Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/13 k. 5
  • Umkhankaso Onezithelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umkhankaso Onezithelo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimemo Esiqondile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Umkhankaso Wokuhambisa Isimemo SoMhlangano Wesifunda
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Isimemo Esikhethekile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Umzamo Obumbene Womhlaba Wonke Wokumemezela UMhlangano Wesigodi Othi “Landela UKristu!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 4/13 k. 5

Umkhankaso Onezithelo

Amabandla azophinde ahlanganyele emkhankasweni wokumema abantu abathakazelayo ensimini ukuba babe khona emhlanganweni wesigodi, kusasele amasonto amathathu ngaphambi komhlangano. Kunesizathu esihle sokuba nalo mkhankaso waminyaka yonke. Labo abamukela isimemo futhi beze emhlanganweni, ngokuvamile zibahlaba umxhwele izinkulumo ezingokomBhalo, ukuhlelwa kahle kweminyango esekelwa nje izisebenzi zokuzithandela, ukuziphatha kahle kanye nobunye esibubonisayo. (IHu. 110:3; 133:1; Isaya 65:13, 14) Ngisho noma kunjalo, ingabe umkhankaso wethu unazo izithelo, ikakhulukazi lapho abantu abathakazelayo kufanele bahambe khona ibanga elide ukuze babe khona emhlanganweni?

Ngemva komhlangano wesigodi ka-2011, ihhovisi legatsha lathola incwadi evela kowesifazane owayethole isimemo sishiywe emnyango wakwakhe. Wayevame ukucasha uma ezwa oFakazi BakaJehova bengqongqoza. Nakhu akusho: “Nginomuzi omuhle, umyeni okahle, futhi bengicabanga ukuthi nginayo yonke into engangenza ngijabule. Ngokudabukisayo, bengilokhu ngingajabule futhi ukuphila kwami bekungenayo ngempela injongo. Ngakho nginqume ukuhamba ibanga elingamakhilomitha angu-320 ngemoto ukuze ngibe khona esimisweni sangoMgqibelo.” Umhlangawo wawujabulela kangangokuba waze washayela umyeni wakhe ucingo emtshela ukuthi wayezolala emhlanganweni ukuze athole nesimiso sangeSonto. Uthi: “Ngazilalela zonke izinkulumo, ngahlangana noFakazi BakaJehova abaningi, ngabe senginquma ukuthi angifuni ukuba lokhu kunqamuke.” Ngemva kokuba ephindele ekhaya, waqala ukufunda futhi ngemva kwezinyanga ezine waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Uthi: “Ngijabula kakhulu ngokuthi ngathola leso simemo kwami, ngoba manje ukuphila kwami sekunenjongo ngempela!”

Abanye abathole isimemo bayoba khona. Ngakho-ke, hlanganyela ngentshiseko kulo mkhankaso obalulekile. Noma iziphi izimemo ezisele yiya nazo emhlanganweni futhi uzisebenzise lapho ufakaza ngokwethukela.

[Ibhokisi ekhasini 5]

Siyosihambisa Kanjani Isimemo?

Ukuze sihlanganise ingxenye enkulu yensimu yethu, kufanele sishaye ngamafuphi. Singase sithi: “Sawubona. Sihlanganyela emkhankasweni womhlaba wonke wokusakaza lesi simemo. Nasi esakho. Uzozitholela imininingwane eyengeziwe kuso.” Yiba nomdlandla. Lapho nihambisa izimemo ngezimpelasonto, kufanele sihambise nomagazini uma kufaneleka.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela