ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 40
INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula
UJehova ‘Uyinjabulo Yethu Enkulu’
“ Ngizoza . . . ngizojabula kakhulu ngoNkulunkulu wami.”—IHU. 43:4.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Lesi sihloko sizosisiza sibone izinto ezingase zisiphuce injabulo sibone nokuthi yini esingayenza ukuze siphinde siyithole lapho seyisilahlekele.
1-2. (a) Yisiphi isimo abantu abaningi ababhekana naso namuhla? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
ABANTU abaningi namuhla benza noma yini ukuze bajabule. Kodwa naphezu kwemizamo abayenzayo abajabule. Abaningi bahlushwa yimizwa yokuzizwa bengelutho nemizwa yokudabuka. Abantu bakaJehova nabo bangase bazizwe ngale ndlela. Ngenxa yokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” sikulindele ukubhekana nezimo nemizwa ‘okunzima ukubhekana nayo.’—2 Thim. 3:1.
2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi yiziphi izinto ezingasiphuca injabulo nokuthi yini esingayenza ukuze siphinde siyithole uma seyisilahlekele. Kodwa okokuqala, kumele sithole ukuthi ubani onguMthombo wenjabulo yangempela.
UMTHOMBO WENJABULO YANGEMPELA
3. Indalo isifundisani ngoJehova? (Bheka nezithombe.)
3 UJehova ubelokhu enguNkulunkulu ojabulayo. Ufuna nathi sijabule. Ngakho akumangazi ukuthi injabulo yakhe siyibona ezintweni azidalile—umhlaba wethu omuhle, imibala eminingi ehlukahlukene esizungezile, indlela izilwane ezidlala ngayo nokudla okuningi okuconsisa amathe. UNkulunkulu usithanda ngempela futhi ufuna sikujabulele ukuphila!
Baby elephant: Image © Romi Gamit/Shutterstock; penguin chicks: Vladimir Seliverstov/500px via Getty Images; baby goats: Rita Kochmarjova/stock.adobe.com; two dolphins: georgeclerk/E+ via Getty Images
Indlela izilwane ezidlala ngayo ibonisa ukuthi uJehova unguNkulunkulu ojabulayo (Bheka isigaba 3)
4. (a) UJehova uhlala kanjani ejabule naphezu kokuhlupheka akubona emhlabeni? (b) Yisiphi isipho uJehova asiphe sona? (IHubo 16:11)
4 Nakuba uJehova ‘enguNkulunkulu ojabulayo,’ ubazi kahle ubuhlungu esibhekana nabo nokuhlupheka okukhona emhlabeni. (1 Thim. 1:11) Kodwa akazivumelanga lezi zinto ukuba zinciphise injabulo yakhe. Uyazi ukuthi konke ukuhlupheka okukhona kungokwesikhashana—yena ngokwakhe uselubekile usuku ayoqeda ngalo ukuhlupheka. Ngesineke uyakhuthazela kuze kube yilolo suku lapho eyoqeda khona lonke usizi nokuhlupheka unomphela. Okwamanje, uJehova uyakuqonda lokho esibhekene nakho futhi uyafuna ukusisiza. Usisiza kanjani? Enye indlela asisiza ngayo ukusipha isipho esiyinjabulo. (Funda iHubo 16:11.) Phawula indlela aphe ngayo iNdodana yakhe, uJesu, leso sipho.
5-6. Kungani uJesu ejabule?
5 Kuyo yonke indalo kaJehova ayidalile, uJesu nguye ojabule kakhulu. Kungani? Cabanga ngalezi zizathu ezimbili. (1) ‘Ungumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali’ futhi ububonisa ngokuphelele ubuntu bukaBaba wakhe ngazo zonke izindlela. (Kol. 1:15) (2) UJesu usechithe isikhathi esiningi noBaba wakhe, onguMthombo wenjabulo.
6 UJesu ubelokhu ekujabulela ukwenza noma yini uBaba wakhe amcela ukuba ayenze. (IzAga 8:30, 31; Joh. 8:29) Ngenxa yokwethembeka kwakhe, uJehova uyajabula ngaye futhi uyamamukela.—Math. 3:17.
7. Singayithola kanjani injabulo yangempela?
7 Nathi singathola injabulo yangempela ngokusondela kuJehova, uMthombo wenjabulo. Lapho sichitha isikhathi esiningi sifunda ngoJehova futhi simlingisa, siyojabula nakakhulu. Siyothola injabulo nangokwenza intando kaNkulunkulu nokwazi ukuthi uyasamukela.a (IHu. 33:12) Kodwa kuthiwani uma sizizwa singajabule ngezikhathi ezithile noma isikhathi eside? Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu akasamukeli? Cha! Sinesono futhi ngezinye izikhathi sizwa ubuhlungu, sidangale futhi sicindezeleke. UJehova uyakuqonda lokho. (IHu. 103:14) Ake sixoxe ngokuthi yiziphi izinto ezingasiphuca injabulo nangokuthi yini esingayenza ukuze siphinde sijabule.
UNGAVUMELI LUTHO LUKUPHUCE INJABULO
8. Zingasithinta kanjani izinkinga zokuphila?
8 Okungasiphuca injabulo. 1: Izinkinga zokuphila. Ingabe ubhekene noshushiso, izinhlekelele zemvelo, indlala, ukugula noma ukukhula ngeminyaka? Ingasilahlekela kalula injabulo lapho sibhekene nezinkinga ezinjengalezi, ikakhulukazi uma kukuncane esingakwenza ngazo noma kungekho nhlobo esingakwenza ngesimo esibhekene naso. IBhayibheli liyavuma ukuthi “ubuhlungu benhliziyo buqeda amandla.” (IzAga 15:13) UBabis, umdala owashonelwa umfowabo nabazali bakhe phakathi nesikhathi esiyiminyaka emine, uthi: “Ngangizizwa ngingenabani futhi ngangizwa sengathi akekho ongakwazi ukungisiza. Ngezinye izikhathi, ngangizizwa ngikhathazeke kakhulu ngenxa yokuthi zaziningi kakhulu izinto engangibhekene nazo futhi angikwazanga ukuchitha isikhathi nabazali bami nomfowethu ngaphambi kokuba bashone.” Ngempela, izinkinga zokuphila zingasiqeda amandla zisenze sidikibale.
9. Yini engasisiza siphinde sijabule? (Jeremiya 29:4-7, 10)
9 Yini engasisiza siphinde sijabule? Singaphinde sijabule uma siyeka ukukhathazeka ngezinto esingeke sikwazi ukuzishintsha futhi sibonge ngalokho esinakho. Izwe likhuthaza umbono wokuthi ukuze sijabule ukuphila kwethu kumele kubonakale sengathi akunazinkinga. Kodwa lokho akulona iqiniso. Ngokwesibonelo, uJehova wayala amaJuda ayedingiswe eBhabhiloni ukuba akwamukele ukuphila kwawo okusha njengoba ayethunjwe ezweni okungelona elawo futhi enze konke angakwenza ukuze ajabule ngaphansi kwezimo ezinzima. (Funda uJeremiya 29:4-7, 10.) Yini esingayifunda? Zama ukuzamukela izimo obhekene nazo futhi ubonge ngezinto ezinhle onazo ekuphileni kwakho. Khumbula, uJehova uzokusiza njengoba isikhathi siqhubeka. (IHu. 63:7; 146:5) U-Effie, owaba sengozini eyamshiya ekhubazekile, uthi: “UJehova, umndeni wami nebandla bangisiza kakhulu futhi bangisekela. Ngifuna ukubabonisa ukuthi ngiyabonga ngezinto abangenzela zona njengamanje nangezinto asebengenzele zona. Ngakho ngizama ukwenza konke engingakwenza ukuze ngihlale ngijabule.”
10. Kungani singajabula ngisho nalapho sibhekene nezinkinga?
10 Ngisho noma izinto zingenzekanga ngendlela esasifisa ngayo ekuphileni kwethu, noma lapho thina nemindeni yethu sehlelwa yizinto ezibuhlungu, sisengakwazi ukujabula.b (IHu. 126:5) Kungani? Kungenxa yokuthi injabulo yethu ayincikile ezimweni esibhekene nazo. UMaria oyiphayona, uthi: “Lapho ubhekene nezinkinga, ukuhlala ujabule akusho ukuthi uyayiziba indlela ozizwa ngayo. Kunalokho, kusho ukuthi awuzikhohliwe izithembiso zikaJehova. UBaba wethu uzosisiza siyilondoloze injabulo yethu.” Khumbula, kungakhathaliseki ukuthi izinto zinzima kangakanani njengamanje, zonke izinkinga zethu zingezesikhashana—njengezinyathelo ezishiywa umuntu lapho ehamba esihlabathini solwandle. Maduzane izinkinga zethu zizosuswa, kube sengathi azikaze zibe khona.
11. Sikukhuthaza kanjani isibonelo sikamphostoli uPawulu?
11 Kuthiwani uma siqala ukuzibuza ukuthi ingabe izinkinga zethu ziwubufakazi bokuthi uJehova akasasamukeli? Kungase kusisize ukucabanga ngezinye izinceku zikaJehova ezithembekile ezabhekana nezimo ezinzima kakhulu. Cabanga ngesibonelo sikamphostoli uPawulu. Wakhethwa nguJesu ngokwakhe ukuba ashumayele izindaba ezinhle “ezizweni nasemakhosini nakubantwana bakwa-Israyeli.” (IzE. 9:15) Kwakuyilungelo ngempela lelo! Nokho, ukuphila kukaPawulu kwakunezinkinga eziningi. (2 Kor. 11:23-27) Ingabe izinkinga uPawulu ayebhekene nazo ezazibonakala zingapheli zazisho ukuthi uJehova wayengajabule ngaye? Lutho neze! Kunalokho, ukukhuthazela kwakhe kwakubonisa ukuthi uJehova wayembusisa. (Roma 5:3-5) Manje cabanga ngesimo obhekene naso. Ukhuthazela ngokwethembeka naphezu kwezinselele obhekene nazo. Ngakho nawe ungaqiniseka ukuthi uJehova uyajabula ngawe.
12. Kungasiphuca kanjani injabulo ukungenzeki kwento ebesiyilindele?
12 Okungasiphuca injabulo. 2: Ukungenzeki kwento ebesiyilindele. (IzAga 13:12) Ngenxa yokuthi siyamthanda uJehova futhi siyambonga ngezinto asenzele zona, lokho kusenza sizibekele imigomo enkonzweni yakhe. Nokho, uma sizibekela imigomo esingeke sikwazi ukuyifinyelela ngenxa yezimo zethu, singase sidikibale. (IzAga 17:22) UHolly oyiphayona, uthi: “Ngangifuna ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso, ukuyokhonza kwelinye izwe noma ukuyosiza emsebenzini wokwakha eRamapo. Kodwa izimo zami zashintsha, angibange ngisakwazi ukuyifinyelela leyo migomo. Lokho kwangidumaza. Kuqeda amandla ukuhluleka ukufinyelela imigomo obufisa ukuyifinyelela.” Abantu abaningi bazizwa ngaleyo ndlela.
13. Uma izimo zethu zisivimba ukuba senze lokho ebesingakwenza, yimiphi imigomo esingayifinyelela esingazibekela yona?
13 Yini engasisiza siphinde sijabule? Khumbula ukuthi uJehova akalindele ukuba senze okungaphezu kwamandla ethu; nokubaluleka kwethu kuye akaxhomekile ezintweni esikwazi ukuzifeza enkonzweni yakhe. Ufuna sibe nesizotha futhi sithembeke. (Mika 6:8; 1 Kor. 4:2) Into ayikhathalela kakhulu umuntu esinguye ngaphakathi kunalokho esikwenzayo. Kunengqondo yini ukulindela okungaphezu kwalokho uJehova akulindele kithi?c Lutho neze! Ngakho uma izimo zakho zikuvimba ukuba wenze lokho obungakwenza enkonzweni kaJehova, zama ukugxila kulokho okwazi ukukwenza. Ungakwazi yini ukuqeqesha abafowethu nodadewethu abasebasha noma ukhuthaze abafowethu nodadewethu asebekhulile? Ungakwazi yini ukuzibekela umgomo wokukhuthaza othile, ngokukhuluma naye ngokoqobo, ngocingo noma ngokumthumelela umyalezo? UJehova uyokubusisa futhi akwenze ujabule njengoba uzibekela imigomo emihle nozokwazi ukuyifinyelela! Khumbula ukuthi maduzane ezweni likaJehova elisha, siyoba namathuba amaningi okumkhonza ngezindlela esingakaze sizicabange! Yilokho okwakhuthaza uHolly okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Uthi: “Uma ngiqala ukuzizwa ngidangele, ngiyama ngicabange ukuthi ‘ngizophila phakade’. Ngosizo lukaJehova ngingakwazi ukufinyelela eminye yemigomo yami ezweni elisha.”
14. Yini enye engasiphuca injabulo?
14 Okungasiphuca injabulo. 3: Ukugxila kakhulu ekuzijabuliseni thina. Abanye basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuze bagqugquzele umbono wokuthi injabulo yangempela nokwaneliseka sikuthola ngokuzijabulisa thina. Abantu bakhuthazwa ukuba bagxile ezintweni abathanda ukuzilibazisa ngazo, bazithengele izinto abazithandayo, bavakashele nezindawo ezihlukahlukene. Akukubi ukwenza lezi zinto ezisijabulisayo. UJehova usidale ngendlela esenza sikwazi ukujabulela izinto ezinhle. Nokho, abaningi bathole ukuthi lokho ababecabanga ukuthi kuzobenza bajabule, empeleni yikho okubaphuce injabulo. U-Eva oyiphayona uthi, “Uma ukuphila kwakho kugxile ekuzijabuliseni wena, ayikho into ekwanelisayo.” Ukugxila kakhulu ekuzijabuliseni thina kungasishiya sizizwa siphelelwe amandla futhi singajabule.
15. Yisiphi isifundo esingasifunda eNkosini uSolomoni?
15 Singafunda okuthile esibonelweni seNkosi uSolomoni ngemiphumela edabukisayo yokugxila kakhulu ekuzijabuliseni thina. Yazama ukuthola injabulo ngokwanelisa izifiso zayo, ezinjengokujabulela ukudla okumnandi, umculo omnandi nazo zonke izinto ezinhle nezibizayo eyayingazithenga esikhathini sayo. Kodwa lezo zinto zayishiya inganelisekile. Yathi: “Iso alaneliswa ukubona; nendlebe ayaneliswa ukuzwa.” (UmSh. 1:8; 2:1-11) Imibono yaleli zwe mayelana nokuthi yini eletha injabulo yangempela ifana nemali yomgunyathi. Ingase ibonakale izuzisa; kodwa ngeke isenze sijabule ngempela.
16. Ukupha abanye kungasisiza kanjani siphinde sijabule? (Bheka nezithombe.)
16 Yini engasisiza siphinde sijabule? UJesu wasifundisa ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Umdala okuthiwa u-Alekos, uthi: “Ngigxila ekwenzeleni abanye izinto ezilula. Njengoba ngiqhubeka ngipha abanye, ngiyayeka ukugxila kulokho okufunwa yimi futhi lokho kuyangijabulisa.” Yini wena ongayenzela abanye? Uma ubona othile ephatheke kabi, zama ukumkhuthaza. Ungase ungakwazi ukuxazulula izinkinga zakhe, kodwa ungamduduza ngokuthi umlalele, umbonise uzwela, umkhumbuze nokuba aphonse umthwalo wakhe kuJehova. (IHu. 55:22; 68:19) Ungamsiza nangokuthi umqinisekise ukuthi uJehova akamlahlile. (IHu. 37:28; Isaya 59:1) Ungase umcele nokuba umenzele okuthile, njengokumenzela ukudla noma nelule izinyawo ndawonye. Mmeme ukuba ahambe nawe enkonzweni yasensimini, okuyomenza ajabule. Vumela uJehova akusebenzise ukuba ukhuthaze abanye. Ukugxila ekusizeni abanye kunokugxila kithi kuzosinika injabulo yangempela!—IzAga 11:25.
Kunokugxila kulokho okufunwa nguwe, gxila kulokho okudingwa abanye (Bheka isigaba 16)d
17. Injabulo yethu incike kanjani kuJehova? (IHubo 43:4)
17 Singajabula ngempela uma siqhubeka sisondela kuBaba wethu osezulwini. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uJehova uzosenza ‘sijabule kakhulu.’ (Funda iHubo 43:4.) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nani ekuphileni, singazizwa silondekile. Kwangathi singaqhubeka sigxila kuJehova, uMthombo wenjabulo yangempela engapheli!—IHu. 144:15.
INGOMA 155 S’yojabula Phakade
a Bheka ibhokisi elithi “Thembela KuJehova Ukuze Ujabule.”
b Ngokwesibonelo, ku-jw.org bheka ingxoxo kaDennis no-Irina Christensen eMbikweni WeNdikimba Ebusayo Ka-2023 #5.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Zibekele Imigomo Efinyelelekayo, Ujabule” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 15, 2008.
d INCAZELO YESITHOMBE: Udade uya ezitolo ukuze ayothenga izinto azidingayo, kodwa kumjabulisa nakakhulu ukuthengela udade osekhulile odinga isikhuthazo izimbali.