Khulumela Isihloko Esisodwa, Kodwa Ubahambise Bobabili Omagazini
Bonke omagazini bethu banezihloko ezihlukahlukene ezithakazelisayo. Kunokuzama ukukhulumela izihloko eziningana emzini ngamunye, ngokuvamile kungcono ukukhulumela esisodwa. Uma sinakisisa futhi sikwazi kahle okukomagazini bethu, singakhetha okuthile kuyi-Nqabayokulinda noma kuyi-Phaphama! okuyokhanga umninikhaya. Ngokwesibonelo, uma sibona amathoyizi ezingane endlini noma egcekeni, singakhetha ukugxila esihlokweni esikhuluma ngokuphila komkhaya. Uma sithola indoda ekhaya, singase sinqume ukukhuluma ngesihloko esithandwa iningi labesilisa, njengohulumeni ongcono. Nakuba singase sikhulumele isihloko esisodwa kuphela, ngokuvamile kufanele simshiyele bobabili omagazini umninikhaya uma ebonisa isithakazelo.