Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/13 k. 2
  • Obani Abangaba Nesithakazelo Kulokhu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Obani Abangaba Nesithakazelo Kulokhu?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Khetha Izihloko Ezizovusa Isithakazelo Esikhethekile Kubantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 5/13 k. 2

Obani Abangaba Nesithakazelo Kulokhu?

1. Lapho sifunda eyethu INqabayokulinda ne-Phaphama! yini okufanele siyicabangele, futhi ngani?

1 Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! balungiselelwa kucatshangwa ngensimu yomhlaba wonke. Ngakho-ke, izihloko zabo zikhuluma ngezinto ezihlukahlukene. Lapho sifunda isihloko ngasinye kwawethu amakhophi, kufanele sicabange ngomuntu okungenzeka simthakazelise leso sihloko, bese siqiniseka ukuthi siyamhambisela lowo muntu umagazini.

2. Iziphi izihloko ezikomagazini bethu ezingase zibakhange abanye?

2 Ingabe INqabayokulinda yamuva ikhuluma ngesihloko seBhayibheli enike naxoxa ngaso nomuntu osebenza naye? Ingabe kunesihloko esikhuluma ngokuphila komkhaya esingaba usizo esihlotsheni sakho? Ukhona yini umuntu ojwayelene naye ohlela ukuya ezweni i-Phaphama! eye yakhuluma ngalo? Ingabe omunye walabo magazini ungakhanga emkhakheni othile wamabhizinisi noma eminyangweni kahulumeni esensimini yenu? Ngokwesibonelo, umagazini okhuluma ngezinselele abantu abadala ababhekana nazo ungase ubakhange kakhulu labo abasemakhaya asebekhulile. Abezomthetho bangase bakhangwe umagazini okhuluma ngobugebengu.

3. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukubaluleka kokuhambisa omagazini abathile kubantu esinomuzwa wokuthi kungase kubakhange lokho abakuqukethe.

3 Imiphumela: Ngemva kokuba omunye umbhangqwana waseNingizimu Afrika uthole i-Phaphama! ka-October 2011 enesihloko esithi, “Ukukhulisa Izingane Ezikwazi Ukuzimela,” wathinta izikole ezingu-25 ezisensimini yawo ngocingo. Ezingu-22 zawamukela amakhophi alo magazini futhi zawanikeza abafundi. Omunye umbhangqwana kuleyo nsimu wenza okufanayo, nawo wahambisela izikole ezisensimini yawo amakhophi alo magazini. Kwesinye salezi zikole, othisha banquma ukusebenzisa lo magazini esimisweni sabo sokufunda samasonto onke. Lo mbhangqwana waxoxela umbonisi wesifunda ngalokhu. Yena wabe esekhuthaza amabandla asesifundeni sakhe ukuba ashumayele ezikoleni ezisensimini yawo. Ihhovisi legatsha lathola ama-oda amaningi omagazini abengeziwe, kangangokuba lo magazini kwadingeka ukuba uphinde unyatheliswe!

4. Kungani sifuna ukubasakaza kabanzi omagazini?

4 Omagazini bethu banikeza incazelo yangempela ngezenzakalo zamanje futhi badonsele ukunaka eBhayibhelini naseMbusweni kaNkulunkulu. Bawukuphela komagazini emhlabeni ‘abamemezela insindiso.’ (Isaya 52:7) Ngakho-ke, sifuna ukubasakaza kabanzi. Indlela enhle yokwenza lokhu iwukuzibuza, ‘Obani abangaba nesithakazelo kulokhu?’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela