ISimiso Sesonto Lika-June 24
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 24
INgoma 123 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 11 ¶1-8 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 8-10 (10 imiz.)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (20 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: “Khulumela Isihloko Esisodwa, Kodwa Ubahambise Bobabili Omagazini.” Inkulumo. Ngemva kwenkulumo, makube nomboniso wokuthi singaqalwa kanjani isifundo ngoMgqibelo wokuqala ku-July, kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo esekhasini 8.
10 imiz: Umsebenzi Wethu Awulona Ize. (Heb. 6:10) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2013, amakhasi 112-115. Cela izilaleli zisho izifundo ezizitholile.
10 imiz: Isipho Senyanga Ngo-July Nango-August. Ingxoxo. Khulumela kafushane izici zezincwajana ezizohanjiswa. Makube nemiboniso yokuhanjiswa kwazo. Omunye umboniso kufanele kube owencwajana ethi Izindaba Ezinhle, kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo esekhasini 8 noma ekuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2013.
INgoma 129 Nomthandazo