Uthando—Isihluthulelo Senkonzo Ethelayo
1 “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” (Math. 11:28) La mazwi amnandi abonisa uthando olujulile uJesu analo ngabantu. Njengezikhonzi ezingamaKristu, sifisa ukulingisa uJesu ngokubonisa uthando lwethu ngabantu abakhandlwe yizwe elingenaluthando. Singakwenza kanjani lokho njengoba sishumayela izindaba ezinhle?
2 Ngamazwi: Uthando ngabantu lwashukumisela uJesu ukuba asebenzise wonke amathuba ukuze axoxe nabanye ngezindaba ezinhle. (Joh. 4:7-14) Uthando luyosisiza ukuba sinqobe umuzwa wokunqikaza ukushumayela ngokwethukela. Intombazanyana ethile eneminyaka eyisithupha yanikeza ubufakazi obuhle kowesifazane owayehlezi eduze kwayo egumbini lokulinda lezokwelapha. Yashukunyiswa yini? Yachaza, “Lo mama wayebonakala edinga ulwazi ngoJehova.”
3 Singabonisa ukuthi sinesithakazelo kubantu ngokumamatheka ngobuqotho nangomusa nangokukhuluma ngezwi elinobungane. Ukulalelisisa lapho abanye bekhuluma, sizwelane nabo kulokho okubakhathazayo futhi sibonise ukuthi sinesithakazelo esiqotho kubo, nakho kuyobonisa uthando. (IzAga 15:23) Njengoba silingisa uJesu, kufanele siqokomise isigijimi soMbuso esikhuthazayo nobubele bothando uJehova anabo ngabantu.—Math. 24:14; Luka 4:18.
4 Ngezenzo: UJesu wayezikhathalela izidingo zabanye futhi abasize ngezindlela ezingokoqobo. (Math. 15:32) Nathi singase sibe namathuba okwenza izenzo zomusa wothando lapho sisenkonzweni. Omunye udade wabona owesifazane othile owayesocingweni kodwa engawuqondi kahle umyalezo obalulekile ayewutshelwa. Udadewethu wacela ukumsiza ngokumhumushela. Lesi senzo sothando savula ithuba lengxoxo engokomBhalo eyasiza lona wesifazane ukuba amukele isifundo seBhayibheli. Kwesinye isenzakalo, umzalwane owayenza impindelo wathola umninikhaya eshikiliswa usofa owawubambeke phakathi nomnyango. Ngemva kokumbonisa umusa ngokumsiza, lo mzalwane wahlala kuwo lowo sofa waqala isifundo seBhayibheli nale ndoda eyayisijabule.
5 Njengoba sihlanganyela enkonzweni, sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu nomakhelwane. (Math. 22:36-40) Ukubonisa lokhu ngamazwi nangezenzo kusiza abanhliziyo ziqotho babone ukuthi lena yinkolo yeqiniso.