Dumisa UJehova Usuku Ngalunye
1. Yini izinceku zikaNkulunkulu ezikhuthazwa ukuba ziyenze, futhi kungani?
1 INkosi uDavide yazwakalisa ukuzimisela ukudumisa uJehova “usuku lonke,” kuze kube phakade. (IHu. 145:2, 7, 21) Nathi sinesizathu ezizwakalayo zokudumisa uJehova usuku ngalunye.—IHu. 37:10; 145:14, 18; 2 Pet. 3:13.
2. Imikhaya ingamdumisa kanjani uJehova usuku ngalunye?
2 Ekhaya: Sinezincwadi ezakhayo ezingasisiza ukuze sibe nezingxoxo ezingokomoya ezakhayo lapho sicabangela umbhalo nsuku zonke, lapho sijabulela uKukhulekela Komkhaya nalapho silungiselela imihlangano yebandla. Imikhaya eminingi ikwenze umkhuba ukuhlangana ndawonye okungenani esidlweni esisodwa ngosuku. Lokho kwenza kube nezingxoxo ezinhle kungajahiwe futhi kuvula namathuba okudumisa uJehova. Izingxoxo ezinjalo ezingahleliwe eziqalwa abazali zingaba usizo olubalulekile ekukhuliseni izingane “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efe. 6:4; Dut. 6:5-7.
3. Imaphi amathuba esinawo lapho sinabazalwane bethu?
3 Nabazalwane Bethu: Lapho sisenkonzweni yasensimini nasemihlanganweni yebandla, sinamathuba okudumisa uJehova kanye nesikholwa nabo. (IzAga 15:30; Fil. 4:8; Heb. 13:15) Njengoba sihlanganyela nabo uthando lwethu ngoJehova, kufanele kube lula ukusho amazwi aqotho okwazisa ubuhle bukaJehova lapho sixoxa nabo.—IHu. 106:1.
4. Ungamdumisa ngaphansi kwaziphi izimo uJehova?
4 Lapho Sikhuluma Nabangakholwa: Nakuba izimo zingase zingasivumeli ukuba sihlanganyele enkonzweni yasensimini usuku ngalunye, ukuxoxa kafushane nesisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni nakwabanye ngoJehova nangezinjongo zakhe kungabanika ithemba abantu abanhliziyo ziqotho. (IHu. 27:14; 1 Pet. 3:15) Lapho ehamba ngendiza, omunye udade wakwazi ukufakaza kumuntu ayehleli naye owazizwa eduduzekile futhi ekhuthazekile ngalokho akuzwa kulo dade kangangokuba wanikeza lo dade ikheli lakhe nenombolo yocingo ukuze bahlale bexhumana. Njengoba izwe libhekana nezinkinga nezimo eziya ziba zimbi, abantu bakaJehova bayaqhubeka belethela labo abanezindlebe ezizwayo “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.” Lokhu kubanikeza ithemba abanye futhi kubenze badumise uJehova.—Isaya 52:7; Roma 15:11.
5. Kungani kuyisifiso sethu ukudumisa uJehova, futhi lokho kungafezani?
5 Yeka ukuthi makube kumjabulisa kanjani uJehova ukuzwa izinceku zakhe zimdumisa usuku ngalunye! Njengoba kunjalo ngendalo kaJehova esizungezile, nathi singamdumisa ngokuchichimayo usuku ngalunye emakhaya ethu, ebandleni nalapho sikhuluma nabanye abangakabi abadumisi bakaJehova kanye nathi.—IHu. 19:1-4.