Umzamo Obumbene Womhlaba Wonke Wokumemezela UMhlangano Wesigodi Othi “Landela UKristu!”
Abamemezeli Bazophinde Basakaze Isimemo Esikhethekile
1 Nyakenye umkhankaso womhlaba wonke wokumemezela uMhlangano Wesigodi othi “Ukukhululwa Kuseduze!” waba nethonya elinamandla kwabathakazelayo. Labo abamukela lesi simemo esikhethekile futhi baya emhlanganweni bazibonela ngokokuqala ngqa ukuthi kunjani ukuba sedilini elicebile elingokomoya loFakazi BakaJehova. (Isaya 65:13) Bajabulela ubudlelwane nabazalwane bethu abangamaKristu abanobunye nemfudumalo. (IHu. 133:1) Ukuze sisize abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe khona eMhlanganweni Wesigodi othi “Landela UKristu!,” sizophinda sisakaze isimemo esikhethekile emhlabeni wonke.
2 Imiphumela Yanyakenye: Ngokwemibiko evela kuzo zonke izingxenye zomhlaba, kwaba nemiphumela emihle kakhulu lapho kumenyezelwa uMhlangano Wesigodi othi “Ukukhululwa Kuseduze!” Ezindaweni eziningi kwaba nemibiko emihle ngathi. Ngokwesibonelo, kwelinye idolobha, iphephandaba elithile lanyathelisa isihloko esinezinhlu eziyisithupha ngalo mkhankaso, lathi: “Ukuze bafinyelele bonke abantu kusenesikhathi, oFakazi baye benza umzamo othé xaxa endaweni—basebenza amahora amaningi, behamba amabanga amade, futhi bengachithi isikhathi lapho bekhuluma.” Lo mkhankaso wokusakazwa kwesimemo owawuhlelwe kahle wadonsa isithakazelo sabemithombo yezindaba kwelinye idolobha, wenza bakhuluma kakhulu ngawo. Okungenani amaphephandaba amathathu anyathelisa imibiko emihle ngomsebenzi wethu ngaphambi komhlangano. Intatheli ethile yabhala izihloko eziningana eziningilizayo ezinamakhasi angaphezu kwamabili ephephandabeni elithile langeSonto. Lachaza ngezinkolelo zethu, ubuzalwane, ukusakazwa kwesimemo nangomhlangano. Lapho ummemezeli othile ehambisa isimemo, umninikhaya wamngena emlonyeni, wathi, “Yebo. Bengisafunda ngalokho ephephandabeni!” Omunye umninikhaya wathi: “Bengifunda ngani nje manje, nakhu senifika! Ingabe yisimemo sami leso?” Wabe esenezela, “Yinto enhle kakhulu lena eyenziwa oFakazi BakaJehova.”
3 Abantu abaningi abathakazelayo babonakala beya ezindaweni zemihlangano bephethe izimemo. Abanye abathakazelayo beza ngezimoto besuka emadolobheni akude bezothamela umhlangano. Imizamo yethu yenkuthalo yokumema abanye yakhuphula isibalo sababa khona, ngoba kwelinye izwe isibalo sababekhona emhlanganweni senyuka ngamaphesenti angu-27 kwesangonyaka owandulele.
4 Ukuhlanganiswa Kwensimu: Ningase niqale ukusakaza isimemo emasontweni amathathu ngaphambi kokuba kuqale umhlangano wenu. Kufanele kwenziwe konke okusemandleni ukuze kuhlanganiswe yonke insimu yebandla. Emabandleni anensimu enkulu, abamemezeli bangashiya isimemo endaweni esithekile emizini okungekho bantu kuyo phakathi nesonto lokugcina ngaphambi komhlangano wesigodi. Amabandla kufanele enze umzamo wokuzihambisa zonke izimemo futhi ahlanganise insimu enkulu ngangokunokwenzeka. Izimemo ezisele zinganikwa amaphayona ebandleni.
5 Ongakusho: Ungase usho okunjengalokhu: “Sisemkhankasweni womhlaba wonke wokusakaza lesi simemo sesenzakalo esibalulekile esisondelayo. Nasi esakho. Eminye imininingwane uzoyithola kuso isimemo.” Ukufushanisa ingxoxo kuyosisiza sisakaze eziningi ngangokunokwenzeka. Kodwa-ke, uma umninikhaya enemibuzo, zinike isikhathi sokuyiphendula. Lapho kunomuntu obonisa isithakazelo, mbhale phansi bese ubuyela kuye ngokushesha.
6 Yeka indlela okubaluleke ngayo ukulwela ukulandela uKristu! (Joh. 3:36) Umhlangano wethu wesigodi ozayo uzosiza bonke abayoba khona ukuba benze kanjalo. Ngokuqinisekile singalindela ukuthi kuyonikezwa ubufakazi obukhulu ngenxa yalo mkhankaso obumbene wokumemezela uMhlangano Wesigodi othi “Landela UKristu!” Ngakho-ke, kushisekele ukumema abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe khona. Kwangathi uJehova angayibusisa ngokucebile imizamo yakho njengoba uhlanganyela kulo mkhankaso wobunye womhlaba wonke.