Siyajabula Ngokuzikhandla Enkonzweni KaJehova!
1 Umphostoli uPawulu wayejabula ‘ngokusetshenziswa ngokuphelele’ ukuze afeze inkonzo yakhe yobuKristu. (2 Kor. 12:15) Ngokufanayo namuhla, amaKristu amaningi asebenza ngenkuthalo njengamaphayona. Abanye abanomthwalo onzima womkhaya bahlela isikhathi sokuhlanganyela enkonzweni isonto ngalinye nakuba bematasa. Abanye abanezinkinga ezinkulu zempilo basebenzisa amandla abo alinganiselwe ukuze bathuthukise izinto eziphathelene noMbuso. Yeka ukuthi kukhuthaza kangakanani ukubona abantu bakaJehova, kungakhathaliseki iminyaka yabo yobudala noma izimo zabo, bezikhandla enkonzweni kaJehova!
2 Uthando Ngomakhelwane: Ukubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nomakhelwane ngokwenza konke esingakwenza ukuze sikhonze uJehova kusenza sibe nonembeza omuhle. Ngenxa yokuthi uPawulu wanikela ngomphefumulo wakhe ekuhlanganyeleni nabanye izindaba ezinhle, wayengasho ngenjabulo athi: “Ngicela ukuba nibe ngofakazi kulo kanye lolu suku bokuthi ngimsulwa egazini labo bonke abantu.” (IzE. 20:24, 26; 1 Thes. 2:8) Ukuhlanganyela enkonzweni ngokwezinga izimo zethu ezisivumela ngalo kuyosivikela ecaleni legazi.—Hez. 3:18-21.
3 Ukuzikhandla ukuze sisize abanye kusilethela injabulo. (IzE. 20:35) Omunye umzalwane wathi: “Yiqiniso, lapho kuhlwa futhi sengibuyela ekhaya ngemva kokusebenza usuku lonke enkonzweni kaJehova, ngizizwa ngikhathele. Kodwa ngiyajabula, futhi ngiyambonga uJehova ngokunginikeza injabulo engingenakuyiphucwa muntu.”
4 Uthando NgoNkulunkulu: Isizathu esibaluleke kunazo zonke sokuzikhandla enkonzweni kaJehova siwukuthi kujabulisa uBaba wethu wasezulwini. Uthando ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba silalele imiyalo yakhe, ehlanganisa ukushumayela nokwenza abafundi. (1 Joh. 5:3) Ngisho noma abantu bengasinaki noma besiphikisa, siqhubeka ngenjabulo sizikhandla enkonzweni kaJehova.
5 Manje akusona isikhathi sokuyekethisa. Siphila esikhathini sokuvuna. (Math. 9:37) Umlimi usebenza isikhathi eside ngesikhathi sokuvuna ngoba unesikhathi esilinganiselwe sokuqoqa isivuno ngaphambi kokuba sonakale. Silinganiselwe nesikhathi esisinikeziwe somsebenzi wokuvuna okungokomoya. Kwangathi singaqhubeka sizikhandla ngamandla enkonzweni, sikhumbula isikhathi esiphila kuso.—Luka 13:24; 1 Kor. 7:29-31.