Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/07 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-January 8
  • Isonto Eliqala Ngo-January 15
  • Isonto Eliqala Ngo-January 22
  • Isonto Eliqala Ngo-January 29
  • Isonto Eliqala Ngo-February 5
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 1/07 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-January 8

INgoma 12

10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhuthaze bonke ukuba babuke i-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge belungiselela ingxoxo ezoba seMhlanganweni Wenkonzo wangesonto lika-January 22. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-January 15 ne-Phaphama! ka-January. Komunye wemiboniso, makuboniswe indlela yokuphendula umuntu ofuna ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Ngimatasatasa.”—Bheka incwadi Ukubonisana, kk. 19-20.

15 imiz: Zuza Kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esanduleleni sencwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2007. Xoxa ngokuthi sonke kudingeka sizinike imizuzu embalwa usuku ngalunye sicabangele itekisi losuku nokukhulunyelwa kwalo. Hlela kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili bakhulume ngesimiso sabo sokufunda itekisi losuku nendlela abaye bazuza ngayo. Phetha ngokuxoxa kafushane ngesihloko sonyaka ka-2007.

20 imiz: Finyelela Wonke Umuntu Ngezindaba Ezinhle. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, ikhasi 92 kuya esihlokwaneni esisekhasini 102.

INgoma 165 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 15

INgoma 93

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.

15 imiz: Bukeza nezilaleli amaphuzu ayinhloko encwadi yango-February 16, 2005 neyango-February 1, 2006 ezimaqondana nohlelo olusha lwezifundo zesikole. Khuthaza abazali abanezingane ezisafunda isikole ukuba baxoxe nothisha mayelana nokuma kwezingane zabo.

20 imiz: “Anginasithakazelo.”a Lapho nixoxa ngesigaba 4, buza izilaleli ukuthi iziphi izinto ezikhathaza abantu ensimini yakini. Makube nemiboniso emibili emifushane ebonisa indlela yokuphendula umuntu ofuna ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Anginasithakazelo.”—Bheka incwadi Ukubonisana, k. 16.

INgoma 135 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 22

INgoma 224

10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nencwadi evela eNhlanganweni ebonga iminikelo. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-February 1 ne-Phaphama! ka-February. Komunye wemiboniso, makuboniswe indlela yokwenza impindelo kumuntu ongumzila kamagazini.

10 imiz: Izidingo zebandla.

25 imiz: “Ukwelapha Kwezinga Eliphakeme Kakhulu—Kuyini?” Kufanele isingathwe umdala. Ngaphandle kokuchitha isikhathi xoxa nezilaleli nge-video ethi No Blood, usebenzise imibuzo esesihlokweni. Phetha ngokufunda isigaba sokugcina futhi ubakhuthaze bonke ukuba babukeze ngokucophelela izihloko ze-Nqabayokulinda ezikhonjiwe.

INgoma 188 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 29

INgoma 55

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini yango-January. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-February, futhi kube nomboniso wokuhanjiswa kwayo.

15 imiz: “Ukulungele Yini Ukugadla Kwenhlekelele Engokwemvelo?”b Kufanele isingathwe umdala. Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2005, ikhasi 3.

20 imiz: “Kufanele Ngizibheke Kanjani Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokwelapha Ezihilela Ukusetshenziswa Kwegazi Lami?”c Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo kanye nomboniso. Umdala osingatha le ngxenye kufanele anamathele ohlakeni oluvela ehhovisi legatsha.

INgoma 137 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-February 5

INgoma 3

10 imiz: Izaziso zebandla.

15 imiz: Mina Ngiyilokhu! Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Enye intsha imadolonzima ukuziveza ukuthi ingoFakazi BakaJehova ngoba yesaba ukugconwa ontanga. Nokho, kunezizathu ezinhle zokuziveza ukuthi ungubani. Othisha abazaziyo izinkolelo zakho bangase bathambekele ekuzihlonipheni futhi ngeke baphikelele ekutheni uhlanganyele ezintweni ezingafanele. Kuyoba nzima ngentsha engenasimilo ukukumema ukuba uhlanganyele nayo ekuziphatheni okubi. Abanye bayoziqonda kalula izinqumo zakho ezindabeni ezinjengokuthandana noma ukuhlanganyela emidlalweni yesikole neminye imisebenzi yangemva kwesikole. Luyoncipha novalo lokufakaza esikoleni noma lokuhlangana nofunda nabo ekilasini ngenkathi ushumayela ensimini. (g02-ZU 4/8 k. 16) Cela abamemezeli ukuba basho indlela abazuza ngayo ngokuziveza ukuthi bangoFakazi BakaJehova esikoleni. Ungahlela noyedwa noma nababili kusengaphambili.

20 imiz: “Uthando—Isihluthulelo Senkonzo Ethelayo.”d Hlanganisa nokushiwo INqabayokulinda ka-February 1, 2003, ikhasi 23, izigaba 16-17.

INgoma 83 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela