IBhokisi Lemibuzo
◼ Ziyini izingozi zokusebenzisa i-Internet ukuze sixhumane nomuntu esingamazi?
Izingosi ze-Internet eziningana zihlelelwe ukuba abantu bahlangane futhi baxhumane kuzo. Kweziningi zalezi zingosi abantu bangakwazi ukubhala nokuthumela imininingwane ebachazayo, engase ibe nezithombe nokunye ukwaziswa okuphathelene nabo. Abantu abafunda leyo mininingwane bangase baxhumane nomnikazi wayo. Abasebasha bazithanda kakhulu lezi zingosi, futhi enye intsha ebandleni iye yazisebenzisa ukuze ixhumane nabantu abathi bangoFakazi BakaJehova.
Kulula ngomuntu esihlangana naye kuyi-Internet ukuba angakhulumi iqiniso ngaye, ngengokomoya lakhe noma ngezisusa zakhe. (IHu. 26:4) Umuntu othi unguFakazi kaJehova angase empeleni abe umuntu ongakholwa, umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma nesihlubuki esisemkhankasweni wokudukisa amaKristu. (Gal. 2:4) Kubikwa ukuthi abaningi abahlukumeza izingane ngokobulili bazithola kulezi zingosi izisulu zabo.
Ngisho noma siqiniseka ukuthi abantu esixhumana nabo nge-Internet banokuma okuhle nebandla, izingxoxo ezixoxwa kulezi zingosi zingashintsha kalula zibe izingxoxo ezingakhi. Lokhu kwenziwa ukuthi abantu bathambekele ekungabini namahloni uma bexhumana nabantu abangakaze bababone. Bangase babheke ukuxoxa nge-Internet njengemfihlo yabo kuphela futhi babe nomuzwa wokuthi noma yini abayisho lapha ngeke yaziwe abanye abantu, njengabazali noma abadala. Kuyadabukisa nokho ukuthi intsha eningi evela emikhayeni yamaKristu iye yabanjwa yilolu gibe futhi yahileleka ezingxoxweni ezingcolile. (Efe. 5:3, 4; Kol. 3:8) Abanye baye bafaka izithombe zabo ezivusa inkanuko yobulili, amagama angcolile okungewona awabo, noma izindlela zokuya kuma-video omculo abonisa ubulili ingcaca.
Ngenxa yalezi zizathu, abazali kufanele badamane bebheka ukuthi yini eyenziwa izingane zabo kuyi-computer. (IzAga 29:15) Kungaba ingozi ukumema umuntu esingamazi emzini wethu noma ukumshiya yedwa nezingane zethu. Ngokufanayo, kuyingozi ngathi noma ngezingane zethu ukwakha ubungane nabantu esingabazi kuyi-Internet, ngisho noma bethi bangoFakazi BakaJehova.—IzAga 22:3.