Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokumemezela Umhlangano Wesigodi Othi “Ukukhululwa Kuseduze!”
Abamemezeli Ebandleni Ngalinye Bayosakaza Isimemo Esikhethekile
1 Kusukela entwasahlobo ka-2006 eNyakatho Nenkabazwe futhi kuqhubeke kuze kuphele uchungechunge lwemihlangano yesigodi emhlabeni wonke, kuyoba nomkhankaso womhlaba wonke wokumemezela le mihlangano ezoqhutshwa emazweni angaba ngu-155 kusetshenziswa isimemo esikhethekile. Lo mkhankaso uyohlanganisa nemihlangano yesigodi ekhethekile eyoba seJalimane, eCzech Republic nasePoland phakathi no-July nangesonto lokuqala ku-August 2006.
2 Ngenxa yokuthi siphila ekupheleni kwalesi sikhathi sokugcina, le mihlangano, egcizelela ukukhululwa esikuthenjiswe uNkulunkulu kulesi simiso esibi, kufanele ibakhange abantu abathambekele ngokufanele. Lesi sigijimi kufanele sibashukumisele ukuba bacabange ukuthi ikusasa liquketheni. Ukuze amashumi ezigidi abe nethuba lokuzwa lesi sigijimi senduduzo nethemba, amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-98 000 emhlabeni wonke akhuthazwa ukuba ahlanganyele ngentshiseko ekumemezeleni lo mhlangano okumenyelwa kuwo laba bantu.
3 Amabandla ayothunyelelwa izimemo ezanele ukuze ummemezeli ngamunye athole ezingaba ngu-30. Noma yiziphi ezisalayo zingasetshenziswa amaphayona ebandleni. Ebandleni ngalinye, umkhankaso uyoqala emasontweni amathathu ngaphambi kosuku lokuqala lomhlangano ibandla elabelwe kuwo. Lokhu kufanele kubanike isikhathi esanele abaningi, uma kungebona bonke, abasensimini yebandla.
4 Uma kungenzeka, kutuswa ukuba lezi zimemo zinikezwe umninikhaya ngamunye ngokuqondile. Nokho, uma abanye bengekho ekhaya, isimemo singafakwa endaweni esithekile ngaphansi komnyango. Kufanele kwenziwe umzamo wenkuthalo wokusakaza zonke izimemo phakathi nala masonto amathathu.
5 Siyaqiniseka ukuthi kuyonikezwa ubufakazi obukhulu ngenxa yalo mkhankaso womhlaba wonke wokumemezela uMhlangano Wesigodi othi “Ukukhululwa Kuseduze!” njengoba kuchazwe kulesi sihloko. Sithandazela ukuba uJehova anibusise ngokucebile emizamweni yenu yokuhlanganyela kulo mkhankaso womhlaba wonke.