ezinye izinkolo zingalisebenzisi njalo?—Malaki 3:16.

UMbuso KaNkulunkulu: Uhulumeni woqobo—nakuba ungokwasezulwini—noKristu Jesu njengenkosi, oyobusa emhlabeni. Akukhona kuphela ‘okuthile okusenhliziyweni.’ “Umbuso uyakuba semahlombe [kaKristu] akhe.” (Isaya 9:6,7 Revised Standard Version) Uyolwela ubukhosi bokulunga kukaNkulunkuIu. “Uyakumisa umbuso . . . uqede yonke lemibuso [yabantu],” ubuyisele ubunye nokuthula kwezwe phakade.—Daniyeli 2:44.

Umphefumulo womuntu: Akukhona okuthile okungaphili futhi okungafi lokho ngandlelathile okusindayo lapho umzimba ufa, kodwa kunalokho, ungumuntu ngokwakhe noma ukuphila akujabulelayo. Lapho edalwa “umuntu waba kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7; 1 Korinte 15:45) “Ukungafi komphefumulo umbono wamaCreki owasungulwa ezinkolweni zezimangaliso zasendulo futhi wandiswa isazi sefilosofi uPlato.” (Presbyterian Life, May 1, 1970) Ngakho abafileyo abahlupheki noma kuyiphi indawo. Balele. (UmShumayeli 9:5, 10) Ithemba ngokuphila kwesikhathi esizayo kwabafileyo kuncike endimeni kaKristu Jesu njengomhlawuleli oyisihlengo futhi kuncike ekubeni nomusa kaNkulunkulu wovuko.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 17:31; 24:15; 1 Korinte 15:13, 14.

Ikusasa lomhlaba: Umhlaba ngeke ushe ungqongqe ungabi nakuphila, kungakhathaliseki ngesandla sikaNkuIunkulu noma ngenhlekelele yenuzi. UNkulunkulu ‘akawudalelanga ize’ ‘Wawudalela ukuba wakhiwe’ (Isaya 45:18; UmShumayeli 1:4) UMbuso kaNkulunkulu uyonakekela ukuba intando yakhe ‘yenziwe ezulwini, nasemhlabeni’ (Mathewu 6:10) Khonake, “abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.

Labo abamukela izinkolelo ezinjalo bathola ushintsho Iwesimo ngakuNkulunkulu, ukuphila, nomakhelwane. Ukuphila kunenjongo futhi kusho okuthile.—Roma 8:19-21.

Imikhuba Yabo

Lena nayo isekelwe eBhayibhelini. Ngisho nakuba eminye yayo ingase ibhekwe njengengavamile, yona kanye lemikhuba yakha izimpawu ezihlukanisayo eziphawulekayo zokukhulekela kweqiniso.

Inkonzo yasobala: Abaningi baveza lokhu njengomehluko omkhulu emsebenzini nasenhlanganweni. Nokho, kulomsebenzi oFakazi BakaJehova balalela umyalo kaJesu ‘wokwenza abafundi.‘Belingisa isibonelo sabaphostoli, bonke abafaneleka njengezikhonzi bangafundisa “phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.” (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 20:20) Amanye amasonto anesiko lokwehlukanisa isigaba sabefundisi, kodwa “akukho nokuncane ukuzithethelela . . . ‘ngalelozinga’ Iokwehlukanisa,” kusho iTheology Today. Kunalokho, njengoba iEncyclopedia Canadiana iphawula: “Umsebenzi woFakazi BakaJehova uwukuvuselelwa nokumiswa kabusha kobuKristu bakuqala obenziwa uJesu nabafundi bakhe phakathi nekhulu lokuqala nelesibili. . . . Bonke bangabazalwane.”

Ukungathathi-hlangothi kobuKristu: Nakuba bengaqondwa kulendaba, oFakazi BakaJehova abathathi-hlangothi kwezombangazwe nakuzo zonke izinhlobo zezimpi ezifuna ukuba umuntu azonde umakhelwane wakhe. (Johane 18:36; Isaya 2:2-4) NgamaKristu akuqala, isazimlando uEdward Gibbon uthi: “Enqaba ukuba nanoma iyiphi ingxenye ekuphathweni komphakathi noma ekuvikeleni umbuso ngezikhali.” Ngakho, lokho ekuqaleni okungase kubonakale kungokungafaneleki empeleni kuyindima yokuthula yalabo okungafanele ‘babe yingxenye yezwe.—Johane 17:16.

Ubuzwe: “Ukubandlululana kwezizwe—okuseyimpikiswano kwamanye amasonto—akuyona inkinga ngoFakazi,” kwasho iphephandaba laseUnited States eseningizimu. Uthando loqobo ngabazalwane babo abangamaKristu lubahlanganisa ebuzalwaneni bezwe lonke. Nakuba bengaphelele njenganoma ubani, balwela ukusebenzisa imfundiso kaJesu phakathi kwabo: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35.

Bazi Kangcono

Yebo, akuzona zonke izinto ezenza oFakazi BakaJehova babe ngabahlukile ngokuzuzisayo okuye kwaxoxwa ngazo lapha. Ngakho kungani ungazami ukwazi kangcono lamaKristu? Amathemba akho esikhathi samanje esijabulisayo nokuphila kwesikhathi esizayo axhomeke ekukhombeni ngokuqondile inkolo okumelwe yehluke uma izohlangabezana nezimiso zikaNkulunkulu.—Mathewu 7:21.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela