Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/07 k. 1
  • “Anginasithakazelo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Anginasithakazelo”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qaphela Ukufundisa Kwakho Njalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Usabela Kanjani Lapho Unganakwa?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuvumelana Nezimo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indlela Ongalondoloza Ngayo Injabulo Enkonzweni Yesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 1/07 k. 1

“Anginasithakazelo”

1 Yile ndlela abantu abavame ukusabela ngayo esigijimini sethu kwezinye izindawo. Yini eyosisiza ukuba sigweme ukudikibala lapho sihlangabezana nokunganaki kwabantu ensimini? Singakwazi kanjani ukubenza babe nesithakazelo ezindabeni ezinhle?

2 Londoloza Injabulo: Ukukhumbula ukuthi kungani abantu abaningi bengasinaki kuyosisiza ukuba silondoloze injabulo. Abantu abafundiswe imfundiso yokuziphendukela kwemvelo noma abakhulele emphakathini othi uNkulunkulu akekho kungenzeka ukuthi abakaze bacabange ngokubaluleka kweBhayibheli. Abanye kungenzeka badunyazwé ubuzenzisi ababubone enkolweni. Abanye bangase banganaki ngoba bekhungathekile futhi bengenathemba. (Efe. 2:12) Abanye ‘abanaki’ ngoba besindwa izinkathazo zokuphila.—Math. 24:37-39.

3 Kungakhathaliseki ukuthi abanye abasabeli kahle, ukwazi ukuthi imizamo yethu ikhazimulisa uJehova kungasenza sithole injabulo enkonzweni. (1 Pet. 4:11) Ngaphezu kwalokho, ukukhuluma ngeqiniso, ngisho nanabantu abangakalazisi, kuqinisa ukholo lwethu. Masilwele ukubheka abantu abasensimini yethu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Wabadabukela abantu baseNineve ‘ababengawazi nhlobo umehluko phakathi kwesandla sabo sokunene nesobunxele.’ (Jona 4:11) Abantu abasensimini yethu bayazidinga izindaba ezinhle! Ngakho, akufanele siphele amandla kodwa kufanele sifune izindlela zokubenza babe nesithakazelo esigijimini seBhayibheli.

4 Khuluma Ngezinto Ezikhathaza Abantu Bendawo: Mhlawumbe esethulweni sakho ungase ukhulume ngodaba olukhathaza abantu bendawo bese ucela umninikhaya ukuba aveze uvo lwakhe ngalo. Mlalele lapho ekhuluma, bese umbonisa isigijimi seBhayibheli esiduduzayo esivumelana nokumkhathazayo. Ngemva kwenhlekelele ethile eyenzeka endaweni, omunye uFakazi wayesho amazwi aqotho abonisa ukuthi uzwelana nabantu lapho eshumayela endlini ngendlu. Wathi: “Kungazelelwe, abantu baqala ukukhuluma. Ngaxoxa kamnandi nabaningi ngalolo suku ngoba ngabonisa isithakazelo kubo.”

5 Inkinga ngayinye isintu esibhekene nayo iyoxazululwa uMbuso kaNkulunkulu. Zama ukuthola leyo ekhathaza umninikhaya kakhulu. Angase akuvumele ukuba umchazele isigijimi seBhayibheli sethemba. Uma engakuvumeli, angase ajabulele ukulalela “nangesinye isikhathi.”—IzE. 17:32.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela