Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Okthoba kk. 12-17
  • Uthando LukaNkulunkulu Luhlala Kuze Kube Phakade

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uthando LukaNkulunkulu Luhlala Kuze Kube Phakade
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • CABANGA NGOTHANDO LUKAJEHOVA NJENGEMFUNDISO YEBHAYIBHELI EYISISEKELO
  • ZINDLA NGOKUTHI UJEHOVA ‘UYAKUTHANDA’
  • QONDA UKUTHI YINI EKWENZA UNGABAZE
  • KHETHA UKUHLALE UQOTHO
  • UJehova Ukuthanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Kwamukele Ukuthi UJehova Uyakuthanda
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Uthando LukaJehova Oluqotho Lusho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Indlela Esingahlala Ngayo Siqotho Lapho Ukholo Lwethu Luvivinywa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Okthoba kk. 12-17

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 41

INGOMA 108 Uthando LukaNkulunkulu Oluqotho

Uthando LukaNkulunkulu Luhlala Kuze Kube Phakade

“ Bongani uJehova, ngoba muhle; uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”—IHU. 136:1.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Lesi sihloko sizochaza indlela ukubheka uthando lukaJehova njengemfundiso yeBhayibheli eyisisekelo okungasisiza ngayo lapho sidikibele ngenxa yovivinyo esibhekene nalo.

1-2. Iyiphi inselele amaKristu amaningi abhekana nayo?

CABANGA ngomkhumbi osolwandle njengoba kunesiphepho esinamandla. Amagagasi anamandla awujikijela le nale. Lowo mkhumbi uzoya nama kuphi lapho amagagasi ewuyisa khona, ngaphandle uma othile esebenzisa ihange. Ihange liyokwenza umkhumbi ungalokhu unyakaza futhi ungapheshulwa yisiphepho.

2 Lapho ukhuthazelela uvivinyo olunzima, ungase uzibone ufana nalowo mkhumbi. Imizwa yakho ingashintshashintsha ngokushesha. Ngolunye usuku uzizwa uqiniseka ukuthi uJehova uyakuthanda futhi uyakusekela; ngosuku olulandelayo uyazibuza ukuthi ingabe uyakubona nokukubona nje lokho obhekene nakho. (IHu. 10:1; 13:1) Mhlawumbe umngani wakho ukutshela amazwi aduduzayo futhi uzizwa ungcono okwesikhashana. (IzAga 17:17; 25:11) Kodwa uphinde ubuye futhi umuzwa wokungabaza. Ungase uzibuze ngisho nokuthi ingabe uJehova usakuthanda yini. Ungalisebenzisa kanjani ihange, ngomqondo ongokomfanekiso, njengoba ubhekene novivinyo? Ngamanye amazwi, ungaqiniseka kanjani—futhi uhlale uqiniseka—ukuthi uJehova uyakuthanda futhi uyakusekela?

3. Isho ukuthini inkulumo ethi “uthando oluqotho,” okukhulunywa ngayo kumaHubo 31:7 naku–136:​1, futhi kungani singathi uJehova uyisibonelo esizedlula zonke sothando oluqotho? (Bheka nesithombe.)

3 Enye indlela ihange elingakusiza ngayo ukuba ume uqine lapho ubhekene novivinyo, ukukhumbula uthando lukaJehova oluqotho. (Funda iHubo 31:7; 136:1.) Inkulumo ethi “uthando oluqotho” idlulisela umqondo wothando olujulile nolungapheli umuntu analo ngomunye. UJehova uyisibonelo esizedlula zonke sothando oluqotho. Empeleni, iBhayibheli limchaza ‘njengochichima uthando oluqotho.’ (Eks. 34:​6, 7) IBhayibheli liphinde lithi ngoJehova: “Uthando lwakho oluqotho kubo bonke abakubizayo luyachichima.” (IHu. 86:5) Cabanga nje ukuthi lokho kusho ukuthini: UJehova akalokothi azilahle izinceku zakhe ezithembekile! Ukukhumbula ukuthi uJehova uqotho kungakuqinisa njengoba ubhekene novivinyo olunzima.—IHu. 23:4.

Ihange elingaphansi kolwandle libambe umkhumbi, liyawusiza ukuba ungaphephuki njengoba kunesiphepho.

Njengoba nje ihange lenza umkhumbi ungapheshulwa yisiphepho esinamandla, ukuqiniseka ukuthi uJehova uyasithanda kuyosenza sihlale siqinile lapho sibhekene nobunzima (Bheka isigaba 3)


CABANGA NGOTHANDO LUKAJEHOVA NJENGEMFUNDISO YEBHAYIBHELI EYISISEKELO

4. Nikeza izibonelo zezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, futhi chaza ukuthi kungani singakhohliseki kalula.

4 Enye indlela ongabanjwa ngayo ihange lapho ubhekene novivinyo, ukucabanga ngothando lukaJehova njengemfundiso yeBhayibheli eyisisekelo. Isho ukuthini kuwe inkulumo ethi “imfundiso yeBhayibheli eyisisekelo”? Mhlawumbe ucabanga ngezimfundiso eziyiqiniso owazifunda eZwini likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, wafunda ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, ukuthi abantu asebashona abazi lutho nokuthi umhlaba uyoba ipharadesi futhi abantu bayophila phakade kuwo. (IHu. 83:18; UmSh. 9:5; Joh. 3:16; IsAm. 21:​3, 4) Ngemva kokuba usuzikholelwa lezo zimfundiso, awubange usakhohliseka kalula. Kungani? Kungenxa yokuthi wabona ukuthi zisekelwe emaqinisweni. Ake sibone ukuthi ukubheka uthando lukaJehova njengemfundiso yeBhayibheli eyisisekelo kungakusiza kanjani ukuba uyeke ukucabanga ukuthi uJehova akanandaba noma akakuboni lokho obhekene nakho.

5. Chaza ukuthi umuntu angazigumbuqela kanjani izimfundiso ezingamanga.

5 Lapho uqala ukutadisha iBhayibheli, yini eyakusiza ukuba wenqabe izimfundiso ezingamanga? Cishe wasizwa ukuqhathanisa lokho owawukufunde enkolweni owawukuyo nalokho okufundiswa yiBhayibheli. Cabanga ngalesi sibonelo: Ake sithi wawukholelwa ukuthi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla Onke. Nokho, njengoba wawutadisha iBhayibheli wazibuza, ‘Ingabe leyo mfundiso iyiqiniso ngempela?’ Ngemva kokuhlola ubufakazi obuseBhayibhelini, wakwazi ukuphendula lowo mbuzo ngokuthi cha. Esikhundleni sokukholelwa kuleyo mfundiso engamanga wabe sewukholelwa kuleli qiniso eliseBhayibhelini elithi: UJesu ‘uyizibulo layo yonke indalo,’ ‘iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ (Kol. 1:15; Joh. 3:18) Yiqiniso ukuthi izimfundiso ezingamanga ‘zingambelwa ngokuqinile’ futhi kungaba nzima ukuzigumbuqela. (2 Kor. 10:​4, 5) Kodwa ngemva kokufunda iqiniso, awubange usazikholelwa lezo zimfundiso ezingamanga.—Fil. 3:13.

6. Kungani ungaqiniseka ukuthi ‘uthando lukaJehova oluqotho luhlala kuze kube phakade’?

6 Ungasebenzisa indlela efanayo ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngothando lukaJehova. Njengoba ubhekene novivinyo, uma usuqala ukungabaza ukuthi uJehova uyakuthanda, zibuze, ‘Ingabe indlela engicabanga ngayo ihlakaniphile?’ Qhathanisa ukungabaza kwakho ukuthi uJehova uyakuthanda namazwi akumaHubo 136:1—okuwumBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko. Kungani uJehova echaza uthando lwakhe ngokuthi “luqotho”? Kungani amazwi athi “uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade” ephindwe izikhathi ezingu-26 kulelo hubo? Njengoba sesixoxile, uthando oluqotho uJehova analo ngabantu bakhe luyimfundiso yeBhayibheli eyisisekelo, lunjengezinye izimfundiso osuzamukele ezivela eZwini likaNkulunkulu. Umcabango wokuthi uJehova ukubheka njengomuntu ongelutho noma ongathandeki ungamanga. Wenqabe lowo mcabango, njengoba nje ubungayenqaba ngokuqinile noma iyiphi enye imfundiso engamanga!

7. Nikeza ezinye zezibonelo zemiBhalo ekuqinisekisa ukuthi uJehova uyakuthanda.

7 IBhayibheli linobunye ubufakazi obuningi obusiqinisekisa ngokuthi uJehova uyasithanda. Ngokwesibonelo, uJesu wathi kubalandeli bakhe: “Nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Math. 10:31) UJehova ngokwakhe wathi kubantu bakhe: “Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.” (Isaya 41:10) Phawula ukuba namandla kwalawo mazwi. UJesu akasho ukuthi ‘Ungase ubaluleke ngaphezu,’ futhi uJehova akasho ukuthi ‘Ngingase ngikusize.’ Kunalokho, bathi: “Nina nibaluleke ngaphezu” futhi “Ngizokusiza.” Uma kwenzeka ungabaza ukuthi uJehova uyakuthanda lapho ubhekene novivinyo, imiBhalo efana nalena ngeke igcine ngokukusiza uzizwe ungcono, kodwa ingakwenza uqiniseke nangokuthi uJehova uyakuthanda. Okushiwo yile miBhalo kuyiqiniso. Ukuthandaza uzindle ngalokho kuyokwenza usho amazwi akweyoku-1 Johane 4:16 athi: “Siye salwazi futhi siyalukholelwa uthando uNkulunkulu analo ngathi.”a

8. Yini ongayenza uma ngezinye izikhathi ukungabaza ukuthi uJehova uyakuthanda?

8 Kodwa kuthiwani uma ngezinye izikhathi usakungabaza ukuthi uJehova uyakuthanda? Qhathanisa indlela ozizwa ngayo nalokho okwaziyo. Imizwa yethu ngeke siyethembe ngendlela esingathemba ngayo izinto ezingamaqiniso, kodwa njengoba sifundile eBhayibheli uthando lukaJehova luyiqiniso. Ukucabanga ngendlela ehlukile kusho ukuthi sishalazelela imfanelo kaJehova ebaluleke kunazo zonke—uthando lwakhe.—1 Joh. 4:8.

ZINDLA NGOKUTHI UJEHOVA ‘UYAKUTHANDA’

9-10. Uyini umongo wamazwi kaJesu athi “UBaba ngokwakhe uyanithanda,” akuJohane 16:​26, 27? (Bheka nesithombe.)

9 Singafunda okwengeziwe ngothando lukaJehova ngokucabanga ngamazwi uJesu awasho kubalandeli bakhe athi: “UBaba ngokwakhe uyanithanda.” (Funda uJohane 16:​26, 27.) UJesu akashongo la mazwi ngoba nje efuna ukujabulisa abafundi bakhe. Empeleni, umongo wale ndaba ubonisa ukuthi wayengakhulumi ngendlela abafundi bakhe ababezizwa ngayo ngaleso sikhathi. Kunalokho, wayekhuluma ngendaba ehlukile—umthandazo.

10 UJesu wayesanda kutshela abafundi bakhe ukuthi kufanele bathandaze egameni lakhe, kodwa hhayi kuye. (Joh. 16:​23, 24) Kwakubalulekile kubafundi bakhe ukuba bakwazi lokho. Ngemva kokuvuswa kwakhe, abafundi bakhe babengase bafune ukuthandaza kuJesu. Phela wayengumngani wabo. Babengase bacabange ukuthi ngenxa yokuthi uyabathanda wayeyofuna ukulalela izicelo zabo futhi acele uBaba wakhe ukuba abasize. Nokho, uJesu wathi kwakungafanele bacabange ngaleyo ndlela. Kungani? Kungenxa yokuthi wayethe kubo: “UBaba ngokwakhe uyanithanda.” Lelo qiniso lingezinye zezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo ngokuphathelene nomthandazo. Cabanga ngokuthi kusho ukuthini lokho ngawe: Ngokutadisha iBhayibheli uye wamazi futhi wamthanda uJesu. (Joh. 14:21) Kodwa njengalabo bafundi bangekhulu lokuqala, ungathandaza kuNkulunkulu ngokuqiniseka, wazi ukuthi yena “ngokwakhe uyakuthanda.” Ubonisa ukuthi uyawakholelwa lawo mazwi njalo lapho uthandaza kuJehova.—1 Joh. 5:14.

Esikubona ezithombeni: Umzalwane uhlezi ngaphandle ebhentshini, ngokuqiniseka uthandaza ngezinto ezintathu ezibalulekile ekuphileni kwakhe. 1. Ulethele umkakhe ogulayo olele embhedeni ukudla. 2. Indodakazi yakhe esencane ijabulela ukutadisha iBhayibheli naye. 3. Uhlola izitatimende zezimali.

Ungathandaza kuJehova ngokuqiniseka, wazi ukuthi yena ‘ngokwakhe uyakuthanda’ (Bheka izigaba 9-10)b


QONDA UKUTHI YINI EKWENZA UNGABAZE

11. Kungani uSathane engajabula uma besingangabaza ukuthi uJehova uyasithanda?

11 Yini ekwenza ungabaze ukuthi uJehova uyakuthanda? Ungase uphendule ngokuthi uSathane osenza singabaze futhi lokho kuyiqiniso ngezinga elithile. UDeveli ‘ufuna ukusishwabadela’ futhi angajabula uma singangabaza ukuthi uJehova uyasithanda. (1 Pet. 5:8) Ngenxa yokuthi uJehova uyasithanda usilungiselele isihlengo—okuyinto uSathane angathanda sizizwe singayifanelekele. (Heb. 2:9) Kodwa ubani ozuzayo uma sikungabaza ukuthi uJehova uyasithanda? USathane. Ekabani injongo efezekayo uma siyeka ukukhonza uJehova lapho sibhekene nobunzima? EkaSathane. Cabanga ngokuba yihlaya kwemizamo kaSathane yokusenza singabaze ukuthi uJehova uyasithanda. Empeleni uSathane nguye ongathandwa uJehova. Nokho elinye ‘lamaqhinga’ akhe elibi kakhulu alisebenzisayo ukuzama ukusenza sizwe sengathi yithina uJehova angasithandi nangasamukeli. (Efe. 6:11) Lapho sikuqaphela lokho isitha sethu esizama ukukwenza, siyozimisela nakakhulu ‘ukumelana noDeveli.’—Jak. 4:7.

12-13. Isono esasizuza njengefa singasenza kanjani singabaze ukuthi uJehova uyasithanda?

12 Kunokunye okungasenza singabaze ukuthi uJehova uyasithanda. Yini leyo? Yisono esasizuza njengefa. (IHu. 51:5; Roma 5:12) Isono siye sahlukanisa abantu noMdali wabo. Silimaze nendlela abacabanga ngayo, abazizwa ngayo nempilo yabo.

13 Isono sisenze saba nemizwa engemihle, ebangela ukuba sibe nomuzwa wecala, sikhathazeke, singazethembi futhi sibe namahloni. Singaba naleyo mizwa uma senze isono. Kodwa singaphinde sibe nayo leyo mizwa ngenxa yokuthi kunezinto ezihlale zisikhumbuza ukuthi sinesono—okungeyona indlela uNkulunkulu asidala ngayo ekuqaleni. (Roma 8:​20, 21) Njengoba nje imoto enesondo eliphantshile ingeke ikwazi ukuhamba ngendlela umklami wayo ayenze ukuba ihambe ngayo, nathi njengabantu abanesono asikwazi ukwenza izinto ngendlela esasidalwe ukuba sizenze ngayo. Ngakho akumangazi ukuthi ngezinye izikhathi silwisana nemizwa yokungabaza ukuthi uJehova uyasithanda. Uma kwenzeka sizizwa ngaleyo ndlela, kufanele sikhumbule ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu omkhulu nowesabekayo . . . obonisa uthando oluqotho kulabo abamthandayo nabagcina imiyalo yakhe.’—Neh. 1:5.

14. Ukuzindla ngesihlengo kungasisiza kanjani ukuba siyeke ukucabanga ukuthi uJehova akasoze asithanda? (Roma 5:8) (Bheka nebhokisi elithi “Waqaphele ‘Amandla Okukhohlisa Esono.’”)

14 Yiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi singase sizizwe singalufanelekele uthando lukaJehova. Uma sikhuluma iqiniso, asilufanelekele—futhi lokho kwenza uthando lwakhe lube yigugu nakakhulu. Ayikho into esingayenza engasenza sifanelekele uthando lukaJehova. Noma kunjalo, isihlengo senza uJehova akwazi ukuthethelela izono zethu futhi wenza lelo lungiselelo ngoba esithanda. (1 Joh. 4:10) Khumbula nokuthi uJesu weza emhlabeni ukuze azosindisa izoni, hhayi abantu abangenasono. (Funda eyabaseRoma 5:8.) Akekho phakathi kwethu ongawenzi amaphutha futhi uJehova akalindele ukuba singawenzi. Lapho siqonda ukuthi isono singasenza singabaze ukuthi uJehova uyasithanda, singazimisela nakakhulu ukuba silwisane naleyo micabango.—Roma 7:​24, 25.

Waqaphele “Amandla Okukhohlisa Esono”

IBhayibheli likhuluma “ngamandla okukhohlisa esono.” (Heb. 3:13) Ngaphandle kokusenza silingeke ukwenza izinto ezingafanele, ukuba kwethu nesono kungasenza silokhu singabaza ukuthi uJehova uyasithanda. Ngempela, isono ‘sinamandla okukhohlisa.’

Singase sicabange ukuthi ngeke sikhohliseke. Ngokwesibonelo, singase sikholelwe ukuthi asisoze sakhohliswa abantu abayizigebengu abazama ukusiqola imali yethu. Kodwa uma singaluqaphile lolu hlobo lobugebengu, singase silahlekelwe yiyo yonke imali esinayo.

Ngendlela efanayo, kudingeka siqaphe lapho ukuba kwethu nesono kuzama “ukusikhohlisa” ngokusenza sikholelwe ukuthi uJehova akasithandi. Ukuba nesono kungasenza sigxile ebuthakathakeni bethu nasemaphutheni ethu. Kodwa lokho ‘kungamandla okukhohlisa’ esono futhi kufanele simelane nakho.

KHETHA UKUHLALE UQOTHO

15-16. Uma sihlale siqotho kuJehova, yini esingaqiniseka ngayo? (2 Samuweli 22:26)

15 UJehova ufuna senze isinqumo esihle ngokuthi ‘sinamathele kuye.’ (Dut. 30:​19, 20) Uma senza kanjalo, singaqiniseka ukuthi uyohlale eqotho kithi. (Funda eyesi-2 Samuweli 22:26.) Uma nje sihlale siqotho kuJehova, singamethemba ukuthi uyosisiza kunoma yisiphi isimo esibhekana naso ekuphileni kwethu.

16 Njengoba sixoxile, sinezizathu eziningi zokuma siqine njengokungathi sibanjwe yihange lapho sibhekana novivinyo. Siyazi ukuthi uJehova uyasithanda futhi uzosisekela. Yilokho iBhayibheli elikufundisayo. Uma kwenzeka sikungabaza ukuthi uJehova uyasithanda, singazindla ngalokho esikwaziyo ukuthi kuyiqiniso kunokuba sigxile kulokho esinomuzwa wokuthi kuyiqiniso. Masihlale siqiniseka ngeqiniso leBhayibheli eliyisisekelo lokuthi uthando lukaJehova oluqotho luhlala kuze kube phakade.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Kungasizuzisa kanjani ukubheka uthando lukaJehova njengemfundiso yeBhayibheli eyisisekelo?

  • Isono esasizuza njengefa singasenza kanjani singabaze ukuthi uJehova uyasithanda?

  • Singakunqoba kanjani ukungabaza ukuthi uJehova uyasithanda?

INGOMA 159 Nikani UJehova Inkazimulo

a Ezinye izibonelo zihlanganisa uDuteronomi 31:​8, iHubo 94:14 no-Isaya 49:15.

b INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane uyathandaza ucela uJehova amsize anakekele umkakhe ogulayo, ayisebenzise ngokuhlakanipha imali futhi aqeqeshe indodakazi yakhe ukuba ithande uJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela