IZaziso
◼ Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi Uhulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Uma abaninikhaya sebenayo kakade le ncwadi, babonise indlela engabazuzisa ngayo ngokubabonisa kafushane indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Yini Ebonisa Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?”
◼ Kutuswa ukuba zonke izicelo zamaphayona avamile zithunyelwe ehhovisi legatsha kusasele okungenani izinsuku ezingu-30 ngaphambi kosuku lokuqala inkonzo. Unobhala webandla kufanele ahlole amafomu ukuze aqiniseke ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abafaka izicelo bengasalukhumbuli usuku olunembile ababhapathizwa ngalo, kufanele baluhlawumbisele bese lugcinwa. Unobhala kufanele abhale lolo suku ekhadini le-Rekhodi Lommemezeli Lebandla (S-21).
◼ Ukubalwa kwaminyaka yonke kwazo zonke izincwadi nomagazini abasesitokweni kufanele kwenziwe ngo-August 31, 2007, noma ngokushesha ngemva kwalokho. Lokhu kubalwa kwezincwadi kuyefana nalokho okwenziwa umxhumanisi wabaphathi bezincwadi nyanga zonke, futhi izingqikithi kufanele zibhalwe efomini elithi Ukubalwa Kwezincwadi (S-18). Sicela niqiniseke ukuthi niyabanikeza abamemezeli izincwadi abazi-oda ngaphambi kokubala. Ingqikithi yomagazini abasesitokweni kufanele itholakale kumphathi kamagazini. Unobhala webandla elingumxhumanisi kufanele aqondise ukubalwa kwezincwadi. Yena nombonisi owengamele webandla elingumxhumanisi bayosayina ifomu. Ibandla ngalinye elingumxhumanisi liyothola amafomu amathathu athi Ukubalwa Kwezincwadi kanye nezincwadi eziyodilivwa ngo-July/August. Sizani nithumele elokuqala ehhovisi legatsha engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi efayilini lenu. Ikhophi yesithathu ningasebenza ngayo.
◼ Sicela niphawule ukuthi incwadi yesibili okufanele ifundwe nabantu abasanda kuhlanganyela kuseyincwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Abamemezeli abaningi baqala ngokufundela abantu incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngemva kwalokho bafunde nabo incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Ukuze abasebasha babe nesisekelo esiqinile seqiniso, kutuswa ukuba kufundwe incwadi yesibili ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, ngisho noma umfundi omusha esebhapathiziwe.
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo Anezilimi Ezihlukahlukene:
The Bible—A Book of Fact and Prophecy (dvbbl-DVC) —ngesi-Arabhu, isiDashi, isiMalagasy, isiNgisi, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu) nangeSpanishi (Kuyi-DVD eyodwa)