Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini phakathi nesonto eliqala ngo-June 24, 2013. Kufakwe nosuku okuyoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
1. Wayesho ukuthini uJesu ngamazwi akhe akuJohane 3:14, 15: “Njengoba nje uMose aphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu kumelwe iphakanyiswe”? [May 6, it-1-E k. 505]
2. Abalandeli bakaKristu bakwamukela nini ukuphila kubo ngaphakathi, noma ukuphila okugcwele? (Joh. 6:53) [May 13, w03 9/15 k. 31 isig. 3]
3. Bonisa ukuthi uJesu wamembula kanjani uYise kubantu abangaphelele. (Joh. 8:28) [May 20, w11 4/1 k. 7 isig. 3]
4. ‘Ukukhala kukaJesu izinyembezi’ ngokufa komngane wakhe uLazaru, kusifundisani? (Joh. 11:35) [May 20, w08 5/1 k. 24 izig. 3-5]
5. Isiphi isifundo esinamandla uJesu asifundisa ngokugeza izinyawo zabafundi bakhe? (Joh. 13:4, 5) [May 27, w99 3/1 k. 31 isig. 1]
6. Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungaba kanjani isiqondiso esingasethemba? (Joh. 14:26) [May 27, w11 12/15 kk. 14-15 isig. 9]
7. KuJohane 21:15, igama elithi “lezi” libhekisele kuphi, futhi yisiphi isifundo esisitholayo? [June 3, w08 4/15 k. 32 isig. 11]
8. NgokwezEnzo 2:44-47 nesahluko 4:34, 35, imuphi umoya amaKristu enza kahle ukuwulingisa? [June 10, w08 5/15 k. 30 isig. 5]
9. Ingabe izEnzo 7:59 zibonisa ukuthi uStefanu wayethandaza kuJesu? [June 17, w08 5/15 k. 31 isig. 2]
10. Singasilingisa kanjani isibonelo esihle sikaBarnaba, futhi siyozuzani ngokusilingisa? (IzE. 9:26, 27) [June 24, bt k. 65 isig. 19]