Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda May 15
“Ungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Funda umbuzo osesembozweni, bese ulindela impendulo.] IBhayibheli lisinikeza isizathu sokuba nethemba. [Funda uMathewu 6:9, 10.] Lo magazini uchaza indlela uMbuso kaNkulunkulu oyokwenza ngayo ukuba intando yakhe yenzeke emhlabeni.”
Phaphama! May
“Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu wazinquma kusengaphambili izenzo zethu nesigcino sethu? [Lindela impendulo.] Ngokwaleli vesi leBhayibheli, uNkulunkulu uvumela abantu ukuba bazikhethele indlela abayophila ngayo. [Funda uDuteronomi 30:19.] Lesi sihloko sibonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngale ndaba.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 12.
INqabayokulinda June 1
“Cishe zonke izinsuku sizwa izindaba zabantu abenza izinto ezimbi. [Yisho isibonelo samuva esaziwayo endaweni yakini.] Wake wazibuza ukuthi akhona yini amandla amabi angabonakali athonya abantu? [Lindela impendulo bese ufunda isAmbulo 12:12.] Lo magazini uchaza indlela esingazivikela ngayo ebubini.”
Phaphama! June
“Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngokushiwo yileli vesi. [Funda eyoku-1 Thimothewu 6:10.] Ngokubona kwakho, abantu abaphilela ukuthola imali nezinto ezibonakalayo bayalimala ngempela yini ngenxa yalokho? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza imiphumela emibi yokuphishekela ingcebo.”