Isizathu Esenza Sibuyele Njalo
1. Imuphi umbuzo ophakamayo ngokuqondene nomsebenzi wethu wokushumayela?
1 Ezindaweni eziningi insimu yethu siyihlanganisa njalo. Sibuyela emizini efanayo njalo nje ngisho noma umninikhaya asitshela ukuthi akanasithakazelo. Kungani siphindela kubantu abangathandanga ukusilalela ngaphambili?
2. Isiphi isizathu esiyinhloko esenza siphikelele enkonzweni?
2 Uthando Lwethu NgoJehova Nabantu: Isizathu esiyinhloko esenza siphikelele enkonzweni ukuthi siyamthanda uJehova. Izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba siqhubeke sitshela abanye ngoNkulunkulu wethu omkhulu. (Luka 6:45) Uthando lwethu ngoJehova lusiqhubezela ukuba silalele imiyalo yakhe nokuba sisize abanye benze okufanayo. (IzAga 27:11; 1 Joh. 5:3) Ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka kulo msebenzi akuxhomekile endleleni abantu abasabela ngayo. Ngisho nangesikhathi amaKristu ekhulu lokuqala eshushiswa, aqhubeka eshumayela “ngaphandle kokuyekethisa.” (IzE. 5:42) Kunokuba sivumele ukungalaleli kwabantu kusidikibalise, sihlala sigxilile sibonise ukuthi simthanda kangakanani uJehova nokuthi sizinikele kangakanani kuye.
3. Uthando lwethu ngabantu luyosisiza kanjani ukuba siqhubeke nokushumayela?
3 Siphikelela nangenxa yokuthi siyabathanda omakhelwane bethu. (Luka 10:27) UJehova akafuni ukuba kubhujiswe namunye. (2 Pet. 3:9) Sisabathola abantu abafuna ukukhonza uJehova ngisho nasemasimini asetshenzwa njalo. Ngokwesibonelo, eGuadeloupe kunoFakazi kaJehova oyedwa kubantu abangu-56, futhi kwabhapathizwa abantu abangu-214 ngonyaka odlule. Abangaba ngu-20 000 baba khona eSikhumbuzweni, okusho umuntu oyedwa kubantu baseGuadeloupe abangu-22!
4. Amasimu ashintsha ngaziphi izindlela?
4 Ushintsho Olwenzeka Ensimini: Siye sithole abantu abasha njalo ensimini yethu. Lapho siphindela emzini onomuntu ongazange abe nesithakazelo, singase sithole elinye ilungu lomkhaya—mhlawumbe elingakaze liwuzwe umyalezo esiwuphethe—futhi lingase lilalele. Noma singase sithole sekuhlala abanye abantu okungenzeka banesithakazelo. Izingane ezinabazali abaphikisayo ziyakhula zihambe emakhaya. Zingase zithande ukulalela isigijimi soMbuso.
5. Yini engase yenze abantu bathande ukulalela?
5 Nabantu bayashintsha. Umphostoli uPawulu wayeke waba “umhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.” (1 Thim. 1:13) Ngokufanayo, abantu abaningi abakhonza uJehova namuhla bake bangaba naso isithakazelo eqinisweni. Kungenzeka ukuthi abanye babeke bazizonda izindaba ezinhle. Njengoba izimo zezwe zishintsha, abanye ababephikisa noma ababengafuni ukulalela bangase bashukumiseleke ukuba balalele. Abanye bangase bathande ukulalela ngemva kokubhekana nosizi oluthile, njengokushona kwelungu lomkhaya, ukuphelelwa umsebenzi, inkinga yemali noma yempilo.
6. Kungani kumelwe siqhubeke sishumayela ngentshiseko?
6 Lesi simiso sezinto siya ekupheleni kwaso, kodwa umsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa uya phambili. (Isaya 60:22) Ngakho, siyaqhubeka sishumayela ngentshiseko futhi silwela ukuhlala sinesimo sengqondo esiqondile. Umuntu esizohlangana naye angase alalele. Thina kudingeka siqhubeke sikhuluma! ‘Ngokwenza lokhu siyozisindisa thina nabasilalelayo.’—1 Thim. 4:16.