ISimiso Sesonto Lika-August 3
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 3
INgoma 198
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 4-6
No. 1: Numeri 4:1-16
No. 2: Indlela Ongazi Ngayo Ukuthi Kufanele Ulalele Bani (lr-ZU isahl. 28)
No. 3: Ingabe Umuntu Kumelwe Aye Ezulwini Ukuze Abe Nekusasa Elijabulisa Ngempela? (rs-ZU k. 197 ¶1-3)
□ UMhlangano Wenkonzo:
Ingoma 166
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Xoxa nabamemezeli ababili noma abathathu abake bakhonza lapho kunendingeko enkulu khona noma ensimini engabelwe noma engasetshenzwa njalo. Yikuphi ukwesaba ababe nakho futhi bakunqoba kanjani? UJehova uyibusise kanjani imizamo yabo? Bacele balandise noma benze umboniso wokuhlangenwe nakho okukodwa noma okubili abakujabulela enkonzweni.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Ncika Osizweni LukaJehova Ukuze Uthuthukise Ikhono Lokufundisa. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, ikhasi 56, isigaba 1 kuya ekhasini 57, isigaba 2.
Ingoma 171