AGASTI 10-16, 2026
INGOMA 122 Yibani Abagxilile, Abangenakunyakaziswa!
Indlela Esingahlala Ngayo Siqotho Lapho Ukholo Lwethu Luvivinywa
“Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.”—JOH. 6:68.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi singakwazi ukuhlale siqotho kuJehova noma ngabe ukholo lwethu luvivinywa ngayiphi indlela.
1-2. Yini eyenzeka njengoba uJesu ayefundisa eKapernawume?
“LE NKULUMO iyashaqisa; ubani ongayilalela?” (Joh. 6:60) Yileyo ndlela abafundi bakaJesu abaningi abasabela ngayo emazwini kaJesu awasho ngesikhathi efundisa eKapernawume. UJesu wathi: “Ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze negazi layo, ngeke nikuthole ukuphila.” Waqhubeka wathi: “Noma ubani odla inyama yami, aphuze negazi lami uyothola ukuphila okuphakade, mina ngiyomvusa ngosuku lokugcina.”—Joh. 6:53, 54.
2 Labo abakhutshwa amazwi kaJesu bayeka ukumlandela. Ingabe babengenalo nhlobo ukholo kuye? Empeleni, ngaphambi kokuba lokho kwenzeke, abanye—kuhlanganise nabafundi bakaJesu—kwakubajabulise ngempela lokho uJesu akwenza, kangangokuba baze bathi: “Ngempela lo ungumProfethi owayezofika ezweni.” (Joh. 6:14) Ngakho, kusobala ukuthi labo bafundi babenalo ukholo kuJesu ngesilinganiso esithile. Kodwa lapho ukholo lwabo luvivinywa, abazange bahlale beqotho kuye.
3. Abaphostoli basabela kanjani emazwini kaJesu, futhi kungani? (Bheka nesithombe.)
3 Abaphostoli basabela ngendlela ehlukile emazwini kaJesu. Lapho uJesu ebabuza ukuthi babefuna ukuhamba yini nabo, uPetru waphendula: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade. Siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.” (Joh. 6:68, 69) Phawula ukuthi uPetru akashongo ukuthi yena nabanye abaphostoli babeyiqonda ngokugcwele incazelo yalokho uJesu akusho ngesikhathi ebatshela ukuthi kwakudingeka badle inyama yakhe futhi baphuze igazi lakhe. Kungakhathaliseki ukuthi yini ababeyiqonda ngaleso sikhathi, bakhetha ukuhlale beqotho kuJesu. Kungani? Kungenxa yokuthi ukholo lwabo lwalusekelwe eqinisweni elingenakuphikwa—ukuthi uJesu ‘wayenguKristu kaNkulunkulu.’—Luka 9:20, 35.
Nakuba abafundi abaningi bamshiya uJesu, uPetru nabanye abaphostoli bahlala beqotho kuye (Bheka isigaba 3)
4. Yiluphi uvivinyo esingase sibhekane nalo?
4 Ukuba qotho kwethu kuJehova kungavivinywa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, sisabela kanjani lapho sizwa ukuthi kunoshintsho endleleni esiqonda ngayo ivesi elithile leBhayibheli noma endleleni ohlelwe ngayo umsebenzi wokwenza abafundi? Noma sisabela kanjani lapho sikuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungani uJehova evumela ukuba sibhekane nenhlekelele ethile? Ukholo lwethu lungavivinyeka nalapho umngani esisondelene naye ongumKristu esizwisa ubuhlungu noma lapho othile esimhloniphayo esiphatha ngendlela engenabulungisa.
5. Kungani ukholo lwethu kudingeka lube nesisekelo esiqinile? Fanekisa. (Kolose 1:23)
5 Ukuze sifanekise ukubaluleka kokuba ukholo lwethu lube nesisekelo esiqinile, cabanga ngesakhiwo esakhiwe endaweni evame ukuhlaselwa ukuzamazama komhlaba. Leso sakhiwo kudingeka sibe nesisekelo esiqinile ukuze singabhidliki. Ngendlela efanayo, ukuze sikwazi ukumelana nezinto ezivivinya ukholo lwethu, ezinjengalezo okukhulunywe ngazo esigabeni esidlule, ukholo lwethu kudingeka lube nesisekelo esiqinile. Uma siqhubeka siqinisa isisekelo sokholo lwethu, siyoqhubeka siyizinceku zikaJehova eziqotho nezingenakunyakaziswa lapho sibhekene novivinyo.—1 Kor. 15:58; funda eyabaseKolose 1:23.
6. Yini eyasiza abaphostoli ukuba bahlale beqotho kuJesu?
6 Yini eyasiza abaphostoli ukuba bahlale beqotho kuJesu ngesikhathi abantu abaningi bemshiya? Abaphostoli babeqiniseka ukuthi uJehova uyakufanelekela ukuba simkhonze ngoba unguMenzi wazo zonke izinto; ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, ‘enamazwi okuphila okuphakade’; nokuthi uJehova umsekela ngokuphelele uJesu. Manje, kunokuba sixoxe ngezindlela eziningi ukholo lwethu olungavivinywa ngazo, ake sigxile emaqinisweni amathathu angasisiza siqhubeke simi siqinile noma ngabe ukholo lwethu luvivinywa ngayiphi indlela. Yilawa: (1) UJehova unguMdali wazo zonke izinto. (2) UJehova waphefumulela iBhayibheli. (3) UJehova usekela abantu bakhe namuhla. Uma siqiniseka ngokuphelele ngala maqiniso amathathu, siyohlale siqotho lapho ukholo lwethu luvivinywa.
UJEHOVA UNGUMDALI
7. Yini esiyikhunjuzwa umBhalo wesAmbulo 4:11, kodwa yini engase yenzeke lapho ukholo lwethu luvivinywa?
7 Funda isAmbulo 4:11. Lo mBhalo usikhumbuza ukuthi uJehova wadala zonke izinto. Leli qiniso nje lilodwa limenza akufanelekele ukuba simkhonze. Lapho sizindla nangamandla akhe amangalisayo, siyaqiniseka ukuthi angasisiza kuzo zonke izinto esibhekana nazo. Kodwa, uSathane ugcwalise leli zwe ngamanga ukuze enze abantu bangabaze ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ososayensi bangaze bathi ukuphila kwazivelela. Uma singaqiniseki ngokuphelele ngokuthi uJehova unguMdali futhi uyasithanda, singase siqale ukungabaza ukuthi uyasisiza manje futhi uyosisiza nalapho sibhekana nezinto ezivivinya ukholo lwethu esikhathini esizayo.—Heb. 11:6.
8-9. Yini okufanele uyenze uma usuqala ukungabaza ukuthi uJehova unguMdali? (Bheka nesithombe.)
8 Uma usuqala ukungabaza ukuthi uJehova unguMdali, thatha isinyathelo ngokushesha. Cwaningisisa ezincwadini zethu ukuze uthole ukwaziswa okuveza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJehova wadala zonke izinto. Ungathola ukwaziswa okuningi okuqinisa ukholo ngale ndaba encwajaneni ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa nasencwajaneni ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking. Thola nobunye ubufakazi balokho ochungechungeni oluthi “Ingabe Kwadalwa?” ku-jw.org. UJessica, udade osemusha wase-United States, uthi: “Ngemva kokufunda incwajana ethi The Origin of Life, ngaqiniseka ukuthi amaqiniso aveza ukuthi ukhona uMdali ohlakaniphile. Ngase ngikwazi kakade lokhu, kodwa ngemva kokuzwa indlela le ncwajana echaza ngayo, ngaqiniseka nakakhulu ukuthi uJehova wadala zonke izinto.” Abaningi bakuthole kuwusizo ukufunda isifundo 6 no-7, encwadini ethi “Phila Kuze Kube Phakade!” Kungenzeka usuzifundile kakade lezo zifundo. Kodwa kunganjani uphinde uzifunde?
9 Esifundweni sakho somuntu siqu esilandelayo, ungase ufunde ngamaqiniso afakazela ukuthi ukhona uNkulunkulu. Ukucwaninga kwakho ngeke kugcine nje ngokukusisa ukuba uqinise ukholo lwakho lokuthi ukhona uJehova, kodwa kuyokusiza umazi kangcono. (Roma 1:20) Ngaphezu kwalokho, uzokwazi ukusebenzisa lokho okufundayo ukuze usize nabanye okungenzeka bayangabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. Okubalulekile ukuthi: UJehova usinike ubufakazi obuningi obubonisa ukuthi unguMdali wethu.
Nebula: IAC/RGO/David Malin Images; fish and car: Mercedes-Benz USA; plane: Kristen Bartlett/University of Florida
Kungenzeka sewayifunda kakade incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? Kunganjani uphinde uyifunde? (Bheka isigaba 8)
IBHAYIBHELI LIPHEFUMULELWE UJEHOVA
10. Kungani iBhayibheli libaluleke kakhulu kithi? (2 Thimothewu 3:16, 17)
10 Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17. IBhayibheli liwumyalezo ovela kuJehova oya kubantu. Liphendula imibuzo ebalulekile mayelana nokuphila, lisitshela nokuthi iyini intando kaJehova nokuthi yini afuna siyenze. Siyakholelwa ukuthi uJehova wabhala iBhayibheli, okwenza iBhayibheli libe yincwadi ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Sifuna ukuqikelela ukuthi siyaliqonda iZwi lakhe futhi senza konke okusemandleni ethu ukuze senze lokho elikushoyo.
11. Yini ekwenza uqiniseke ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu?
11 Kungani siqiniseka ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uJehova? Ziningi izizathu ezenza siqiniseke. IZwi likaNkulunkulu linembile uma kuziwa kwezomlando. (Luka 3:1, 2) Linembile nalapho likhuluma ngendalo. (Jobe 26:7) IBhayibheli incwadi esakazwe kabanzi ukuzedlula zonke emhlabeni, naphezu kwemizamo kaSathane eminingi yokuqeda ngalo. IBhayibheli labhalwa abantu abangu-40, kwabathatha iminyaka ecishe ibe ngu-1 600 ukuba baliqede; noma kunjalo umyalezo walo uyavumelana. Lineseluleko esingaphelelwa isikhathi esesisize izigidi zabantu ekuphileni kwazo. (IzAga 13:20; 15:21; Math. 7:12) Ziningi iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile, okunikeza ubufakazi bokuthi singalethemba iBhayibheli. (Josh. 23:14) Ngokuqinisekile, iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu!
12. Yini okufanele siyenze uma sesiqala ukungabaza ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu?
12 Yini okufanele siyenze uma sesiqala ukungabaza ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu? Kufanele sithandaze kuJehova, simtshele indlela esizizwa ngayo bese senza ngokuvumelana nemithandazo yethu. Phawula lokho okwashiwo umzalwane osemusha okuthiwa uJordan, owakhuliswa njengoFakazi. Uthi: “Angiyena umuntu ovele akholwe yiyo yonke into engitshelwa yona. Ngidinga isikhathi sokucabangisisa ngalokho engitshelwa kona. Eqinisweni, ngezinye izikhathi ziba khona izinto engizizwayo noma engizifundayo engizingabazayo. Kodwa lapho lokho kwenzeka, ngiyazikhandla ngicwaninge ezincwadini zethu ukuze ngithole izimpendulo zemibuzo yami nginqobe nokungabaza enginakho.” Njengoba siqhubeka senza izinto ezisenza siqiniseke nakakhulu ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uJehova, siyosiqinisa nakakhulu isisekelo sokholo lwethu.—1 Kor. 3:12, 13.
UJEHOVA UYABASEKELA ABANTU BAKHE NAMUHLA
13. Yini okufanele siyenze uma sesiqala ukungabaza ukuthi obani abantu bakaNkulunkulu namuhla?
13 Uma kwenzeka siqala ukungabaza ukuthi oFakazi BakaJehova yibo uNkulunkulu abasekelayo namuhla, akufanele sivumele lokho kungabaza kukhule. Kunalokho, singakunqoba ngokuzibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Obani ngempela abenza konke abangakwenza ukuze baphile ngokuvumelana nemithetho yeBhayibheli? Obani abaqondiswa yiBhayibheli kukho konke abakwenzayo?’ (2 Thim. 4:3, 4) ‘Obani abenza intando kaJehova namuhla?’—Math. 7:20, 21.
14. UNkulunkulu ubasebenzisa kanjani oFakazi BakaJehova ukuba bagcwalise lokho okushiwo uMathewu 24:14?
14 Ngokuphathelene nokwenza intando kaNkulunkulu namuhla, singazibuza, ‘Obani abenza umsebenzi wokushumayela uJesu abikezela ukuthi wawuyokwenziwa ezinsukwini zokugcina?’ (Math. 24:14) Impendulo isobala. UNkulunkulu usebenzisa abantu bakhe—oFakazi BakaJehova—ukuze benze umsebenzi wokushumayela. OFakazi BakaJehova kuphela abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emazweni angaphezu kuka-240. Besilokhu siwenza lo msebenzi iminyaka engaphezu kwengu-100 ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Ngempela, umsebenzi wokushumayela nokufundisa ubulokhu uwumsebenzi obaluleke kakhulu kubantu bakaNkulunkulu.—Math. 28:19, 20.
15. Yini oFakazi BakaJehova abayenzile ukuze bangcwelise igama likaNkulunkulu namuhla? (Mathewu 6:9; Isaya 43:10)
15 Funda uMathewu 6:9 no-Isaya 43:10. Sibizwa ngegama likaNkulunkulu elithi Jehova futhi siyaziqhenya ngokubizwa ngokuthi singoFakazi BakaJehova. Ngesikhathi abantu abaningi emhlabeni bengalazi igama likaNkulunkulu, sisebenze kanzima ukuze silibuyisele endaweni yalo eBhayibhelini njengoba kwakunjalo lapho lilotshwa. Igama likaNkulunkulu litholakala izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 enguqulweni ethi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.
16. Kungani singathi oFakazi BakaJehova balalela umyalo okuJohane 13:34, 35? (Bheka nesithombe.)
16 Funda uJohane 13:34, 35. Ubuzalwane bethu bomhlaba wonke babafowethu nodadewethu abanothando nobunye, buyisimangaliso sosuku lwanamuhla, okuyinto ephawulekayo kuleli zwe elinenzondo noqhekeko. Sivela kuzo zonke izingxenye zomhlaba, sinezizinda ezingafani futhi sikhuliswe ngezindlela ezingafani; noma kunjalo, senza konke esingakwenza ukuze kube nokuthula nothando phakathi kwethu. Lapho uvakashele indawo ethile, wake walivakashela yini ibandla lakuleyo ndawo? Uma kwenzeka uphinde uvakasha, ake ubheke indlela abafowethu nodadewethu abanothando nobunye ngayo. Uyobona ngokucacile ukuthi uJehova usebenzisa oFakazi bakhe ukuze afeze injongo yakhe namuhla. Ukukhumbula lokho kungasisiza sihlale siqotho kuJehova lapho sibhekana nanoma yiluphi uhlobo lovivinyo.
Ubuzalwane bethu bomhlaba wonke babafowethu nodadewethu abanothando nobunye buyisimangaliso sosuku lwanamuhla (Bheka isigaba 16)a
UNGALOKOTHI UMSHIYE UJEHOVA
17-18. Yiziphi izimo ezinzima esingase sibhekane nazo, kodwa yini esingayisho ngokuqiniseka?
17 Siphila ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo, ngakho lezi zinsuku zokugcina zizoba nzima kithi sonke. (2 Thim. 3:1, 13) Singase sibhekane nezinye izimo ezinzima. Inhlangano kaNkulunkulu ingase yenze izinqumo esingaziqondi ngokugcwele. Noma singase sibe nomuzwa wokuthi umfowethu noma udadewethu akasiqondi noma usizwise ubuhlungu. Singase singasiboni ngokushesha isixazululo senkinga esinayo, noma singase singaqondi ukuthi kungani sehlelwe yinto ethile.
18 Naphezu kokucindezeleka ngokomzwelo esingakubangelwa yilezi zimo, singakwazi ukuhlale siqotho kuJehova uma siqiniseka ukuthi unguMdali, ukuthi iBhayibheli liyiZwi lakhe, nokuthi oFakazi BakaJehova bangabantu bakhe. Njengoba uPetru atshela uJesu, nathi singathi kuJehova: “Ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.”
INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho
a INCAZELO YESITHOMBE: Umama nentombazanyana yakhe bahamba ngebhasi, bajabule njengoba bebona abanye oFakazi beshumayela.